Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bangobani Abangane Bakho Ezinkundleni Zokuxhumana?

Bangobani Abangane Bakho Ezinkundleni Zokuxhumana?

Umngane uchazwa ngokuthi “umuntu osondelene nomunye ngenxa yokumthanda noma yokumazisa.” Ngokwesibonelo, uJonathani noDavide baba abangane abangamathe nolimi ngemva kokuba uDavide ebulale uGoliyati. (1Sa 18:1) Bobabili babenezimfanelo ezenza bathandana. Ngakho, ubungane bangempela busekelwe ekumazini kahle umuntu. Ukwazi omunye umuntu kuthatha isikhathi futhi kudinga ukuzikhandla. Noma kunjalo, ezinkundleni zokuxhumana, abantu bangaba abangane nje ngegama ngokuchofoza ibhathini. Kulula ukuba abantu bazifihle lokho abayikho ngenxa yokuthi ku-inthanethi bakukhetha kahle abazokusho futhi ngezinga elithile bayayilawula indlela abantu abafuna bababheke ngayo. Ngenxa yalokho, kuhle ukuba ‘nesimiso sokwakha ubungane.’ Ungesabi ukwenqaba noma ukubaziba abathile lapho befuna ukuba umngane nawe ngenxa nje yokuthi usaba ukubazwisa ubuhlungu. Abanye bangase bakhethe ukungazisebenzisi izinkundla zokuxhumana ngenxa yezingozi ezingase zibe khona. Uma ukhetha ukuzisebenzisa izinkundla zokuxhumana, yini okufanele uhlale uyikhumbula?

BUKELANI IVIDIYO ETHI HLAKANIPHA LAPHO USEBENZISA IZINGOSI ZOKUXHUMANA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini okufanele uyicabange ngaphambi kokuba uphawule futhi ufake izithombe zakho ezinkundleni zokuxhumana?

  • Kungani kufanele ubakhethe ngokucophelela abangane ezinkundleni zokuxhumana?

  • Kungani kufanele ugade ukuthi awuchithi isikhathi eside ezinkundleni zokuxhumana?​—Efe 5:15, 16