Ngawamukela Umbono KaNkulunkulu Ngegazi
Ngawamukela Umbono KaNkulunkulu Ngegazi
UDokotela Uxoxa Indaba Yakhe
NGANGISEGUMBINI lasesibhedlela okuhlanganelwa kulo, ngichazela iqembu lodokotela ngomphumela wokuhlolwa kwesidumbu. Isiguli esasishonile sasinesimila esibi, ngakho ngathi, “Singaphetha ngokuthi lesi siguli sibulawe ukonakala kwamangqamuzana abomvu egazi kanye nezinso okubangelwe ukumpontshelwa igazi eliningi.”
Omunye uprofesa wasukuma ecasukile wamemeza, “Usho ukuthi simfakele igazi elingahambisani naye?” Ngaphendula, “Akukhona lokho ebengikusho.” Ngababonisa izithombe eziveza izingxenyana zezinso zesiguli eskrinini, nganezela, “Siyazibona izicucwana zamangqamuzana abomvu egazi ezinsweni, okusho ukuthi singaphetha ngokuthi yilokho okonakalise izinso.” * Kwashuba, ngathuka kwaphela nasozwaneni. Nakuba ngangiwudokotela osemusha yena enguprofesa, ngangingazimisele ukugoba uphondo.
Ngenkathi lokhu kwenzeka, ngangingeyena uFakazi kaJehova. Ngazalwa ngo-1943 eSendai, edolobheni elisenyakatho yeJapane. Njengoba ubaba ayewudokotela ocwaninga ngezifo futhi esebenza nangezifo zengqondo, nganquma ukufundela ukuba udokotela. Ngesikhathi ngenza unyaka wesibili esikoleni sokufundela ukuba udokotela ngo-1970, ngashada nentokazi ebizwa ngokuthi uMasuko.
Ukungena Emkhakheni Wokucwaninga Ngezifo
UMasuko wayesebenza ukuze anakekele izidingo zethu njengoba ngangisaqedela ukufunda. Ngangiwuthanda kakhulu umkhakha wezokwelapha. Yayingimangaza indlela umzimba womuntu owenziwe kahle ngayo! Noma kunjalo, ngangingakaze ngicabange ukuthi ukhona uMdali. Ngangicabanga ukuthi ukucwaninga ngezokwelapha kungangenza ngijabule ekuphileni. Ngemva kokuba udokotela nganquma ukuqhubeka nezifundo zami zokwelapha, ngokungenela umkhakha wokucwaninga ngezifo—ukufunda ngembhangela yesifo, indlela ongasibona ngayo nangomphumela waso.
Ngesikhathi ngihlola imbangela yokufa kweziguli ezibulawe umdlavuza, ngaqala ukungabaza ukusebenza kahle kokumpontshelwa igazi. Iziguli ezinomdlavuza osesimweni esibi kakhulu, zingase zibe nesifo sokushoda kwegazi ngenxa yokopha. Ngenxa yokuthi ukwelashwa ngamakhemikhali kwenza umuntu ashodelwe igazi kakhulu, izikhathi eziningi odokotela bathi akafakelwe igazi. Nakuba kunjalo, ngasola ukuthi ukumpontshelwa igazi kungase kusabalalise umdlavuza emzimbeni. Kunoma yikuphi, kuyaziwa manje ukuthi ukumpontshelwa igazi kwenza amasosha omzimba abe buthaka okungase kwenze isimila siphinde sihlume bese kwenza zibe mbalwa iziguli ezinomdlavuza ezisindayo. *
Lokho engixoxe ngakho ekuqaleni kwenzeka ngo-1975. Uprofesa engikhulume ngaye uye owayelapha leso siguli futhi wayewudokotela wegazi. Yingakho phela athukuthela lapho engizwa ngithi ukumpontshelwa igazi yikona okwabulala isiguli. Nokho ngaqhubeka ngichaza futhi waya ngokuya ehlisa umoya.
