Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 14

“Isixuku Esikhulu Sasondela Kuye”

“Isixuku Esikhulu Sasondela Kuye”

“Vumelani abantwana beze kimi”

1-3. Kwenzekani lapho abazali beletha izingane zabo kuJesu, futhi lokhu kwembulani ngoJesu?

UJESU uyazi ukuthi ukuphela kokuphila kwakhe kwasemhlabeni kusondela ngokushesha. Usalelwe amasonto ambalwa nje, kanti kuningi okusamelwe kwenziwe! Ushumayela nabaphostoli bakhe ePhereya, isifunda esisempumalanga yoMfula iJordani. Bahamba beshumayela belibangise eningizimu ngaseJerusalema, lapho uJesu ezoya khona ePhasikeni lokugcina eliwumvuthwandaba.

2 Ngemva kokuba uJesu ebe nengxoxo eshubile nabanye abaholi benkolo, kuba khona isiphazamiso esincane. Abantu baletha izingane zabo ukuze zimbone. Ngokusobala lezi zingane ziyashiyana ngobudala ngoba uMarku uzibiza ngegama elifanayo nalisebenzise ngaphambili echaza ingane eneminyaka engu-12, kanti uLuka usebenzisa igama elingahunyushwa ngokuthi “izinsana.” (Luka 18:15; Marku 5:41, 42; 10:13) Njengoba sazi, nomaphi lapho kunezingane khona kuye kuchwaze kube nesiphithiphithi. Abafundi bakaJesu bayabakhuza abazali, mhlawumbe bacabanga ukuthi iNkosi imatasa kakhulu ukuba ingazihlupha ngezingane. Wenzenjani uJesu?

3 Lapho ekubona lokhu uyathukuthela. Uthukuthelela bani? Izingane? Abazali? Cha—abafundi bakhe! Uthi: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini, Noma ubani ongawamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.” UJesu ube ‘esesingatha’ abantwana ababusise. (Marku 10:13-16) Amazwi kaMarku lapha asikisela ukuthi uJesu uzanga ngothando, mhlawumbe aze azigone ezinye izinsana, njengoba enye inguqulo ikubeka kanjalo. Kusobala ukuthi uJesu uyazithanda izingane. Kodwa kunokunye esikufundayo ngaye lapha—uyangeneka.

4, 5. (a) Yini esenza siqiniseke ukuthi uJesu wayengeneka? (b) Imiphi imibuzo esizoyihlola kulesi sahluko?

4 Ukube uJesu wayelukhuni, engenamusa noma eziqhenya, cishe lezo zingane zazingeke zisondele kuye; nabazali bazo babengeke bakhululeke ukuya kuye. Njengoba usibona lesi simo ngamehlo engqondo, awubaboni yini abazali beqhilika izihlathi njengoba lo muntu onomusa ezibonisa uthando izingane zabo, eveza ukuthi ziyigugu kuNkulunkulu futhi ezibusisa? Nakuba uJesu ayethwele kanzima, wayelokhu engumuntu ongeneka ngaphezu kwabo bonke abanye.

5 Obani abanye abathola uJesu engeneka? Yini eyayimenza angeneke kalula kangaka? Singafunda kanjani ukulingisa uJesu kulokhu? Ake sizwe.

Obani Abathola UJesu Engeneka?

6-8. UJesu wayevame ukuba nobani, futhi indlela ayebabheka ngayo yayihluke kanjani kweyabaholi benkolo?

6 Lapho ufunda ukulandisa kwamaVangeli, kungase kukumangaze ukuthi baningi kangakanani abantu ababengathandabuzi ukuya kuJesu. Ngokwesibonelo, siye sifunde ngokuthi lapho ayekhona kwakuba khona “isixuku esikhulu.” “Walandelwa isixuku esikhulu sivela eGalile.” “Isixuku esikhulu sabuthanela kuye.” “Isixuku esikhulu sasondela kuye.” “Isixuku esikhulu sasihamba naye.” (Mathewu 4:25; 13:2; 15:30; Luka 14:25) Yebo, uJesu wayevame ukungungwa izindimbane zabantu.

