Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UPetru noJohane balungisa ikamelo eliphezulu okuzogujelwa kulo iPhasika ngo-33 C.E.

KUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingabe Ulungiselela ISikhumbuzo?

Ingabe Ulungiselela ISikhumbuzo?

IPhasika lokugcina likaJesu lalizoba elibalulekile. Ngenxa yokuthi ukufa kwakhe kwakusondela, wahlela ukudla isidlo sePhasika nabaphostoli bakhe futhi wabatshela ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa, okwakuzomelwe sigcinwe minyaka yonke. Ngakho wathuma uPetru noJohane ukuba balungise ikamelo. (Luk 22:7-13; bheka isithombe esisesembozweni.) Lokhu kusikhumbuza ukubaluleka kokulungiselela iSikhumbuzo ngoMashi 27. Cishe amabandla asewenzile amalungiselelo anjengokuthola isikhulumi, izifanekiselo nokunye. Noma kunjalo, yini umuntu ngamunye angayenza ukuze alungele iSikhumbuzo?

Lungiselela Inhliziyo. Funda futhi ucabangisise ngokufundwa kweBhayibheli kwangeSikhumbuzo. Ishejuli yako ingatholakala encwadini ethi, Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Ishejuli enemininingwane eminingi iyatholakala enguqulweni ethi IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele kusithasiselo B12. (Bheka neNcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo ka-Ephreli 2020.) Imindeni ingathola ulwazi engalusebenzisa ekukhulekeleni komkhaya oluphathelene nokubaluleka kwesihlengo ngokuhlola ku-Watch Tower Publications Index noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova.

Mema abanye. Hlanganyela ngokugcwele emkhankasweni wokumema. Cabanga ngalabo ongase ubameme, njengalabo obuzophindela kubo, oke wafunda nabo iBhayibheli, obajwayele nezihlobo. Abadala kumelwe baqiniseke ukuthi bayabamema abapholile. Khumbula, uma othile engahlali endaweni yangakini, ungasithola isikhathi nendawo iSikhumbuzo esizoba kuyo ngakubo ngokuchofoza ibhathini elithi MAYELANA NATHI eliphezulu kwesokudla ku-jw.org bese ukhetha “ISikhumbuzo.”

Yini enye esingayenza ukuze sisilungiselele?