March 7-13
ESTERI 6-10
INgoma 131 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“U-Esteri Wazidela Ngenxa KaJehova Nabantu Bakhe”: (10 imiz.)
Est 8:3, 4—Nakuba u-Esteri ayelondekile, wafaka ukuphila kwakhe engozini ngenxa yabanye (ia 142 ¶24-25)
Est 8:5—U-Esteri wakhuluma no-Ahashiveroshi ngekhono (w06 3/1 11 ¶8)
Est 8:17—Abantu abaningi baguqukela ebuJudeni (w06 3/1 11 ¶3)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Est 8:1, 2—Sagcwaliseka kanjani isiprofetho esashiwo uJakobe esokhukhweni lokufa mayelana ‘nokuhlukanisa kukaBhenjamini impango ebusuku’? (ia 142, ibhokisi)
Est 9:10, 15, 16—Nakuba umyalo wawugunyaza amaJuda ukuba azithathele impango, kungani engazange akwenze lokho? (w06 3/1 11 ¶4)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kungifundisani ngoJehova?
Yimaphi amaphuzu akulokhu kufundwa kweBhayibheli engingawasebenzisa enkonzweni yasensimini?
Ukufundwa KweBhayibheli: Est 8:1-9 (4 imiz. noma ngaphansi)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala i-video ngayinye yentshumayelo esikiselwe, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Ngemva kwalokho, xoxani ngesihloko esithi “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuzakhela Intshumayelo Yakho Kamagazini.”
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Yamukela Abasivakashele”: (15 imiz.) Ingxoxo. Cela abamemezeli balandise okuhlangenwe nakho okuhle abakuthola ngokuthatha isinyathelo sokwamukela izivakashi ezazize eSikhumbuzweni ngokudlule. Makube nabalingisa okuhlangenwe nakho okuvelele.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: ia isahl. 10 ¶12-21, nokubukezwa kwesahluko (30 imiz.)
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 147 Nomthandazo