Kungasekho Ukugula Noma Ukufa
Cishe kwakungaleso sikhathi lapho umkami evakashelwa owesifazane osekhulile onguFakazi kaJehova. Wasebenzisa igama elithi “Jehova” engxoxweni yakhe futhi umkami wambuza ukuthi kwakusho ukuthini lokho. Lo Fakazi waphendula, “UJehova yigama likaNkulunkulu weqiniso.” UMasuko ubelokhu efunda iBhayibheli kusukela esemncane, kodwa iBhayibheli ayelifunda lalisebenzisa igama elithi “NKOSI,” esikhundleni segama likaNkulunkulu. Manje wayesazi ukuthi uNkulunkulu unegama!
Ngokushesha uMasuko waqala ukufunda iBhayibheli nalo Fakazi osekhulile. Lapho ngifika ekhaya ngivela esibhedlela cishe ngehora lokuqala ekuseni, umkami ejabule wathi kimi, “IBhayibheli lithi ukugula nokufa ngeke kusaba khona!” Ngaphendula, “Kungakuhle lokho!” Waqhubeka, “Njengoba umhlaba omusha ususeduze, angifuni ukuba udlale ngesikhathi sakho.” Ngangicabanga ukuthi ufuna ngiyeke ukuba udokotela, ngakho ngathukuthela, kwaba nokungezwani emshadweni wethu.
Nokho umkami akaphelanga amandla. Wathandaza ukuze athole amavesi eBhayibheli afanele wabe esengibonisa wona. Amazwi omBhalo kamShumayeli 2:22, 23 angithinta ngokukhethekile. Athi: “Umuntu uzuzani ngempela ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima nangesifiso esinamandla esimenza asebenze kanzima phansi kwelanga? . . . Nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli. Nalokhu futhi kuyize.” Yilokho kanye engangikwenza—ngangizinikele emsebenzini wezokwelapha ubusuku nemini kodwa nginganelisekile.
Ngolunye usuku ngeSonto ekuseni ngoJulayi 1975, lapho umkami esehambile waya eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova, nami ngavele nganquma ukumlandela. Umkami wamangala lapho engibona futhi oFakazi bangamukela ngothando. Kusukela ngaleso sikhathi, ngaba khona kuyo yonke imihlangano yangeSonto. Ngemva kwenyanga, uFakazi othile waqala ukufunda nami iBhayibheli. Ngemva kwezinyanga ezintathu kusukela umkami eqale ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova, wabhapathizwa.
Ukwamukela Umbono KaNkulunkulu Ngegazi
Ngokushesha ngathola ukuthi amaKristu kufanele ‘adede egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29; Genesise 9:4) Njengoba ngangivele ngikungabaza ukuba usizo kokumpontshelwa igazi, kwaba lula ukwamukela umbono kaNkulunkulu ngegazi. * Ngacabanga, ‘Uma ekhona uMdali futhi kuyilokho akushoyo, kumelwe ukuthi kuyiqiniso.’
Ngafunda nokuthi ukugula nokufa kwabangelwa isono sika-Adamu. (Roma 5:12) Ngaleso sikhathi, ngangicwaninga ngesifo sokuqina kwengaphakathi lomthambo wegazi. Njengoba siya sikhula, imithambo yethu yegazi iya iqina futhi iya ivaleka, okwenza sibe nesifo senhliziyo nezifo ezihambisana nokungafiki kahle kwegazi ebuchosheni kanye nesifo sezinso. Kwakunengqondo ukuthi lokhu kwakubangelwa isono esasithola ku-Adamu. Ngemva kwalokho, angibange ngisazishisekela kangako ezokwelapha. UJehova uNkulunkulu kuphela ongaqeda ukugula nokufa!
NgoMashi 1976, ngemva kwezinyanga eziyisikhombisa ngiqale ukutadisha iBhayibheli, ngayeka ukufunda enyuvesi yesibhedlela. Ngangesaba ukuthi ngangingeke ngiphinde ngithole umsebenzi wokuba udokotela, kodwa ngawuthola kwesinye isibhedlela. Ngabhapathizwa ngoMeyi 1976. Nganquma ukuthi indlela engcono kakhulu yokusebenzisa ukuphila kwami, yayiwukuba umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele, noma iphayona futhi ngaqala ukwenza kanjalo ngoJulayi 1977.
