ISAHLUKO 10
INkosi Icwengisisa Abantu Bayo Ngokomoya
1-3. Yini uJesu ayenza lapho ethola ukuthi ithempeli liyangcoliswa?
UJESU wayelihlonipha kakhulu ithempeli laseJerusalema ngoba wayekwazi elalikumelele. Kwase kuyiminyaka eminingi liyisikhungo sokukhulekela kweqiniso emhlabeni. Kodwa lokho kukhulekela
2 EGcekeni Labezizwe, abathengisi nabashintshi bemali abangamagovu babedlala ngabakhulekeli ababelethe iminikelo kuJehova. * UJesu “waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshi bemali.” (Qhathanisa noNehemiya 13:
3 Ngemva kwamakhulu eminyaka, lapho esemiswe njengeNkosi EnguMesiya, uJesu waphinde wahlanza ithempeli
Ukuhlanza “Amadodana KaLevi”
4, 5. (a) Abalandeli bakaJesu abagcotshiwe bacwengisiswa futhi bahlanzwa kanjani kusukela ngo-1914 kuya ekuqaleni kuka-1919? (b) Ingabe kwaphela lapho ukucwengisiswa nokuhlanzwa kwabantu bakaNkulunkulu? Chaza.
4 Njengoba sibonile eSahlukweni 2 sale ncwadi, ngemva kokubekwa esihlalweni sobukhosi ngo-1914, uJesu wafika noYise bezohlola ithempeli elingokomoya—ilungiselelo lokukhulekela okumsulwa. * Ngenxa yalokho kuhlola, iNkosi yabona ukuthi amaKristu agcotshiwe, “amadodana kaLevi,” ayedinga ukucwengisiswa nokuhlanzwa. (Mal. 3:
5 Ingabe kwaphelela lapho ukucwengisiswa nokuhlanzwa kwabantu bakaNkulunkulu? Cha. Kuzo zonke lezi zinsuku zokugcina, uJehova esebenzisa iNkosi EnguMesiya uye waqhubeka esiza abalandeli bakhe ukuba bahlanzeke ukuze bahlale besethempelini elingokomoya. Ezahlukweni ezimbili ezilandelayo, sizobona indlela abacwengisise ngayo endabeni yokuziphatha nasezicini ezithinta inhlangano. Kodwa okokuqala ake sixoxe ngokuhlanzwa ngokomoya. Kuqinisa ukholo ukucabanga ngalokho okwenziwe uJesu
“Zigcineni Nihlanzekile”
6. Imiyalo kaJehova kumaJuda ayedingisiwe isisiza kanjani siqonde okuhilelekile ekuhlanzekeni okungokomoya?
6 Kuyini ukuhlanzeka okungokomoya? Ukuze siphendule, ake sihlole amazwi uJehova awasho kumaJuda ayedingisiwe njengoba ayesezolishiya iBhabhiloni ekhulwini lesithupha B.C.E. (Funda u-Isaya 52:11.) Lawo maJuda ayephindela kubo eJerusalema ngokuyinhloko ukuze akhe kabusha ithempeli abuyisele nokukhulekela kweqiniso. (Ezra 1:
7. Yimuphi umzila uJesu asize ngawo abalandeli bakhe ukuba bahlanzeke ngokomoya?
7 Ngemva nje kokubekwa kukaJesu njengeNkosi, wabeka umzila obonakala ngokucacile asize ngawo abalandeli bakhe ukuba bahlanzeke ngokomoya. Lowo mzila yinceku ethembekile neqondayo uKristu ayimisa ngo-1919. (Math. 24:45) Ngalowo nyaka, abaFundi BeBhayibheli base bezihlanzile kakade ezimfundisweni zenkolo yamanga. Noma kunjalo, kwakusadingeka baqhubeke behlanzwa ngokomoya. Ngenceku yakhe ethembekile, kancane kancane uKristu uye wakhanyisela abalandeli bakhe ngemikhuba nemicikilisho eminingi okudingeke bayilahle. (IzAga 4:18) Ake sifunde ngezibonelo zayo.
Kufanele Yini AmaKristu Agubhe UKhisimusi?