7 Kwakuye kube abantu abavamile laba, abantu ababebizwa abaholi benkolo ngokwedelela bathi “abantu bezwe.” AbaFarisi nabapristi babelimisa ngesihloko: “Lesi sixuku esingawazi uMthetho singabantu abaqalekisiwe.” (Johane 7:49) Kamuva imibhalo yorabi yakufakazela ukuthi babebhekwa kanjalo. Abaholi benkolo abaningi babebabukela phansi abantu abanjalo, bengafuni ukudla nabo, ukuthenga kubo noma ukuzihlanganisa nabo. Abanye babegomela ngokuthi lalingekho ithemba lovuko ngabantu abanjalo ababengawazi umthetho odluliselwa ngomlomo! Kumelwe ukuba abantu abaningi abaphansi babebaxwaya labo baholi kunokuba bacele usizo noma isiqondiso kubo. Kodwa uJesu wayehlukile.

8 UJesu wayengenanxa nabantu abavamile. Wayedla nabo, ebaphulukisa, ebafundisa, futhi wabanika ithemba. Yebo, wayebona isimo njengoba sinjalo, evuma ukuthi iningi lalizoliyeka ithuba lokukhonza uJehova. (Mathewu 7:13, 14) Nokho, wayenethemba ngomuntu ngamunye futhi ebona ukuthi abaningi bangakwazi ukwenza okulungile. Yeka umahluko kuyena nalabo bapristi nabaFarisi abanezinhliziyo ezilukhuni! Okumangalisayo-ke kodwa ukuthi kwabona abapristi nabaFarisi baya kuJesu, futhi idlanzana labo lazishintsha izindlela zalo lamlandela. (IzEnzo 6:7; 15:5) Abanye kubantu abacebile nabanethonya bamthola engeneka uJesu.—Marku 10:17, 22.

9. Kungani abesifazane bamthola engeneka uJesu?

9 Abesifazane babenganqeni ukuya kuJesu. Kumelwe ukuba babebona ukuthi abaholi benkolo bayabeya. Orabi babengakuthandisisi ukufundisa abesifazane. Empeleni abesifazane babengavunyelwe ukufakaza emacaleni; babebhekwa njengofakazi abangathembekile. Orabi babeze basho umthandazo ababebonga ngawo uNkulunkulu ngokuthi ababona abesifazane! Kodwa abesifazane abayitholanga leyo ndelelo kuJesu. Abaningi baya kuye befuna ukufunda. Ngokwesibonelo, sithola udadewabo kaLazaru uMariya ehlezi ezinyaweni zeNkosi, elalelisise amazwi kaJesu ngesikhathi udadewabo uMartha ehla enyuka ekhathazeka ngokulungisa ukudla. UJesu wamncoma uMariya ngokwazi ukuthi yini okufanele ize kuqala.—Luka 10:39-42.

10. UJesu wayehluke kanjani kubaholi benkolo endleleni ayephatha ngayo abagulayo?

10 Abagulayo nabo babeya kuJesu ngobuningi nakuba abaholi benkolo babevame ukubakhipha inyumbazane. UMthetho KaMose wawunawo amalungiselelo okubahlalisa bodwa abantu abanochoko ngezizathu zempilo, kepha kwakungasho ukuthi kufanele baphathwe kabi. (Levitikusi, isahluko 13) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi imithetho yorabi yathi abantu abanochoko banyanyeka njengendle. Abanye abaholi benkolo babeze babajikijele ngamatshe abanochoko ukuze bangasondeli kubo! Kunzima ukucabanga ukuthi abantu ababephathwe kanjalo babengasiqunga kanjani isibindi sokuya kunoma imuphi umfundisi, kodwa abanochoko baya kuJesu. Omunye washo la mazwi adumile abonisa ukholo: “Nkosi, uma nje uthanda, ungangenza ngihlambuluke.” (Luka 5:12) Esahlukweni esilandelayo, sizoxoxa ngempendulo kaJesu. Okwamanje kwanele ukusho ukuthi abukho ubufakazi obucace njengalobu bokuthi uJesu wayengeneka.

11. Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi abantu abadliwa isazela babezizwa bekhululekile ukuya kuJesu, futhi kungani kubalulekile lokhu?

11 Abantu ababedliwa isazela babeya ngokukhululekile kuJesu. Ngokwesibonelo, cabanga ngesikhathi uJesu edla emzini womFarisi. Kwangena owesifazane owayeyisoni esaziwayo wafike waguqa ezinyaweni zikaJesu, ekhaliswa isazela. Izinyembezi zakhe zamanzisa izinyawo zikaJesu, wayesezesula ngezinwele zakhe. Njengoba umninimuzi eshaqekile futhi egxeka uJesu ngokuvumela lo mame ukuba asondele kuye, uJesu yena wamncoma ngomusa ngokuphenduka kwakhe okuqotho futhi wamqinisekisa ngentethelelo kaJehova. (Luka 7:36-50) Namuhla kunanini ngaphambili, abantu abasindwa isazela kudingeka bazizwe bekhululekile ukuya kulabo abangabasiza balungise izindaba zabo noNkulunkulu! Yini le eyayenza uJesu angeneke kangaka?

Yini Eyayenza UJesu Angeneke?

12. Kungani kungamangazi ukuthi uJesu wayengeneka?

12 Khumbula ukuthi uJesu wamlingisa ngokuphelele uYise wasezulwini amthandayo. (Johane 14:9) IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi uJehova ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Izinceku ezithembekile zikaJehova, nanoma yibaphi abafuna ngobuqotho ukumthola nokumkhonza, zingakhuluma naye noma nini ngoba ‘unguMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Cabanga nje—uMuntu onamandla nobaluleke kunabo bonke endaweni yonke ubuye abe ongeneka ngaphezu kwabo bonke! NjengoYise, uJesu uyabathanda abantu. Ezahlukweni ezilandelayo sizoxoxa ngothando olwalujulile enhliziyweni kaJesu. UJesu wayengeneka ikakhulukazi ngoba uthando lwakhe ngabantu lwalubonakala kalula. Ake sihlole ezinye zezici zikaJesu ezabonakalisa lolo thando.

13. Abazali bangamlingisa kanjani uJesu?

13 Kwakulula ngabantu ukubona ukuthi uJesu unesithakazelo kubo. Leso sithakazelo sasinganyamalali uma uJesu exinekile. Njengoba sesibonile, lapho abazali beletha izingane zabo kuye, uJesu wayelokhu engeneka ngisho nalapho ematasa esindwa imithwalo enzima. Yeka isibonelo asibekela abazali! Kuyinselele ukukhulisa izingane namuhla. Kodwa kusemqoka ukuba izingane zibone ukuthi abazali bazo bayangeneka. Uma ungumzali, uyazi ukuthi kunezikhathi osuke umatasa kakhulu ngazo ukuba unake ingane yakho. Noma kunjalo, ungayiqinisekisa na ukuthi uzosenza isikhathi sayo ngokushesha ngangokunokwenzeka? Uma usigcina leso sithembiso, ingane yakho iyofunda ukuthi ukubekezela kunomvuzo. Iyofunda nokuthi ingeza kuwe noma nini uma inenkinga noma ikhathazekile.

14-16. (a) Kwakwenzenjani uJesu aze enze isimangaliso sakhe sokuqala, futhi kungani kwakuyisenzo esihle kakhulu? (b) Isimangaliso sikaJesu eKhana sembulani ngaye, okubanikeza siphi isifundo abazali?

