IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE
Amanqampunqampu —Avela Emhlabeni Wonke
Abakwasidlodlo Basiza Ekwehliseni Izitini
EKutaisi, idolobha lesibili ngobukhulu eRepublic of Georgia, kwase kuphele iminyaka engu-13 imihlangano emikhulu iqhutshelwa embonini yewayini engekho esimweni esihle. Izihlalo zazimbozwa ngoseyili ukuze izilaleli zingabi manzi. Manje abafowethu baneHholo LoMbuso Elisha elihle elivulekile abaqhubela kulo imihlangano emikhulu. Ngesikhathi lakhiwa, izisebenzi zokuzithandela ezingu-50 zazehlisa izitini elolini ngesikhathi kufika abakwasidlodlo bezobheka ukuthi kwenzekani. Bahlatshwa umxhwele yintokozo nenkuthalo yezisebenzi, futhi bazincoma base bezilekelela ekwehliseni izitini. Bathi abazalwane bababize uma kukhona obahluphayo. Bathembisa nokuthi bayoba khona emhlanganweni wokuqala oyoba kuleli Hholo Lomhlangano elisha.
Wadayisa Ibhayisikili
UMalachi, umdala ohlala eBurundi, wayeziphilisa ngokulima nokufuya nangokuthutha izimpahla ngebhayisikili lakhe. Ukuze asekele ukwakhiwa kweHholo LoMbuso labo, wanquma ukuya esakhiweni zonke izinsuku. Wayedinga imali yokondla umndeni wakhe izinyanga ezimbili okwakwakhiwa ngazo iHholo. Ngakho wadayisa ibhayisikili lakhe, wanika umkakhe imali okuzophilwa ngayo ekhaya, esele wayifaka ebhokisini lomnikelo ukuze alekelele ngezindleko zokwakha. Ngenxa yemizamo yakhe, izisebenzi ezakha amaHholo OMbuso zamqeqesha kahle kakhulu. Lapho iHholo seliphothuliwe, uMalachi wathola umsebenzi wokwakha ngoba abantu bebona ukuthi unekhono elihle lokwakha. Useze wakwazi ukuzithengela elinye ibhayisikili.
Zashukumiseleka Ukuba Zisize
Ukwakha amaHholo OMbuso emaphandleni aseMalawi kuyinselele. Kulo nyaka wenkonzo odlule, elinye ihholo lakhiwa endaweni enemigwaqo emibi ngendlela exakile. Abafowethu bayisa izinto zokwakha esakhiweni ngamaveni amakhulu. Abafowethu bendawo bathi kunelikhulu isasasa ngalesi sakhiwo endaweni. Abaningi abangebona oFakazi bacela ukufaka isandla, basebenza kwaze kwahlwa bediliza isihlabathi, amatshe, amasaka kasimende nothayela emavenini. Empeleni, ngezinye izikhathi abantu bezwe babeba baningi ngaphezu koFakazi! Zihlatshwe umxhwele umzamo woFakazi BakaJehova wokwakha izindawo zokukhulekela emaphandleni anjengawazo, izakhamuzi zendawo zashukumiseleka ukuba zisize.
Izingane Zadayisa Uswidi
Iphayona elikhethekile eCôte d’Ivoire lifundela umbhangqwana okhuluma isiBete, onezingane eziyishumi. Ngo-May 2013 kwakuzoba nomhlangano omkhulu wokuqala wesiBete edolobheni laseDaloa, futhi lo mkhaya wawufuna ukuya. Kepha imali yokuhamba yayingu-800 CFA (R16.00) umuntu ukuya nokubuya futhi ubaba wayengenayo imali yokubagibelisa bonke. Ngenxa yokuthi wayezimisele ukuba bahambe bonke, waqhamuka necebo. Wanika indodakazi endala u-300 CFA (R6.00) wathi ayidayise uswidi, nebala yawudayisa. Yathola inzuzo eyayenza yakwazi ukuzikhokhela imali yohambo. Ubaba wenza okufanayo nangezinye izingane