Qala Manje Ukufunda IBhayibheli
Ungakujabulela ukufunda iBhayibheli! Nawa amacebiso angakusiza uqale. Khetha isihloko osithandayo, ufunde nemiBhalo ekhonjiwe.
Izindaba Nabantu Abadumile
-
UNowa noZamcolo: Genesise 6:9–9:19
-
UMose oLwandle Olubomvu: Eksodusi 13:17–14:31
-
URuthe noNawomi: Ruthe izahluko 1-4
-
UDavide noGoliyati: 1 Samuweli isahluko 17
-
U-Abhigayili: 1 Samuweli 25:2-35
-
UDaniyeli emgodini wamabhubesi: Daniyeli isahluko 6
-
U-Elizabethe noMariya: Luka izahluko 1-2
Ukuhlakanipha Ongakusebenzisa Nsuku Zonke
-
Ukuphila komndeni: Efesu 5:28, 29, 33; 6:1-4
-
Abangane: IzAga 13:20; 17:17; 27:17
-
Umthandazo: IHubo 55:22; 62:8; 1 Johane 5:14
-
INtshumayelo Yasentabeni: Mathewu izahluko 5-7
-
Umsebenzi: IzAga 14:23; UmShumayeli 3:12, 13; 4:6
Lapho Udinga Usizo Ngenxa . . .
-
Yokudikibala: IHubo 23; Isaya 41:10
-
Yosizi: 2 Korinte 1:3, 4; 1 Petru 5:7
-
Yomuzwa wecala: IHubo 86:5; Hezekeli 18:21, 22
Okushiwo IBhayibheli . . .
-
Ngezinsuku zokugcina: Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5
-
Ngethemba lesikhathi esizayo: IHubo 37:10, 11, 29; IsAmbulo 21:3, 4
ICEBISO: Ukuze uthole umqondo walokho okushiwo imiBhalo ekhonjwe ngenhla, funda sonke isahluko noma izahluko ezinalawo mavesi. Sebenzisa ishadi elithi “Maka Lokho Osukufundile EBhayibhelini,” elisekugcineni kwale ncwadi ukuze umake isahluko ngasinye osusifundile. Zibekele umgomo wokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli njalo ngosuku.