Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 2

‘Ungasondela’ Ngempela Yini “KuNkulunkulu”?

‘Ungasondela’ Ngempela Yini “KuNkulunkulu”?

1, 2. (a) Yini engase izwakale ingenakwenzeka kwabaningi, kodwa iBhayibheli lisiqinisekisa ngani? (b) U-Abrahama wathola ilungelo lokwakha ubuhlobo obuseduze nobani, futhi kungani?

 UBUNGAZIZWA kanjani uma uMdali wezulu nomhlaba ebengathi ngawe, “Umngani wami lo”? Kwabaningi, lokho kungase kuzwakale kuyinto engenakwenzeka. Kungenzeka kanjani nje ukuba umuntu abe umngani kaJehova uNkulunkulu? IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi singasondela ngempela kuNkulunkulu.

2 U-Abrahama wasendulo wasondela kuye. UJehova wabiza leyo nhloko yomndeni ngokuthi “umngani wami.” (Isaya 41:8) Yebo, uJehova wabheka u-Abrahama njengomngani wakhe. U-Abrahama wathola lobo bungani obuseduze ngoba “waba nokholo kuJehova.” (Jakobe 2:23) Nanamuhla, uJehova ufuna amathuba okwakha ubungani obuseduze nalabo abamkhonzayo futhi ‘abathande.’ (Duteronomi 10:15) IZwi lakhe liyasinxusa: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) La mazwi aqukethe isimemo kanye nesithembiso.

3. Yisiphi isimemo uJehova asidlulisela kithi, futhi yisiphi isithembiso esihlobene naso?

3 UJehova usimema ukuba sisondele kuye. Ukulungele futhi uyathanda ukusamukela njengabangani bakhe. Ngesikhathi esifanayo, uthembisa ukuthi uma sithatha izinyathelo zokusondela kuye, naye uyokwenza okufanayo. Uyosondela kithi. Ngakho singaba nento eyigugu ngempela​—“ubungani obuseduze noJehova.” (IHubo 25:14) Lapha, amazwi athi “ubungani obuseduze” adlulisela umqondo wokuthululelana isifuba nomngani okhethekile.

4. Ungamchaza kanjani umngani oseduze, futhi kungaziphi izindlela uJehova eba umngani onjalo kulabo abasondela kuye?

4 Unaye yini umngani oseduze othululela kuye isifuba sakho? Lowo mngani uyena okukhathalelayo. Uyamethemba ngoba uye wathembeka. Injabulo yakho iyanda lapho umxoxela ngezinto ezikujabulisayo. Indlebe yakhe enozwela iwenza ube lula umthwalo wezinto ezikudabukisayo. Ngisho nalapho kubonakala sengathi akekho okuqondayo, yena uyakuqonda. Ngokufanayo, lapho usondela kuNkulunkulu, uthola uMngani okhethekile okubheka njengobalulekile, okukhathalela ngokujulile, nokuqonda ngokuphelele. (IHubo 103:14; 1 Petru 5:7) Umethemba ngakho konke onakho, ngoba wena uyazi ukuthi uthembekile kwabathembekile kuye. (IHubo 18:25) Kodwa leli lungelo lokuba umngani noNkulunkulu litholakala kuphela ngoba yena elenze latholakala.

UJehova Uvule Indlela

5. Yini uJehova ayenza ukuze sikwazi ukusondela kuye?

5 Ukube sasishiywe ukuba sizibonele, thina zoni sasingeke neze sisondele kuNkulunkulu. (IHubo 5:4) “Kodwa uNkulunkulu usibonisa uthando lwakhe siqu ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela,” kubhala umphostoli uPawulu. (Roma 5:8) Yebo, uJehova wahlela ukuba uJesu ‘anikele ngokuphila kwakhe kube isihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Ukholo lwethu kulowo mhlatshelo wesihlengo lwenza sikwazi ukusondela kuNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu “asithanda kuqala,” wabeka isisekelo sokuba sakhe ubungani naye.​—1 Johane 4:19.

6, 7. (a) Sazi kanjani ukuthi uJehova akayena uNkulunkulu ofihlekile nongenakwaziwa? (b) UJehova uzembule ngaziphi izindlela?

