Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izifundo Esizithola Ekuphileni KukaSamuweli

Izifundo Esizithola Ekuphileni KukaSamuweli

USamuweli wahlala ethembekile kuJehova ukuphila kwakhe konke. Esengumfana, akazange athonywe ukukhohlakala njengamadodana ka-Eli, uHofini noFinehasi. (1Sa 2:22-26) USamuweli waqhubeka ekhula futhi uJehova wayelokhu enaye. (1Sa 3:19) Lapho esemdala, waqhubeka ehamba endleleni kaJehova, nakuba amadodana akhe engazange enze kanjalo.​—1Sa 8:1-5.

Singafundani esibonelweni sikaSamuweli? Uma usemncane, qiniseka ngokuthi uJehova uyaziqonda izinkinga obhekene nazo nendlela ozizwa ngayo. Uzokusiza ube nesibindi. (Isay 41:10, 13) Uma unengane eshiye uJehova, ungaduduzeka ngokwazi ukuthi uSamuweli wayengeke aphoqe amadodana akhe ayesekhulile ukuba ahlale eqotho ezimisweni zikaJehova. Njengoba ayeshiyele konke kuJehova, waqhubeka eqotho, ejabulisa uYise osezulwini, uJehova. Mhlawumbe isibonelo sakho esihle siyomthinta umntwana wakho, aphinde akhonze uJehova.

BUKELANI IVIDIYO ETHI FUNDA KUBO​—USAMUWELI, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • USamuweli wasibonisa kanjani isibindi lapho esengumfana?

  • UNtobeko wasibonisa kanjani isibindi?

  • USamuweli waba kanjani isibonelo esihle njengendoda endala?

  • UJehova uyabasekela labo abahlale bekumelela lokho okulungile

    Abazali bakaNtobeko baba kanjani isibonelo esihle?