INGXENYE 6
Yini Esiyifunda KuZamcolo Omkhulu?
UNkulunkulu wabhubhisa ababi kodwa wasindisa uNowa nomkhaya wakhe. Genesise 7:11, 12, 23
Lana izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, amanzi amboza wonke umhlaba. Bonke abantu ababi bafa.
Izingelosi eziyizihlubuki zashiya imizimba yazo yenyama zaba amademoni.
Abantu ababesemkhunjini basinda. Nakuba uNowa nomkhaya wakhe babuye bafa, uNkulunkulu uzobavusa, babe nethemba lokuphila phakade.
Mathewu 24:37-39
UNkulunkulu uzophinde abhubhise abantu ababi futhi asindise abalungile.USathane namademoni bayaqhubeka bedukisa abantu.
Namuhla, njengasesikhathini sikaNowa, abaningi bayasenqaba isiqondiso sikaJehova sothando. Maduze nje uJehova uzobhubhisa bonke ababi.—2 Petru 2:5, 6.
Abanye abantu banjengoNowa. Balalela uNkulunkulu futhi benze akushoyo; bangoFakazi BakaJehova.