ISIERRA LEONE NEGUINEA
Sasizimisele Ukukhonza UJehova
UPhilip Tengbeh
UNYAKA AZALWA NGAWO 1966
ABHAPATHIZWA NGAWO 1997
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Umbaleki owasiza ekwa-khiweni kwamaHholo OMbuso amahlanu.
NGO-1991 mina nomkami uSatta sabaleka ukuze sisindise ukuphila kwethu emasosheni angamavukela-mbuso ayecekela phansi idolobha lakithi iKoindu, eSierra Leone. Eminyakeni engu-8 eyalandela, sahlala emakamu amaningi ababaleki. Silapho, sabekezelela ukungabi nakudla okwanele nezifo futhi sasinomakhelwane abaziphethe kabi.
Ekamu ngalinye sasicela abaphathi ukuba basinike indawo yokwakha iHholo LoMbuso. Ngezinye izikhathi babesinika, ngezinye basenqabele. Noma kunjalo, njalo nje sasihlela indawo esasizokhulekela kuyo. Sasizimisele ukukhonza uJehova. Ekugcineni sakha amaHholo OMbuso amane emakamu.
Lapho impi iphela, asikwazanga ukubuyela emakhaya. Iminyaka eminingi yempi yayenze iKoindu yaba indawo okungahlaleki kuyo. Ngakho sathunyelwa kwelinye futhi ikamu lababaleki eduze kwaseBo. Silapho, ngosizo lweminikelo evela ehhovisi legatsha, sakha iHholo LoMbuso lesihlanu.