6 UJehova uthathe esinye isinyathelo: Uzembulile kithi. Kunoma yibuphi ubungani, ukusondelana kusuke kusekelwe ekumazini ngempela omunye umuntu, ekwaziseni izimfanelo nezindlela zakhe. Ngakho ukube uJehova ubenguNkulunkulu ofihlekile nongaziwa, besingeke sisondele kuye. Kodwa kunokuba azifihle, ufuna simazi. (Isaya 45:19) Ngaphezu kwalokho, lokho akwembulile ngaye bonke abantu bangakwazi, ngisho nalabo izwe elibabheka njengabangelutho.​—Mathewu 11:25.

UJehova uzambule ngemisebenzi yakhe yendalo nangeZwi lakhe elilotshiwe

7 UJehova uzembule kanjani kithina? Imisebenzi yakhe yendalo iveza izici ezithile zobuntu bakhe​—ubukhulu bamandla akhe, ukujula kokuhlakanipha kwakhe, ubukhulu bothando lwakhe. (Roma 1:20) Kodwa uJehova akagcini ngokuzembula ngezinto azidalile. Njengoba enguMfundisi Omkhulu, wenza kwaba khona isambulo esibhaliwe esiphathelene naye eZwini lakhe iBhayibheli.

Indlela UJehova Azembula Ngayo EZwini Lakhe

8. Kungani kungathiwa iBhayibheli ngokwalo liwubufakazi bothando asithanda ngalo uJehova?

8 IBhayibheli ngokwalo liwubufakazi bothando uJehova asithanda ngalo. EZwini lakhe, uzibiza ngamagama esiwaqondayo​—okuwubufakazi bokuthi akeve esithanda nje kuphela kodwa uyafuna nokuba nathi simazi futhi simthande. Esikufunda kule ncwadi eyigugu kusenza sikwazi ukusondela kuye. (IHubo 1:1-3) Ake sixoxe ngezinye zezindlela ezithinta inhliziyo uJehova azembula ngazo eZwini lakhe.

9. Yiziphi izibonelo zezinkulumo ezisitshela izimfanelo zikaNkulunkulu eBhayibhelini?

9 ImiBhalo inezinkulumo eziningi ezisitshela izimfanelo zikaNkulunkulu. Nazi ezinye izibonelo. “UJehova uyabuthanda ubulungisa.” (IHubo 37:28) UNkulunkulu “unamandla amakhulu.” (Jobe 37:23) “‘Mina ngiqotho,’ kusho uJehova.” (Jeremiya 3:12) “Unenhliziyo ehlakaniphile.” (Jobe 9:4) “[UnguNkulunkulu] onesihe nozwela, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho neqiniso.” (Eksodusi 34:6) “Wena, Jehova, umuhle futhi uhlale ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5) Kanti njengoba kushiwo esahlukweni esingaphambili, yinye imfanelo evelele: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Njengoba ucabanga ngalezi zimfanelo ezijabulisayo, awudonseleki yini kulo Nkulunkulu ongenakuqhathaniswa nalutho?

10, 11. (a) Ukuze asisize sibubone ngokucace kakhudlwana ubuntu bakhe, yini uJehova ayifakile eZwini lakhe? (b) Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezisisiza ukuba simbone ngeso lengqondo uNkulunkulu esebenzisa amandla akhe?

10 Ngaphezu kokusitshela izimfanelo zakhe, ngothando uJehova ufake eZwini lakhe izibonelo ezishaya emhloleni zendlela azisebenzisa ngayo lezi zimfanelo. Lokho kulandisa kwakha imifanekiso ecacile ezingqondweni zethu esisiza ukuba sizibone ngokucacile izici ezihlukahlukene zobuntu bakhe. Lokho kuyasisiza sisondele kuye. Cabanga ngalesi sibonelo.

IBhayibheli lisisiza ukuba sisondele kuJehova

11 Kukodwa ukufunda ukuthi uNkulunkulu ‘unamandla amangalisayo.’ (Isaya 40:26) Kanti kungokunye ukufunda indlela akhulula ngayo u-Israyeli wanqamula uLwandle Olubomvu, wabe esesisekela leso sizwe ehlane iminyaka engu-40. Ungawabona ngeso lengqondo amanzi agubhayo ehlukana phakathi. Ungasibona lesi sizwe​—mhlawumbe esinabantu abangu-3 000 000—​sihamba emhlabathini owomile, amanzi ajiyile emi ngapha nangapha njengezindonga ezinkulu. (Eksodusi 14:21; 15:8) Ungabubona ubufakazi bokunakekela kukaNkulunkulu nesivikelo sakhe ehlane. Kwaphuma amanzi edwaleni. Emhlabathini kwavela ukudla okufana nembewu emhlophe. (Eksodusi 16:31; Numeri 20:11) UJehova lapha akembuli nje kuphela ukuthi unamandla kodwa nokuthi uwasebenzisela ukusiza abantu bakhe. Akududuzi yini ukwazi ukuthi imithandazo yethu ikhuphukela kuNkulunkulu onamandla ‘oyisiphephelo namandla ethu, usizo olutholakala ngokushesha ngezikhathi zokucindezeleka’?​—IHubo 46:1.

