ISAHLUKO 32
Indlela UJesu Avikelwa Ngayo
NGEZINYE izikhathi uJehova wenza izinto ngendlela emangalisayo ukuze avikele izingane nalabo abangakwazi ukuzivikela. Uma uzihambela emaphandleni, ungase ubone enye yezindlela uJehova akwenza ngayo lokhu. Kodwa ungase uqale ungaboni kahle ukuthi kwenzekani.
Ubona inyoni ithi cababa phansi eduze kwakho. Kubonakala sengathi ilimele. Lapho uthi uyasondela, ihudula iphiko layo ihambe. Njengoba uyilandela, ilokhu ikushiya. Bese ivele iyandiza. Iphiko layo belingalimele nakancane! Uyazi ukuthi beyenzani le nyoni?—
Eduze kwalapho yehlele khona bekukhona abantwana bayo becashe otshanini. Le nyoni engumama beyesaba ukuthi uzobabona abantwana bayo bese uyabalimaza. Yingakho yenze sengathi ilimele futhi yakususa eduze kwabo. Uyazi ukuthi ubani ongasivikela ngendlela le nyoni engumama evikela ngayo abantwana bayo?— EBhayibhelini uJehova ufaniswa nenyoni okuthiwa ukhozi, nayo ebasizayo abantwana bayo.—Duteronomi 32:11, 12.
Ingane kaJehova eyigugu kunazo zonke yiNdodana yakhe ayithandayo, uJesu. Ngesikhathi uJesu esesezulwini, wayengumuntu ongumoya onamandla njengoBaba wakhe. Wayekwazi ukuzivikela. Kodwa lapho uJesu ezalwa eba yingane emhlabeni, wayengakwazi ukuzivikela. Kwakudingeka avikelwe.
Ukuze uJesu enze intando kaNkulunkulu emhlabeni, kwakudingeka akhule abe umuntu omdala ophelele. Kodwa kungakenzeki lokho, uSathane wazama ukumbulala uJesu. Imnandi indaba ekhuluma ngemizamo yokubulala uJesu ngenkathi eseyingane nezindlela uJehova amvikela ngazo. Ungathanda ngikuxoxele yona?—
Ngemva kwesikhashana uJesu ezelwe, uSathane wenza kubonakale into enjengenkanyezi ikhanya esibhakabhakeni eMpumalanga. Abantu abafunda izinkanyezi bayayilandela le nkanyezi ibanga elide baye eJerusalema. Uma befika lapho babuza ukuthi uzozalelwaphi lowo ozoba inkosi yamaJuda. Uma kubuzwa abantu abaziyo ukuthi iBhayibheli lithini ngalokhu, bayaphendula: “EBhetlehema.”—Mathewu 2:1-6.
Lapho uHerode, inkosi embi yaseJerusalema, ezwa ngale nkosi entsha esanda kuzalwa edolobheni eliseduze iBhetlehema, uthi kwabafunda izinkanyezi: ‘Hambani niyofuna lo mntwana, bese niyabuya nizongitshela.’ Uyazi ukuthi kungani uHerode efuna ukwazi ukuthi uJesu ukuphi?— Yingoba uHerode unomona futhi ufuna ukumbulala!
UNkulunkulu uyivikela kanjani iNdodana yakhe?— Lapho abafunda izinkanyezi bemthola uJesu, bamupha izipho. Kamuva uNkulunkulu uxwayisa laba abafunda izinkanyezi ngephupho ukuba bangabuyeli kuHerode. Ngakho baphindela ekhaya sebehamba ngenye indlela, abasadluli eJerusalema. Lapho uHerode ezwa ukuthi abafunda izinkanyezi sebehambile, uthukuthela kakhulu. UHerode uthi makubulawe bonke abafana baseBhetlehema abangaphansi kweminyaka emibili ubudala ngoba ezama ukubulala uJesu! Kodwa usho kanjalo nje uJesu usehambile.
Uyazi ukuthi uJesu ubaleka kanjani?— Lapho sebehambile abafunda izinkanyezi, uJehova uxwayisa umyeni kaMariya, uJosefa, athi makavuke abalekele kude eGibhithe. Uma sebelapho, uJesu usephephile kuHerode omubi. Ngemva kweminyaka eminingi, ngesikhathi uMariya noJosefa bebuya eGibhithe noJesu, uNkulunkulu uphinde axwayise uJosefa. Umtshela ngephupho ukuba aye eNazaretha, lapho kungekho lutho oluzolimaza uJesu.—Mathewu 2:7-23.