8. Yini abaFundi BeBhayibheli okwase kuyisikhathi eside beyivuma ngoKhisimusi, kepha yini ababengayiqondi kahle?
8 Sekuyisikhathi eside abaFundi BeBhayibheli bevuma ukuthi uKhisimusi unomsuka wobuqaba nokuthi uJesu akazalwanga ngo-December 25. I-Zion’s Watch Tower ka-December 1881 yathi: “Izigidi zabantu zangena esontweni zivela ebuQabeni. Kodwa zashintsha ikakhulukazi ngegama nje kuphela, ngoba abapristi bobuqaba baba abapristi bobukristu, amaholidi obuqaba abizwa ngamagama obukristu
9. Yini abaFundi BeBhayibheli abayiqonda ngoKhisimusi?
9 Ngenxa yokuhlolisisa nokubhekisisa le ndaba, abaFundi BeBhayibheli baqonda ukuthi umsuka kaKhisimusi nemikhuba ehlobene nawo empeleni kuhlambalaza uNkulunkulu. Isihloko esithi “Umsuka KaKhisimusi,” esasikuyi-Golden Age ka-December 14, 1927, saphawula ukuthi uKhisimusi uwumkhosi wobuqaba, ugxile ezinjabulweni futhi uhilela ukukhulekela izithombe. Lesi sihloko sakhanyisa ukuthi uKristu akayalanga ukuba lo mkhosi ugujwe, sase siphetha ngokulimisa ngesihloko: “Ukuthi izwe, ukuthambekela kwenyama noDeveli kuyathanda ukuba uqhubeke ugujwa . . . kuyiphuzu lokugcina nelinamandla elenza kungafaneleki ukuba ugujwe abantu abazinikele ngokuphelele enkonzweni kaJehova.” Akumangalisi-ke ukuthi umkhaya waseBethel awuzange uwugubhe uKhisimusi ngalowo December
10. (a) UKhisimusi wadalulwa kanjani ngokuningiliziwe ngo-December 1928? (Bheka nebhokisi elithi “ UKhisimusi, Umsuka Nenjongo Yawo.”) (b) Abantu bakaNkulunkulu baqwashiswa kanjani ngamanye amaholidi nemikhosi okufanele igwenywe? (Bheka ibhokisi elithi “ Ukudalula Amanye Amaholidi Nemikhosi.”)
10 Ngonyaka olandelayo, abaFundi BeBhayibheli bathola inkulumo eyayiwudalula ngokuningiliziwe umsuka kaKhisimusi. Ngo-December 12, 1928, uMfoweth’ uRichard H. Barber, owayesebenza endlunkulu, wanikeza inkulumo emsakazweni eyawuveza obala umsuka ongcolile waleli holidi. Abantu bakaNkulunkulu basabela kanjani esiqondisweni esicacile esivela *
11. Singabonisa kanjani ukuthi siyayisekela iNkosi EnguMesiya?
11 Yeka isibonelo esihle esasibekelwa yilabo baFundi BeBhayibheli abathembekile! Lapho sicabanga ngesibonelo sabo, kuhle sizibuze: ‘Ngisibheka kanjani isiqondiso esivela endlunkulu? Ingabe ngisamukela ngenjabulo, ngenze engikufundayo?’ Ukuzimisela kwethu ukulalela kubonisa ukusekela kwethu iNkosi EnguMesiya, esebenzisa inceku ethembekile ukuba yabe ukudla okungokomoya ngesikhathi.
Kufanele Yini AmaKristu Asebenzise Isiphambano?
12. Kwaphela iminyaka eminingi abaFundi BeBhayibheli besibheka kanjani isiphambano?
12 Kwaphela iminyaka eminingi abaFundi BeBhayibheli bebheka isiphambano njengophawu lobuKristu olufanelekayo. Bona babengacabangi neze ukuthi kufanele sikhulekelwe ngoba babeqonda ukuthi ukukhulekela izithombe kuyinto engafanele. (1 Kor. 10:14; 1 Joh. 5:21) Ngo-1883, INqabayokulinda yalimisa ngesihloko yathi “zonke izinhlobo zokukhulekela izithombe ziyisinengiso kuNkulunkulu.” Noma kunjalo, ekuqaleni abaFundi BeBhayibheli ababonanga lutho olubi ngokwenza lokho ababecabanga ukuthi kuwukusebenzisa isiphambano ngendlela efanelekile. Ngokwesibonelo, babesifaka ngeqholo isipeletu esiyisiphambano nomqhele njengento ebahlukanisayo kwabanye. Kubona, lesi sipeletu sasibonisa ukuthi uma bethembeka kuze kube sekufeni, bayothola umqhele wokuphila. Kusukela ngo-1891, uphawu lwesiphambano nomqhele lwavela esembozweni se-Nqabayokulinda.
