ISIFUNDO 56
Gcina Ubunye Ebandleni
Lapho sinabantu esikholwa nabo, sizizwa njengeNkosi uDavide, eyathi: “Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlale ndawonye ngobunye!” (IHubo 133:1) Ubunye bethu abuzenzakaleli. Ngamunye wethu unendima ayifezayo ekugcineni ubunye.
1. Yini emangalisayo ngabantu bakaNkulunkulu?
Uma uya emhlanganweni webandla kwelinye izwe, ungase ungaluzwa ulimi olukhulunywayo, noma kunjalo ungazizwa usekhaya. Kungani? Kungenxa yokuthi sitadisha iBhayibheli sisebenzisa izincwadi ezifanayo yonke indawo. Sizama nokubonisana uthando. Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, sonke ‘sibiza igama likaJehova, ukuze simkhonze ngobunye.’—Zefaniya 3:9.
2. Yini ongayenza ukuze wenze kube nobunye?
“Thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni.” (1 Petru 1:22) Ungasisebenzisa kanjani leso seluleko? Kunokuba ugxile emaphutheni abanye, bheka izimfanelo zabo ezinhle. Kunokuba uzihlanganise kuphela nabantu abathanda izinto ozithandayo, zama ukwazi abafowethu nodadewethu bezizinda ezihlukahlukene. Ngaphezu kwalokho, kufanele sisebenze kanzima ukuze sisiphule imizwa yobandlululo okungenzeka sinayo.—Funda eyoku-1 Petru 2:17. a
3. Yini ozoyenza lapho ningaboni ngaso linye nomunye umKristu?
Sinobunye kodwa futhi sinesono. Ngezinye izikhathi siyadumazana size sizwisane nobuhlungu. Ngenxa yalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi ‘asiqhubeke sithethelelana,’ bese liyanezela: “Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, nani kumelwe nenze kanjalo.” (Funda eyabaseKolose 3:13.) UJehova simzwise ubuhlungu kaningi, kodwa wasithethelela. Ulindele ukuba nathi sibathethelele abafowethu. Uma ubona ukuthi kunomuntu omphathe kabi, thatha isinyathelo kuqala ukuze ulungise leyo ndaba.—Funda uMathewu 5:23, 24. b
FUNDA OKWENGEZIWE
Cabanga ngokuthi yini ongayenza ukuze kube nokuthula nobunye ebandleni.
4. Nqoba ubandlululo
Sifuna ukubathanda bonke abafowethu. Kodwa kungase kube nzima ukwamukela umuntu obonakala ehlukile kithi. Yini engasiza? Fundani izEnzo 10:34, 35, bese nixoxa ngale mibuzo:
-
UJehova wamukela zonke izinhlobo zabantu ukuba zibe oFakazi bakhe. Lokho kufanele kukwenze ubabheke kanjani abantu bezizinda ezihlukahlukene?
-
Yiluphi ubandlululo ofisa ukulugwema olwandile lapho uhlala khona?
Fundani eyesi-2 Korinte 6:11-13, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Ucabanga ukuthi ungasondelana kanjani nabafowethu nodadewethu bezinye izizinda?
5. Thethelela ngokukhululekile futhi wenze ukuthula
UJehova usithethelela ngokukhululekile nakuba kungasoze kwadingeka ukuba thina simthethelele. Fundani iHubo 86:5, bese nixoxa ngale mibuzo:
-
UJehova uthethelela kakhulu kangakanani?
-
Kungani ubonga ngokuthi uyathethelela?
-
Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ukuzwana nabanye?
Singamlingisa kanjani uJehova sihlale sinobunye nabafowethu nodadewethu? Fundani izAga 19:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Lapho umuntu ekucasula noma ekuphatha kabi, yini ongayenza ukuze wenze isimo sibe ngcono?
Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Ngezinye izikhathi sibaphatha kabi abanye. Uma kwenzekile lokho, yini okufanele siyenze?-
Kule vidiyo, yini udade ayenzile ukuze enze ukuthula?
6. Bheka okuhle kubafowenu nodadewenu
Lapho sisondelana nabafowethu nodadewethu, sibona izimfanelo zabo ezinhle kanye namaphutha abo. Yini esingayenza ukuze sigxile ezimfanelweni zabo ezinhle? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
-
Yini engakusiza ubone izimfanelo ezinhle zabafowenu nodadewenu?
UJehova ugxila ezimfanelweni zethu ezinhle. Fundani eyesi-2 IziKronike 16:9a, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova ugxila ezimfanelweni zakho ezinhle?
ABANYE ABANTU BATHI: “Ngeke ngimxolele engaxolisile.”
-
Kungani kufanele sizimisele ukuxolela abanye?
UKUBUYEKEZA
Ungasiza ekugcineni ubunye ebandleni ngokuba othethelelayo nangokubonisa uthando kubo bonke abafowenu nodadewenu.
Ufundeni?
-
Ungalunqoba kanjani ubandlululo?
-
Yini ozoyenza uma ungaboni ngaso linye nomunye umKristu?
-
Kungani ufuna ukulingisa isibonelo sikaJehova sokuthethelela?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi umfanekiso kaJesu ungasisiza kanjani sigweme ukwahlulela abanye.
Kuyadingeka yini sixolise uma sibona sengathi ayikho into embi esiyenzile?
“Ukuxolisa—Isihluthulelo Sokudala Ukuthula” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2002)
Bukela ukuthi abanye bafunde kanjani ukuphatha abanye ngokungakhethi.
Funda izindlela ongaxazulula ngazo ukungezwani ngaphambi kokuba kuphazamise ukuthula kwebandla.
“Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando” (INqabayokulinda, Meyi 2016)
a UMbhalo Osekugcineni 6 ukhuluma ngendlela uthando olungenza ngayo amaKristu agweme ukuthelelana ngezifo.
b UMbhalo Osekugcineni 7 ukhuluma ngendlela yokulungisa izindaba zamabhizinisi nezomthetho.