12. UJehova usisiza kanjani ukuba “simbone” ngokuzichaza ngendlela esiyiqondayo?

12 UJehova, onguMoya, wenze ngisho nokwengeziwe ukuze asisize simazi. Njengoba singabantu, sikwazi ukubona izinto ngamehlo enyama kuphela, yingakho singakwazi ukubona endaweni yomoya. Ukube uNkulunkulu ubengazichaza kithina ngendlela engokomoya bekuyofana nokuzama ukuchazela umuntu ozalwe eyimpumputhe imininingwane ethile ngawe, njengombala wamehlo akho noma amabala asebusweni bakho. Kunokuba enze kanjalo, uJehova usisiza ngomusa ukuba “simbone” ngokuzichaza ngendlela esiyiqondayo. Ngezinye izikhathi usebenzisa izingathekiso neziqhathaniso, azifanise nezinto esizaziyo. Uze azichaze nangokuthi unezici ezithile zabantu. a

13. Yimuphi umfanekiso owakhiwa u-Isaya 40:11 engqondweni, futhi ukuthinta kanjani wena?

13 Phawula indlela achazwe ngayo uJehova ku-Isaya 40:11: ‘Uyokwelusa umhlambi wakhe njengomalusi. Ngengalo yakhe uyoqoqela ndawonye amawundlu, awagone esifubeni sakhe.’ UJehova lapha ufaniswa nomalusi ofukula amawundlu “ngengalo” yakhe. Lokho kubonisa ikhono likaNkulunkulu lokuvikela nokusekela abantu bakhe, ngisho nabangavikelekile. Singazizwa siphephile ezingalweni zakhe ezinamandla ngoba uma sithembekile kuye, akasoze asishiya. (Roma 8:38, 39) UMalusi Omkhulu uthwala amawundlu “esifubeni [sakhe]”​—inkulumo ebhekisela emifingcizweni yengubo yangenhla, lapho ngezinye izikhathi umalusi ayefaka khona iwundlu elisanda kuzalwa. Ngakho, siqinisekiswa ngokuthi siyigugu kuJehova futhi usinakekela ngothando. Kungokwemvelo ukufuna ukusondela kuye.

‘INdodana Iyathanda Ukumambula’

14. Kungani kungathiwa uJehova uzembula ngokucacile ukuthi ungumuntu onjani esebenzisa uJesu?

14 EZwini lakhe, uJehova uzembula ngokucacile ukuthi ungumuntu onjani esebenzisa iNdodana yakhe ayithandayo, uJesu. Akekho owayengabonakalisa ukucabanga nemizwa kaNkulunkulu noma amchaze ngendlela ecace ukwedlula leyo uJesu enza ngayo. Angithi leyo Ndodana eyizibulo yayikhona eduze kukaYise zingakadalwa ezinye izidalwa zomoya nendawo yonke ebonakalayo. (Kolose 1:15) UJesu wayesondelene kakhulu noJehova. Yingakho ayengathi: “Akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani ngaphandle kukaBaba, akekho nowaziyo ukuthi uBaba ungubani ngaphandle kweNdodana kanye nanoma ubani iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (Luka 10:22) Ngesikhathi engumuntu emhlabeni, uJesu wambula uYise ngezindlela ezimbili ezibalulekile.

15, 16. Yiziphi izindlela ezimbili uJesu ambula ngazo uYise?

15 Eyokuqala, izimfundiso zikaJesu zisisiza ukuba sazi uYise. UJesu wachaza uJehova ngendlela esithinta inhliziyo. Ngokwesibonelo, ukuze achaze uNkulunkulu onesihe owamukela izoni eziphendukayo, uJesu wafanisa uJehova nobaba othethelelayo othinteka ngaphakathi lapho ebona indodana yakhe ibuya, kangangokuba uyagijima ayange ngothando, ayiqabule. (Luka 15:11-24) UJesu futhi waveza uJehova njengoNkulunkulu ‘odonsa’ abantu abanezinhliziyo ezilungile ngoba ebathanda njengabantu ngabanye. (Johane 6:44) Uyazi ngisho nalapho undlunkulu omncane uwela phansi. “Ningesabi,” kuchaza uJesu, “nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29, 31) Sizizwa sidonseleka ngempela kuNkulunkulu okhathalela kanjalo.