Ukuvikela Umbono KaNkulunkulu Ngegazi
NgoNovemba 1979, mina noMasuko sathuthela ebandleni elalinendingeko enkulu yabashumayeli bevangeli eliseSifundeni SaseChiba. Ngathola isibhedlela engakwazi ukusebenza kuso izinsuku ezithile. Ngosuku lwami lokuqala emsebenzini, ngazungezwa iqembu lodokotela abahlinzayo. Babelokhu bengibuza, “Njengoba unguFakazi kaJehova, uzokwenzenjani uma kufika isiguli esidinga ukumpontshelwa igazi?”
Ngabachazela ngenhlonipho ukuthi ngangizokwenza lokho uNkulunkulu akushoyo ngegazi. Ngachaza ukuthi kunezinye izindlela ezingasebenza esikhundleni sokumpontshelwa igazi nokuthi ngangizokwenza konke okusemandleni ukuze ngisize iziguli zami. Ngemva kokuxoxa ihora lonke, udokotela ophethe abahlinzayo waphendula, “Ngiyakuzwa. Kodwa uma kufika isiguli esophe kakhulu, siyosinakekela thina.” Lowo dokotela wayaziwa njengomuntu olukhuni kakhulu, kodwa ngemva kwaleyo ngxoxo, saqala ukuzwana futhi wayehlale ezihlonipha izinkolelo zami.
Inhlonipho Ngegazi Iyavivinywa
Ngesikhathi sisebandleni laseChiba, indlunkulu entsha yoFakazi BakaJehova eJapane yayakhiwa e-Ebina. Mina nomkami sasiya lapho kanye ngeviki ukuze sinakekele impilo yamavolontiya angoFakazi ayesebenza esakhiweni esibizwa ngokuthi iBethel. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, sathola isimemo sokuyosebenza isikhathi esigcwele eBethel yase-Ebina. Ngakho, ngoMashi 1981 saqala ukuhlala ezakhiweni zesikhashana ezazisetshenziswa amavolontiya angaphezu kuka-500. Ekuseni, ngangisiza ekuhlanzeni izindawo zokugeza nezangasese endaweni okwakhiwa kuyo bese kuthi ntambama ngibe udokotela.
Esinye seziguli zami kwakungu-Ilma Iszlaub owayeyisithunywa sevangeli, owafika eJapane evela e-Australia ngo-1949. Wayenomdlavuza wegazi futhi odokotela base bemtshelile ukuthi usalelwe izinyanga ezimbalwa ephila. U-Ilma wenqaba ukumpontshelwa igazi ukuze elule isikhathi sakhe sokuphila, wakhetha ukuyohlala eBethel ngezinsuku ezisele. Ngaleso sikhathi imithi enjenge-erythropoietin, esiza ekukhiqizeni amangqamuzana abomvu egazi yayingakatholakali. Ngakho ngezinye izikhathi, umthamo wakhe wegazi wawuba phansi kakhulu, ube amagremu angu-3 noma angu-4! (Ngokuvamile aba ngu-12 kuya ku-15.) Kodwa ngenza konke okusemandleni ukuze ngimelaphe. U-Ilma waqhubeka ebonisa ukholo olungenakunyakaziswa eZwini likaNkulunkulu kwaze kwaba yilapho eshona ngoJanuwari 1988—cishe ngemva kweminyaka engu-7!