14 UJesu wenza abantu bazi ukuthi uyazikhathalela izinto ezibakhathazayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngesimangaliso sokuqala esenziwa uJesu. Wayesedilini lomshado eKhana, umuzi waseGalile. Kwaphakama isimo esibangela amahloni—kwaphela iwayini! Unina kaJesu, uMariya, watshela indodana yakhe ngalokhu. Wenzani uJesu? Wathi abalindi abagcwalise amanzi ezimbizeni zamatshe eziyisithupha ezinkulu. Lapho la manzi ecakulwa eyiswa kumqondisi wedili, habe, kwakuyiwayini elimnandi! Ingabe kwakuwumlingo noma isalamusi? Cha, amanzi “ayesephendulwe iwayini.” (Johane 2:1-11) Sekuyisikhathi eside abantu benesifiso sokukwazi ukuphendula into ethile ibe enye. Sekungamakhulu eminyaka abantu ababizwa ngama-alchemist bezama ukuphendula umthofu ube igolide. Baye behluleka—yize umthofu negolide empeleni kuyizinto ezithi azifane. * Kuthiwani ngamanzi newayini? Ngokwamakhemikhali awo, amanzi awayona inkimbinkimbi, akhiwa izakhi ezimbili nje. Kanti iwayini linezakhi ezingaba inkulungwane, eziningi zazo eziyinkimbinkimbi! Kungani uJesu enza isenzo esimangalisa kangaka ukuze axazulule into ewubala njengokuphela kwewayini edilini lomshado?

15 Le nkinga yayingelona ubala kumakoti nomkhwenyana. EMpumalanga Ephakathi yasendulo, ukubonisa izivakashi umoya wokuphana kwakubaluleke kakhulu. Ukuphelelwa iwayini edilini lomshado kwakuyobangela umakoti nomkhwenyana amahloni nokuphoxeka okukhulu, kone usuku lwabo lomshado futhi kulwenze lukhumbuleke kabi isikhathi eside. Yayibakhathaza le nkinga, yamkhathaza noJesu. Ngakho wenza okuthile ngayo. Uyabona ukuthi kungani abantu babeya kuye ngezinto ezibakhathazayo?

Bonisa ingane yakho ukuthi uyangeneka nokuthi uyikhathalela ngempela

16 Nalapha abazali bangathola isifundo esiwusizo. Kuthiwani uma umntanakho eza kuwe ehlushwa inkinga ethile? Kungase kuthi yizibe leyo nkinga, uthi iwubala. Ungase ulingeke nokuba uyenze ihlaya. Uma kuqhathaniswa nezakho izinkinga, vele inkinga yomntanakho ingase ibonakale iwubala. Khumbula kodwa ukuthi ayilona ubala kumntwana! Uma ikhathaza umuntu omthanda kakhulu kangaka, akufanele yini ikukhathaze nawe? Ukwenza ingane yakho yazi ukuthi uyazikhathalela izinto eziyikhathazayo kuyokwenza ube umzali ongenekayo.

17. UJesu wabeka siphi isibonelo sobumnene, futhi kungani le mfanelo iwubufakazi bokuqina?

17 Njengoba sifundile eSahlukweni 3, uJesu wayemnene futhi ethobekile. (Mathewu 11:29) Ubumnene buyimfanelo enhle, buwubufakazi obunamandla bokuthobeka kwenhliziyo. Buyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu futhi buhlobene nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23; Jakobe 3:13) Ngisho nalapho echukuluzwa kabi, uJesu wazibamba. Ubumnene bakhe babungebona neze ubuthakathaka. Esinye isazi sathi ngale mfanelo: “Ngalé kobumnene kunokuqina kwensimbi.” Ngempela, kuye kudingeke ukuqina ukuze sikwazi ukuzibamba futhi siphathe abanye ngobumnene. Kodwa njengoba uJehova ebusisa imizamo yethu, singamlingisa uJesu ekuboniseni ubumnene futhi lokho kuyosenza singeneke ngokwengeziwe.

