Novemba 15-21
JOSHUWA 23-24
Ingoma 50 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UJoshuwa Weluleka Isizwe Okokugcina”: (10 imiz.)
Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Jos 24:2—Ingabe ubaba ka-Abrahama, uThera, wayekhonza izithombe? (w04 12/1 12 ¶1)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye ongathanda ukusixoxela ngakho?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz.) Jos 24:19-33 (th isifundo 11)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz.) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Phendula umuntu ophikisa ngendlela evamile endaweni. (th isifundo 2)
Lapho Ubuyela Koxoxe Naye: (4 imiz.) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Nikeza umninikhaya incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! (th isifundo 20)
Esifundweni SeBhayibheli: (5 imiz.) lffi isifundo 01 ukubuyekeza, ufundeni? nomgomo (th isifundo 3)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Gwema Abangane Ababi Emsebenzini: (7 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Gwema Izinto Eziphazamisa Ubuqotho—Abangane Ababi. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo: Abangane ababi baba namuphi umthelela omubi kudade emsebenzini? Yiluphi ushintsho alwenza futhi lokho kwamsiza kanjani? Le vidiyo ikufundisa ziphi izifundo mayelana nokugwema abangane ababi?
Thola Abangane Ezindaweni Ongazilindele: (8 imiz.) Ingxoxo. Dlala le vidiyo. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo: Iziphi izinkinga ezabangela u-Akil ukuba azihlanganise nabangane ababi esikoleni? Wabathola kanjani abangane abahle ebandleni? Le vidiyo ikufundisa ziphi izifundo mayelana nokuthola abangane abahle?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) rr isahl. 16 ¶1-8 nevidiyo eyisethulo
Amazwi Okuphetha (3 imiz.)
Ingoma 39 Nomthandazo