16 Eyesibili, isibonelo sikaJesu sisibonisa ukuthi uJehova unjani. UJesu wambonakalisa ngendlela ephelele uYise kangangokuthi wayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) Ngakho, lapho sifunda ngoJesu emaVangelini​—imizwa ayiveza nendlela ayebaphatha ngayo abanye—​kusuke kufana nokubona isithombe esiphilayo sikaYise. Ayikho enye incazelo yezimfanelo zakhe ecace ngaphezu kwalena ayengasinika yona uJehova. Kungani?

17. Nikeza isibonelo esichaza lokho uJehova akwenzile ukuze asisize simqonde ukuthi unjani.

17 Ngokwesibonelo: Zicabange uzama ukuchaza ukuthi umusa uyini. Mhlawumbe ungawuchaza ngamagama. Kodwa uma ungakhomba umuntu esenza ngokoqobo isenzo somusa bese uthi, “Nasi isibonelo somusa,” igama elithi “umusa” livele likutshele okwengeziwe futhi kube lula ukuliqonda. UJehova wenze okufanayo ukuze asisize simqonde ukuthi unjani. Njengoba engagcinanga ngokuzichaza ngamagama kuphela, usinikeze isibonelo esiphilayo seNdodana yakhe. Kulokho uJesu akwenza, sibona izimfanelo zikaNkulunkulu. Ngokulandisa kwamaVangeli okuchaza uJesu, empeleni uJehova uthi: “Mina nginjena.” Lo mbhalo ophefumulelwe umchaza kanjani uJesu ngesikhathi esemhlabeni?

18. UJesu wayibonakalisa kanjani imfanelo yamandla, ubulungisa nokuhlakanipha?

18 Izimfanelo ezine ezivelele zikaNkulunkulu zabonakala kahle kakhulu kuJesu. Wayenamandla phezu kwezifo, indlala, ngisho nokufa. Kodwa, ngokungafani nabantu abangamagovu abawasebenzisa kabi amandla abo, akazange asebenzise amandla akhe ayisimangaliso ngenjongo yokuzizuzisa yena noma yokulimaza abanye. (Mathewu 4:2-4) Wayebuthanda ubulungisa. Inhliziyo yakhe yagcwala intukuthelo efanele lapho ebona abathengisi abangamaqili bexhaphaza abantu. (Mathewu 21:12, 13) Akazange ababandlulule abampofu nabacindezelwe, wabasiza ukuba ‘bathole ukuqabuleka.’ (Mathewu 11:4, 5, 28-30) Kwakunokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa ezimfundisweni zikaJesu, yena ‘owayengaphezu kukaSolomoni.’ (Mathewu 12:42) Kodwa uJesu akazange agabise ngokuhlakanipha kwakhe. Ayekusho kwafinyelela izinhliziyo zabantu abavamile, ngoba izimfundiso zakhe zazicacile, zilula futhi ziwusizo.

19, 20. (a) UJesu waba kanjani isibonelo esivelele sothando? (b) Njengoba sifunda futhi sicabanga ngesibonelo sikaJesu, yini okufanele siyikhumbule?

19 UJesu wayeyisibonelo esivelele sothando. Kuyo yonke inkonzo yakhe, wabonisa izici eziningi zothando, ezihlanganisa uzwela nesihawu. Lapho ebona ukuhlupheka kwabanye wayedabuka. Izikhathi eziningi lokho kudabuka kwakumenza enze okuthile. (Mathewu 14:14) Yize uJesu elapha abagulayo, wapha nabalambile ukudla, wabonisa isihawu ngendlela ebaluleke nakakhulu. Wasiza abanye ukuba bazi, bamukele, futhi bathande iqiniso loMbuso kaNkulunkulu, oyolethela isintu izibusiso zaphakade. (Marku 6:34; Luka 4:43) Ngaphezu kwakho konke, uJesu wabonisa uthando lokuzidela ngokunikela ngokuphila kwakhe ngokuzithandela ngenxa yabanye.—Johane 15:13.

