USizi Lokushonelwa
Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi kungokwemvelo ukuba lusizi lapho umuntu eshonelwe?
Gen 23:2; 24:67; 37:34, 35; 42:36; Joh 11:19, 31, 33-36
Bheka nale miBhalo 2Sa 1:17-27; IzE 9:36-39
Yini ebonisa ukuthi uJehova ufuna ukubaduduza labo abashonelwe?
Ukwazi isimo sabafile kusiduduza kanjani?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Luk 20:37, 38—UJesu uchaza ukuthi uvuko luzokwenzeka ngempela nokuthi kuNkulunkulu kunjengokungathi abafile bayaphila
-
Joh 11:5, 6, 11-14—Ngemva kokuba kufe umngani wakhe amthandayo uLazaru, uJesu ufanisa ukufa nokulala
-
Heb 2:14, 15—Umphostoli uPawulu uyachaza ukuthi akudingeki sigqilazwe ukwesaba ukufa
-
Kungani umuntu eba yigugu kakhulu kuJehova lapho eshona kunalapho ezalwa?
IBhayibheli likuchaza kanjani ukufa futhi yini uNkulunkulu azokwenza ngakho?
Yini esenza siqiniseke ukuthi abantu bazovuswa?
Isay 26:19; Joh 5:28, 29; IzE 24:15
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IBhayibheli likhuluma ngabantu abangu-9 abavuswa, abangu-8 kubo bavuselwa emhlabeni. Kulabo abasosizini lokushonelwa abantu ababathandayo, indaba ngayinye ibanikeza induduzo nethemba ngekusasa
-
1Kh 17:17-24—Umprofethi u-Eliya uvusa indodana yomfelokazi waseZarefati edolobhaneni laseSidoni
-
2Kh 4:32-37—Umprofethi u-Elisha uvusa umfana eShunemi bese emyisa kubazali bakhe
-
2Kh 13:20, 21—Indoda esanda kushona iyavuka lapho isidumbu sayo sithinta amathambo omprofethi u-Elisha
-
Luk 7:11-15—Edolobheni laseNayini, uJesu umisa umngcwabo ukuze avuse indodana yomfelokazi
-
Luk 8:41, 42, 49-56—UJesu uvusa indodakazi esencane kaJayiru, isikhulu sesinagoge
-
Joh 11:38-44—UJesu uvusa umngani wakhe amthandayo uLazaru ukuze abe kanye nodadewabo, uMarta noMariya
-
IzE 9:36-42—Umphostoli uPetru uvusa uDorka, umKristu othandekayo, onesandla esivulekile
-
IzE 20:7-12—Umphostoli uPawulu uvusa insizwa okuthiwa u-Evitiku owawa efasiteleni washona
-
-
UJesu Kristu uyavuswa abe isidalwa somoya esingafi okwenza sonke siqiniseke ukuthi zonke izithembiso ngekusasa zizofezeka
-
UJesu ungowokuqala ukuvuselwa ezulwini nokunikezwa ilungelo lokungafi kodwa akasiye owokugcina, abalandeli bakhe abagcotshiwe abangu-144 000 nabo bavuswa ngendlela efanayo
-
Singabasiza kanjani abasosizini lokushonelwa abantu ababathandayo?