Uyabona ukuthi uJehova wayivikela kanjani iNdodana yakhe?— Ucabanga ukuthi ubani ofana nalabaya bantwana benyoni
abafihlwe umama wabo otshanini noma ofana noJesu ngesikhathi esemncane? Awufani yini wena nalabo bantwana benyoni noma noJesu?— Bakhona abafuna ukukulimaza nawe. Uyabazi?—IBhayibheli lithi uSathane ufana nebhubesi elibhongayo elifuna ukusidla. Futhi njengoba nje amabhubesi evame ukuhlasela izilwane ezincane, uSathane namademoni akhe bavame ukuhlasela izingane. (1 Petru 5:8) Kodwa uJehova unamandla kunoSathane. UJehova angazivikela izingane zakhe noma alungise into embi uSathane ayenze kuzo.
Uyakhumbula ukuthi eSahlukweni 10 sale ncwadi kwathiwa uDeveli namademoni akhe bazama ukusenza senzeni?— Bazama ukusenza senze ubulili uNkulunkulu athi abulungile. Kodwa obani okuyibona kuphela okufanele benze ubulili?— Yebo, indoda nowesifazane abashadile.
Kodwa ngeshwa, abanye abantu abadala bayathanda ukwenza ubulili nezingane. Uma bebenza nezingane, abafana namantombazane bangase baqale ukwenza izinto ezimbi abazifunde kulaba bantu abadala. Baqala nokuganga ngezitho zabo zobulili. Yilokho okwenzeka kudala edolobheni laseSodoma. IBhayibheli lithi abantu bakhona, ‘kusukela kumfana kuye ekhehleni,’ bazama ukwenza ubulili namadoda ayevakashele uLoti.—Genesise 19:4, 5.
Ngakho njengoba nje uJesu kwakudingeka avikelwe, nawe kudingeka uvikelwe kubantu abadala—ngisho nakwezinye izingane—abangase bazame ukwenza ubulili nawe. Laba bantu baye benze sengathi bangabangane bakho. Bangase bathi bazokupha into ethile uma uthembisa ukuthi ngeke utshele muntu ukuthi bafuna ukwenzani nawe. Kodwa laba bantu banobugovu, bafana noSathane namademoni akhe futhi bafuna ukuzijabulisa bona kuphela. Bazama ukuthola le njabulo ngokwenza ubulili nezingane. Yinto embi kakhulu lena!
Uyazi ukuthi yini abangase bayenze ukuze bazijabulise?— Bangase bazame ukukuthinta izitho zobulili ngesandla. Noma bangase bakuthinte izitho zobulili ngisho nangezitho zabo zobulili. Kodwa kufanele ungavumeli muntu adlale ngepipi lakho noma ngemomozi yakho. Ungavumeli ngisho nomfowenu noma udadewenu noma umama wakho noma ubaba wakho. Lezi zitho zomzimba akumelwe zithintwe abanye abantu.
Ungawuvikela kanjani umzimba wakho kubantu abenza izinto ezimbi njengalena?— Okokuqala, ungavumeli muntu adlale ngezitho zakho zobulili. Uma kukhona ozama ukudlala ngazo, memeza kakhulu uthi: “Ngiyeke! Ngizokuceba!” Futhi uma lowo muntu ethi uwena obangele ukuba akuthinte, ungakukholwa lokho. Uyobe engakhulumi iqiniso. Hamba uyomceba, akunandaba ukuthi ubani! Kufanele umcebe noma yena ethi le nto eniyenzayo iyimfihlo yenu nobabili. Ngisho noma lowo muntu ethi uzokupha izinto ezimnandi noma ekwesabisa, kufanele umshiye uhambe uyomceba.
Akudingeki wesabe kodwa kuyadingeka uqaphele. Lapho abazali bakho bekuxwayisa ngabantu noma ngezindawo ezingase zibe yingozi kuwe, kufanele ubalalele. Uma ubalalela, umuntu omubi ngeke akwazi ukukulimaza.
Funda indlela ongagwema ngayo izenzo zobulili ezingafanele kuGenesise 39:7-12; IzAga 4:14-16; 14:15, 16; 1 Korinte 6:18; neyesi-2 Petru 2:14.