Kuye kwadingeka ukuthi kuhlinzwe amavolontiya amaningi ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseJapane eminyakeni edlule. Kuyancomeka ukuthi odokotela abasezibhedlela eziseduze baye bavuma ukubahlinza ngaphandle kokubafakela igazi. Izikhathi eziningi ngiye ngacelwa ukuba ngibe khona egumbini okuhlinzelwa kulo, ukuze ngizobona indlela okwenziwa ngayo, kanti ngezinye izikhathi ngiye ngasiza ngisho nokusiza lapho kuhlinzwa. Ngiyababonga labo dokotela abaye babonisa inhlonipho ngesinqumo soFakazi BakaJehova endabeni yegazi. Ukusebenza nabo kuye kwangivulela amathuba amaningi okuxoxa nabo ngezinkolelo zami. Muva nje omunye walabo dokotela uye waba uFakazi obhapathiziwe.
Ngokujabulisayo, imizamo yodokotela yokwelapha oFakazi BakaJehova ngaphandle kokusebenzisa igazi iye yasiza kakhulu kwezokwelapha. Ukuhlinzwa ngaphandle kwegazi kuye kwenza sazibona izinzuzo zokungalisebenzisi igazi. Ucwaningo lubonisa ukuthi iziguli ziyashesha ukululama futhi ziba nezinkinga ezimbalwa kakhulu ngemva kokuhlinzwa.
Ukuqhubeka Ngifunda KuDokotela Omkhulu Kunabo Bonke
Ngiyazama ukuhlala nginolwazi lwakamuva kwezokwelapha. Noma kunjalo, ngiyaqhubeka ngifunda kuDokotela omkhulu kunabo bonke uJehova. Akabheki nje indlela esibukeka ngayo ngaphandle kodwa ubona konke esiyikho ngaphakathi. (1 Samuweli 16:7) Njengoba ngingudokotela, ngizama ukuqonda ukuphila kwesiguli ngasinye, ngingagxili nje kuphela esifweni saso. Lokhu kwenza ngiselaphe kangcono kakhulu isiguli.
Ngiyaqhubeka ngikhonza eBethel futhi ngisakujabulela kakhulu ukusiza abanye bafunde ngoJehova, kuhlanganise nombono wakhe ngegazi. Ngithandazela ukuba uDokotela Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, maduze akuqede konke ukugula nokufa.—Ilandiswa uYasushi Aizawa.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 4 Ngokwencwadi ethi Modern Blood Banking and Transfusion Practices kaDkt. Denise M. Harmening, “iziguli ezike zafakelwa igazi, zakhulelwa noma zafakelwa izitho zomzimba” yizo “ezingaba nenkinga yokonakala kwamangqamuzana abomvu egazi.” Ezimweni ezinjalo, lapho kwenziwa “inqubo evamile yokuxilonga isiguli ngaphambi kokuba simpontshelwe igazi kusuke kungabonakalanga” ukuthi umzimba waso usalwa nezifo ezithile. Lokho kube sekudala umonakalo lapho isiguli simpontshelwa igazi. Ngokwe-Dailey’s Notes on Blood, amangqamuzana abomvu egazi “angonakala ngisho nalapho isiguli simpontshelwe igazi elincane . . . elingavumelani naso. Lapho izinso ziyeka ukusebenza, ukugcola kuya kugcwala egazini ngenxa yokuthi izinso azisakwazi ukukukhipha.”
^ par. 8 I-Journal of Clinical Oncology, ka-Agasti 1988, yathi: “Iziguli ezinomdlavuza ezifakelwe igazi ngesikhathi zihlinzwa ziyephuza ukululama kunalezo ezingafakelwanga igazi.”
^ par. 16 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngokuphathelene nezimfundiso zeBhayibheli ngegazi, bheka incwajana ethi How Can Blood Save Your Life? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni]
“Ngachaza ukuthi kunezinye izindlela ezingasebenza esikhundleni sokumpontshelwa igazi nokuthi ngangizokwenza konke okusemandleni ukuze ngisize iziguli zami”
[Amazwi acashunwe esihlokweni]
“Ukuhlinzwa ngaphandle kwegazi kuye kwenza sazibona izinzuzo zokungalisebenzisi igazi”
[Izithombe ezisekhasini]
Ngaphezulu: Ngibeka inkulumo yeBhayibheli
Ngezansi: Nginomkami, uMasuko namuhla