UkuPhoxeka
Ukuphoxeka lapho abanye besenzele phansi, besizwisa ubuhlungu noma besikhaphela
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
1Sa 8:1-6—Umprofethi uSamuweli uzwa ubuhlungu futhi uyaphoxeka ngenxa yokuthi ama-Israyeli aphoqelela ukuba awabekele inkosi
1Sa 20:30-34—UJonathani uzwa ubuhlungu futhi uzizwa ehlazekile lapho uyise, iNkosi uSawule, emthukuthelela kakhulu
ImiBhalo eduduzayo:
Bheka nale miBhalo IzA 19:11; Flp 4:8
Izindaba eziseBhayibhelini eziduduzayo:
Hu 55:12-14, 16-18, 22—INkosi uDavide iphonsa umthwalo wayo kuJehova futhi ithola induduzo nakuba ikhashelwe umngani wayo oseduze u-Ahithofeli
2Ti 4:16-18—Ngesikhathi umphostoli uPawulu ebhekene nobunzima, abantu bayamlahla kodwa uba namandla ngokuncika kuJehova nangenxa yethemba alinikezayo
Ukuphoxeka ngenxa yobuthakathaka bethu nokuba nesono
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Hu 51:1-5—INkosi uDavide izwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yokona uJehova
Rom 7:19-24—Umphostoli uPawulu uzizwa elusizi ngenxa yokulwisana ngokuqhubekayo nokuthambekela esonweni
ImiBhalo eduduzayo:
Izindaba eziseBhayibhelini eziduduzayo:
1Kh 9:2-5—Nakuba iNkosi uDavide yenza izono ezinkulu kakhulu, uJehova uyikhumbula njengendoda eqotho
1Ti 1:12-16—Naphezu kokwenza izono ezimbi kakhulu, umphostoli uPawulu uyaqiniseka ngokuthi uzoboniswa umusa