IDOMINICAN REPUBLIC
Wayeyisishoshovu Esingakholelwa KuNkulunkulu Manje Useyinceku Yakhe
UJuan Crispín
-
UNYAKA AZALWA NGAWO 1944
-
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1964
-
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Owayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona usekhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka engu-50.
NGESIKHATHI ngiseyibhungu ngadunyazwa umlando wenkolo ogcwele inzondo. Ngangingaqondi nokuthi kungani uNkulunkulu engabuqedi ubumpofu nokungabi nabulungisa noma ukuthi kungani abantu abaningi kangaka abasontayo bengakwenzi okushiwo iBhayibheli. Ngakho ngaqala ukungakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, ngakholelwa ukuthi ukuvukela kwezombusazwe yikona okungalungisa umhlaba.
Ngo-1962, ngaqala ukufunda umagazini i-Phaphama! Kwathi ngo-1963 ngavuma ukufundelwa iBhayibheli oFakazi BakaJehova. Engakufunda kwaba nethonya elinamandla kimi. Ngaqonda ukuthi kwakungafanele kusolwe uNkulunkulu ngezenzo ezinonya ezenziwa amaqembu ezinkolo nokuthi unenjongo enhle ngesintu. Ngemva kwezinyanga ezimbili ngiqale ukufunda, ngaxoxela abanye ukuthi uMbuso kaNkulunkulu
uzothatha isikhundla salesi simiso esibi sezinto. Ngabhapathizwa ngo-1964, ngamiswa njengephayona elikhethekile ngo-1966. Ngikholelwa ukuthi iqiniso lasindisa ukuphila kwami ngoba izishoshovu eziningi enganginazo zafa ngesihluku, ezinye zaboshwa noma kwadingeka zibaleke. Ngiyambonga uJehova ngokuthi uye wangiguqula ekubeni ongakholelwa kuye nongenathemba, ngaba inceku yakhe, yena osithembisa izwe elisha lokulunga.