20 Kuyamangaza-ke yini ukuthi abantu babo bonke ubudala nezizinda bazizwa bedonseleka kulo muntu onemfudumalo nemizwa ejulile? (Marku 10:13-16) Nokho, njengoba sifunda futhi sicabangisisa ngesibonelo esiphilayo sikaJesu, masihlale sikhumbula ukuthi kule Ndodana sibona uYise ngokucacile.—Hebheru 1:3.

Insiza-kufunda Yokusisiza

21, 22. Yini ehilelekile ekufuneni uJehova, futhi yini equkethwe yile nsiza-kufunda ezosisiza kulokhu?

21 Ngokuzembula ngendlela ecace kangaka eZwini lakhe, uJehova akashiyi kungabaza ngokuthi ufuna sisondele kuye. Ngesikhathi esifanayo, akasiphoqi ukuba sibe nobuhlobo obuhle naye. Kungumthwalo wethu ukufuna uJehova “esatholakala.” (Isaya 55:6) Ukufuna uJehova kuhilela ukwazi izimfanelo zakhe nezindlela zakhe njengoba zembulwe eBhayibhelini. Le ncwadi oyifundayo manje yenzelwe ukukusiza kulokhu.

22 Uzobona ukuthi le ncwadi ihlukaniswe yaba izingxenye ezihambisana nezimfanelo zikaJehova ezine eziyinhloko: amandla, ubulungisa, ukuhlakanipha, nothando. Ingxenye ngayinye iqala ngokuchaza imfanelo ethile. Izahluko ezilandelayo ezimbalwa zibe sezixoxa ngendlela uJehova abonisa ngayo izici ezihlukahlukene zaleyo mfanelo. Ingxenye ngayinye inanesahluko esibonisa indlela uJesu ayibonisa ngayo leyo mfanelo, kanye nesahluko esixoxa ngendlela thina esingayibonisa ngayo ekuphileni kwethu.

23, 24. (a) Chaza ingxenye ekhethekile ethi “Imibuzo Yokuzindla.” (b) Ukuzindla kusisiza kanjani ukuba sisondele nakakhulu kuNkulunkulu?

23 Kusukela kulesi sahluko kunengxenye ekhethekile enesihloko esithi “Imibuzo Yokuzindla.” Ngokwesibonelo, bheka i bhokisi ekhasini 24. ImiBhalo nemibuzo ayiyona eyokubukeza isahluko. Kodwa injongo yayo ukukusiza ucabangisise ngamaphuzu athile abalulekile. Ungayisebenzisa kanjani ngendlela ewusizo le ngxenye? Vula yonke imiBhalo ekhonjiwe futhi uwafunde kahle amavesi. Yibe usubheka umbuzo ohambisana nomBhalo ngamunye. Zindla ngezimpendulo. Ungase ucwaninge. Zibuze eminye imibuzo: ‘Lokhu engikufundayo kungitshelani ngoJehova? Kukuthinta kanjani ukuphila kwami? Ngingakusebenzisa kanjani ukuze ngisize abanye?’

24 Ukuzindla okunjalo kungasisiza sisondele ngisho nakakhulu kuJehova. Kungani? IBhayibheli lihlanganisa ukuzindla nenhliziyo. (IHubo 19:14) Uma sikwazisa futhi sikucabangisisa lokho esikufundayo ngoNkulunkulu, esikufundile kwehlela ezinhliziyweni zethu ezingokomfanekiso, lapho kufike kuthonye khona ukucabanga kwethu, kuthinte imizwa yethu, futhi ekugcineni kusenze sithathe isinyathelo. Uthando lwethu ngoNkulunkulu luyajula, bese lusenza sifune ukumjabulisa njengoMngani wethu esimthandayo. (1 Johane 5:3) Ukuze sibe nalobo buhlobo, kumele sizazi izimfanelo zikaJehova nezindlela zakhe. Kodwa okokuqala, masixoxe ngesici sobuntu bukaNkulunkulu esisinikeza isizathu esinamandla sokusondela kuye​—ubungcwele bakhe.

a Ngokwesibonelo, iBhayibheli likhuluma ngobuso bukaNkulunkulu, amehlo, izindlebe, amakhala, umlomo, izingalo, nezinyawo. (IHubo 18:15; 27:8; 44:3; Isaya 60:13; Mathewu 4:4; 1 Petru 3:12) Izinkulumo ezinjalo ezingokomfanekiso akumele zithathwe ngokoqobo, njengoba nje singeke sizithathe ngokoqobo izinkulumo ezichaza uJehova ngokuthi “uyiDwala” noma ‘uyihawu.’​—Duteronomi 32:4; IHubo 84:11.