YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO
Fundisa Ofunda Nabo IBhayibheli Ukuba Bazifundele NgoNkulunkulu
Ukuze sibasize bazi ngoJehova futhi babe ngamaKristu avuthiwe, abantu esibafundela iBhayibheli kumelwe bafunde okwengeziwe kunokwazi nje amaqiniso esibafundisa wona. (Mat 5:3; Heb 5:12–6:2) Kumelwe bafunde ukuba bazifundele bona ngoNkulunkulu.
Lapho niqala nje ukufunda, bonisa ofunda nabo iBhayibheli indlela yokulungiselela bese ubakhuthaza ukuba baqhubeke bekwenza. (mwb18.03 6) Bakhuthaze ukuba bathandaze njalo ngaphambi kokuba bafunde lapho bebodwa. Basize ngokubabonisa indlela abangathola ngayo amathuluzi okutadisha akuyiwebusayithi. Bachazele ukuthi bangakuhlola kanjani njalo okwakamuva okutholakala ku-jw.org naku-JW Broadcasting®. Qhubeka ubafundisa ukuba bafunde iBhayibheli nsuku zonke, ukulungiselela imihlangano yebandla nokucwaninga ukuze bafune izimpendulo zemibuzo yabo. Basize bazindle ngalokho abakufundayo.
BUKELANI IVIDIYO ETHI SIZA LABO OBAFUNDELA IBHAYIBHELI BAZIFUNDELE NGONKULUNKULU, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
UNonto wamsiza kanjani uMbali ukuze abone ukuthi ukutadisha akusho nje ukwazi izimpendulo kuphela?
-
Yini eyasiza uMbali waqiniseka ukuthi uJehova unelungelo lokwenqabela ukuziphatha kabi ngokocansi?
-
Yini uMbali ayiqonda mayelana nokuzindla?