UNembeza
Yini ebonisa ukuthi uJehova unike wonke umuntu unembeza?
Bheka nalo mBhalo 2Ko 4:2
Yini engenzeka kunembeza uma umuntu eqhubeka enza okungalungile?
Kwanele yini ukucabanga ukuthi esikwenzayo kulungile?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kr 18:1-3; 19:1, 2—Ngobuwula, iNkosi uJehoshafati isiza inkosi ekhohlakele u-Ahabi ngenxa yalokho uJehova uyayithukuthelela
-
IzE 22:19, 20; 26:9-11—Umphostoli uPawulu ukhumbula isikhathi ayecabanga ukuthi kulungile ukushushisa nokubulala abalandeli bakaKristu
-
Ungaqeqeshwa kanjani unembeza ngendlela efanele?
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
1Sa 24:2-7—Unembeza weNkosi uDavide uyenza iphathe kahle ogcotshiwe kaJehova, iNkosi uSawule
-
Abantu abanesono bangaba kanjani nonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu?
Efe 1:7; Heb 9:14; 1Pe 3:21; 1Jo 1:7, 9; 2:1, 2
Bheka nalo mBhalo IsA 1:5
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Isay 6:1-8—UJehova uqinisekisa umprofethi u-Isaya ngokuthi izono zakhe zingathethelelwa
-
IsA 7:9-14—Labo abayingxenye yesixuku esikhulu banobudlelwane obuhle noJehova ngenxa yomhlatshelo kaKristu
-
Kungani kungafanele sisishaye indiva isiqondiso sikanembeza oqeqeshwe ngeZwi LikaNkulunkulu?
IzE 24:15, 16; 1Ti 1:5, 6, 19; 1Pe 3:16
Bheka nalo mBhalo Rom 13:5
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 2:25; 3:6-13—U-Adamu no-Eva abawulaleli unembeza wabo, kamuva baba namahloni ngenxa yokungamlaleli uNkulunkulu
-
Neh 5:1-13—UMbusi uNehemiya uzama ukuthinta onembeza bamaJuda akubo, angayinaki imithetho kaNkulunkulu nabiza inzalo ephezulu kakhulu
-
Kungani kufanele sicophelele ukuba singamkhubi umfowethu noma udadewethu ononembeza ongakaqeqeshwa kahle?
Yimuphi umgomo okufanele sibe nawo ngokuphathelene nonembeza bethu?