AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Impi IngekaJehova”
Ukholo lukaDavide kuJehova lwalusekelwe olwazini ayenalo nakulokho ayeke abhekana nakho ekuphileni (1Sa 17:36, 37; wp16.5 11 ¶2-3)
UDavide akazange aziqhathanise noGoliyati kunalokho waqhathanisa uGoliyati noJehova (1Sa 17:45-47; wp16.5 11-12)
UJehova wenza uDavide wanqoba isitha sakhe esinamandla nesethusayo (1Sa 17:48-50; wp16.5 12 ¶4; bheka isithombe esisesembozweni)
Ngezinye izikhathi, singase sibhekane nezinkinga ezinkulu, njengokushushiswa noma ukunqoba umkhuba omubi. Lapho izinkinga zibonakala zizinkulu, kumelwe sikhumbule ukuthi zincane uma ziqhathaniswa namandla kaJehova angenamkhawulo.—Job 42:1, 2.