ISIFUNDO 11
Intshiseko
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
-
Qale ukuqonde wena ozokusho. Njengoba ulungiselela, cabanga ngokuthi kungani indaba ozokhuluma ngayo ibalulekile. Yazi kahle indaba ozokhuluma ngayo, ukuze ukhulume ngokusuka enhliziyweni.
-
Cabanga ngezilaleli zakho. Cabangisisa ngokuthi lokho ozokufunda noma ozokufundisa kuzobasiza kanjani abanye. Cabanga ngendlela ongayethula ngayo indaba yakho, ezokwenza izilaleli zakho ziyithande kakhulu.
-
Yiba nomdlandla. Khuluma ngentshiseko. Nyakazisa umzimba ngendlela engokwemvelo futhi ubuso bakho abubonise indlela ozizwa ngayo.