18. Yisiphi isibonelo esiveza ukucabangela kukaJesu, futhi kungani ucabanga ukuthi le mfanelo ingenza umuntu angeneke?

18UJesu wayecabangela. Lapho uJesu eseThire, kweza owesifazane kuye ngoba indodakazi yakhe “yayikhwelwe kabi amademoni.” UJesu wabonisa ngezindlela ezintathu ezingefani ukuthi wayengazimisele ukwenza okwakufunwa yilo mama. Okokuqala, wavele wazithulela; okwesibili, wamchazela ukuthi kungani kungafanele akwenze akucelayo; okwesithathu, wamnikeza umfanekiso owenza iphuzu lacaca ngokwengeziwe. Kodwa ingabe uJesu wayengenamusa, engaboneleli? Ingabe wasikisela ukuthi lo mama kumelwe agawule abheke, angalingi aqophisane nomuntu omkhulu kangaka? Cha, kusobala ukuthi lo mama wayezizwa elondekile. Akagcinanga ngokucela usizo kodwa waphikelela naphezu kokuba uJesu ebonakala engazimisele ukumsiza. UJesu wabona ukholo olumangalisayo olwamenza waphikelela, wayeseyiphulukisa indodakazi yakhe. (Mathewu 15:22-28) Ngokuqinisekile ukucabangela kukaJesu, ukuzimisela kwakhe ukulalela nokubonelela uma kufaneleka, kwenza abantu baba magange ukuya kuye!

Ingabe Wena Uyangeneka?

19. Singazi kanjani ukuthi siyangeneka ngempela?

19 Abantu bayathanda ukucabanga ukuthi bayangeneka. Ngokwesibonelo, abanye abasezikhundleni bathanda ukuthi iminyango yabo ihlale ivulekile, besho ukuthi ababaphethe bakhululekile ukuza kubo noma nini. Nokho, iBhayibheli linalesi sixwayiso esinamandla: “Uquqaba lwabantu luyomemezela yilowo nalowo umusa wakhe wothando, kodwa ubani ongathola umuntu othembekile?” (IzAga 20:6) Kulula ukusho ngomlomo sithi siyangeneka, kodwa ingabe sisilingisa ngokwethembeka ngempela lesi sici sothando lukaJesu? Impendulo ingase ingabi sendleleni esizibona ngayo thina kodwa endleleni abanye abasibona ngayo. UPawulu wathi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Kuhle ngamunye wethu azibuze: ‘Bangibheka kanjani abanye? Ngaziwa kanjani?’

Abadala bazama ukungeneka

20. (a) Kungani kubalulekile ukuba abadala abangamaKristu bangeneke? (b) Kungani kufanele sibe abacabangelayo kulokho esikulindele kubadala ebandleni?

20 Abadala abangamaKristu ngokukhethekile bazama ukuba abangenekayo. Bafisa ngempela ukufanelwa incazelo eku-Isaya 32:1, 2: “Ngamunye kumelwe abe njengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula, njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, njengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.” Umdala anganikeza isivikelo esinjalo, ukuqabuleka nempumuzo kuphela uma engeneka. Kuyavunywa, akulula ngaso sonke isikhathi ukwenza kanjalo ngoba abadala bathwele imithwalo esindayo kulezi zikhathi ezinzima. Noma kunjalo, bazama ukungabonakali bematasa kakhulu ukuba banakekele izidingo zezimvu zikaJehova. (1 Petru 5:2) Amanye amalungu ebandla azama ukuba acabangelayo kulokho akulindele kula madoda athembekile, abonise umoya wokuthobeka nowokubambisana.—Hebheru 13:17.

21. Abazali bangaba kanjani abangenekayo ezinganeni zabo, futhi sizoxoxa ngani esahlukweni esilandelayo?

21 Abazali bafuna ukuhlale benesikhathi sezingane zabo. Akuyona indaba yokudlala lena! Bafuna izingane zabo zazi ukuthi kuphephile ukuthulula isifuba kubaba noma kumama. Ngakho, abazali abangamaKristu bayaqikelela ukuthi baba mnene futhi bacabangele, bangabhoki ngolaka lapho ingane ivuma iphutha noma yenza ngobuwula. Njengoba abazali beqeqesha izingane zabo ngesineke, balwela ukugcina imizila yokukhulumisana ivulekile. Empeleni, sonke sifuna ukuba abangenekayo njengoJesu. Esahlukweni esilandelayo sizoxoxa ngesihawu sikaJesu esisuka enhliziyweni—okungenye yezimfanelo eziyinhloko ezamenza wangeneka.

^ par. 14 (Amakhemikhali) akha umthofu athi awafane nakha igolide. Izazi zanamuhla zesayensi yemvelo zikwazile ukushintsha umthofu omncane waba igolide, kodwa lokhu kudinga amandla amakhulu kangangokuthi kuvele kufane nokudlala ngemali.