AbaZali
Iziphi ezinye izizathu ezenza uJehova wasungula umshado?
Abazali kufanele bazizwe kanjani ngezingane zabo?
Bheka nesithi “IziNgane; Intsha”
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 33:4, 5—UJakobe ubheka izingane zakhe njengezipho ezivela kuJehova
-
Eks 1:15, 16, 22; 2:1-4; 6:20—U-Amramu noJokebedi bazala uMose futhi babeka ukuphila kwabo engozini ukuze bamvikele
-
Yini abazali okufanele bayenzele izingane zabo?
Kusiza ngani ukuqeqesha izingane ngemithetho kaJehova?
Bheka nalo mBhalo 2Ti 3:14, 15
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 2:18-21, 26; 3:19—Abazali bakaSamuweli banikela ngendodana yabo ukuba iyokhonza etabernakele kodwa bayivakashela njalo, bayinakekele; ikhula ibe indoda emthanda kakhulu uJehova
-
Luk 2:51, 52—UJesu uyabathobela abazali bakhe ngisho noma benesono
-
Abazali bangasithola kuphi isiqondiso sokukhulisa izingane zabo?
Dut 6:4-9; Efe 6:4; 2Ti 3:14-17
Bheka nale miBhalo Hu 127:1; IzA 16:3
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hlu 13:2-8—Lapho esetsheliwe ukuthi umkakhe uzothola indodana ngokuyisimangaliso, uManowa ucela uJehova amqondise endleleni okumele ayikhulise ngayo
-
Hu 78:3-8—UJehova ufuna abazali bazifundise izingane zabo lokho abakufundile eBhayibhelini
-
Yini engenza ingane ikhethe ukungamkhonzi uJehova ngisho noma ikhule emndenini othanda uNkulunkulu?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 6:1-5; Jud 6—Amadodana omoya amaningi akhetha ukuhlubuka kuJehova nakuba esephile naye isikhathi eside ezulwini
-
1Sa 8:1-3—Nakuba uSamuweli ethembekile futhi engumprofethi olungile amadodana akhe awathembeki futhi akhohlakele
-
Abazali kufanele baqale nini ukufundisa izingane zabo izindlela zikaNkulunkulu?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Dut 29:10-12, 29; 31:12; Ezr 10:1—Izingane ziba khona kuyo yonke imihlangano ukuze zifunde ngoJehova
-
Luk 2:41-52—UJosefa noMariya bavamile ukuletha izingane zabo, kuhlanganise noJesu, emkhosini wePhasika ethempelini eJerusalema
-
Abazali kufanele balandele ziphi izibonelo uma kuziwa endabeni yokuvikela izingane zabo kulabo abangazilimaza?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Eks 19:4; Dut 32:11, 12—UJehova uzifanisa nokhozi oluthwala, luvikele futhi lunakekele amaphuphu alo
-
Isay 49:15—UJehova uthembisa ukunakekela nokuvikela izinceku zakhe ukwedlula indlela umama oncelisayo abonisa ngayo ingane yakhe uzwela
-
Mat 2:1-16—USathane uzama ukubulala uJesu owusana ngokuholela ababhula ngezinkanyezi enkosini embi uHerode kodwa uJehova uyayivikela iNdodana yakhe ngokutshela uJosefa ukuba athuthele eGibhithe, yena nomndeni wakhe
-
Mat 23:37—UJesu ufanisa isifiso sokusiza abantu bakhe nendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso
-
Kungani abazali kufanele bafundise izingane zabo ngocansi?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Lev 15:2, 3, 16, 18, 19; Dut 31:10-13—UMthetho KaMose ukhuluma ngokucacile ngocansi futhi uJehova uthi izingane kufanele zibe khona lapho lo Mthetho ufundwa ngokuzwakalayo
-
Hu 139:13-16—Umhubi uDavide udumisa uJehova ngendlela awenze ngayo umzimba womuntu nangendlela okwazi ngayo ukuthola abantwana
-
IzA 2:10-15—Ukuba nolwazi nokuhlakanipha okuvela kuJehova kungasivikela kulabo abenza izinto ezimbi nabakhohlisayo
-
Kungani kufanele izingane ziyalwe ngothando?
IzA 13:24; 29:17; Jer 30:11; Efe 6:4
Bheka nale miBhalo Hu 25:8; 145:9; Kol 3:21
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hu 32:1-5—INkosi uDavide iyabuzwa ubunzima besiyalo sikaJehova kodwa ifunda ukuthi uJehova uyabathethelela labo abaphenduka ngempela ezonweni zabo
-
Jon 4:1-11—Umprofethi uJona ukhuluma noJehova ethukuthele futhi uyamedelela; noma kunjalo, ngesineke, uJehova umfundisa ngesihe
-
Kungani isiyalo siyindlela yokubonisa uthando?
Bheka nale miBhalo IzA 15:32; IsA 3:19