13. Yikuphi ukukhanyiselwa abalandeli bakaKristu abakuthola ngokusebenzisa isiphambano? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukukhanyiselwa Okuqhubekayo Ngokusebenzisa Isiphambano.”)
13 AbaFundi BeBhayibheli babelubheka njengoluyigugu lolu phawu lwesiphambano nomqhele. Kodwa kusukela ekupheleni kwawo-1920, abalandeli bakaKristu baqhubeka bekhanyiselwa maqondana nokusebenzisa isiphambano. Lapho uMfoweth’ uGrant Suiter, kamuva owakhonza eNdikimbeni Ebusayo, ekhumbula umhlangano wango-1928 owawuseDetroit, eMichigan, e-U.S.A., wathi: “Kulo mhlangano kwavezwa ukuthi akukona nje kuphela ukuthi uphawu lwesiphambano nomqhele aludingeki kodwa futhi luyenyanyeka.” Ngemva kweminyaka embalwa kwalandela ukukhanyiselwa okwengeziwe. Kwaba sobala ukuthi isiphambano asinandawo ekukhulekeleni okumsulwa nokuhlanzekile ngokomoya.
14. Abantu bakaNkulunkulu basabela kanjani ekukhanyiselweni okuqhubekayo abakuthola ngesiphambano?
14 Abantu bakaNkulunkulu basabela kanjani ekukhanyiselweni ababeqhubeka bekuthola ngesiphambano? Ingabe baqhubeka bebambelele kulolu phawu ababeluthanda kangaka? “Kwaba lula ukuluyeka lapho sesiqaphela ukuthi lumelelani,” kukhumbula uLela Roberts, udade owayesenesikhathi eside ekhonza uJehova. Omunye udade othembekile u-Ursula Serenco, waveza umuzwa wabaningi lapho ethi: “Saqaphela ukuthi le nto esasiyithanda ngoba sithi imelela ukufa kweNkosi yethu nokuzinikela kwethu kobuKristu empeleni iwuphawu lobuqaba. Ngokuvumelana nezAga 4:
15, 16. Singabonisa kanjani ukuthi sizimisele ukuwagcina ehlanzekile amagceke asemhlabeni ethempeli likaJehova elingokomoya?
15 Nathi sizizwa ngendlela efanayo namuhla. Siyaqaphela ukuthi uKristu ubesebenzisa umzila obonakala ngokucacile—inceku yakhe ethembekile neqondayo—ukuze asize abantu bakhe bahlale behlanzekile ngokomoya. Ngakho, lapho ukudla okungokomoya esikutholayo kusiqwashisa ngemikhosi, imikhuba noma amasiko athile angcoliswe inkolo yamanga, siyalalela futhi sithathe isinyathelo masinyane. Njengabafowethu nodadewethu ababephila engxenyeni yokuqala yokuba khona kukaKristu, sizimisele ukuwagcina ehlanzekile amagceke asemhlabeni ethempeli likaJehova elingokomoya.
16 Phakathi nalezi zinsuku zokugcina, uKristu ubesebenza enza nezinto esingaziboni thina ukuze avikele amabandla abantu bakaJehova kubantu abangawangcolisa ngokomoya. Ukwenze kanjani lokho? Ake sizwe.
Ukuhlukanisa “Ababi Kwabalungileyo”
17, 18. Emfanekisweni wenetha, kusho ukuthini (a) ukwehlisa inetha, (b) “ukuqoqa zonke izinhlobo zezinhlanzi,” (c) ukufaka izinhlanzi ezinhle ezitsheni (d) nokulahla izinhlanzi ezingafanelekile?
17 INkosi uJesu Kristu iqapha amabandla abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke ngeso elibukhali. UKristu nezingelosi bebenza umsebenzi wokuhlukanisa, bewenza ngezindlela esingeke saziqonda ngokugcwele. UJesu wachaza lo msebenzi emfanekisweni wakhe wenetha. (Funda uMathewu 13:
18 Ukwehlisela ‘inetha olwandle.’ Inetha lifanekisela ukushumayela ngoMbuso okwenziwa kuso sonke isintu esifana nolwandle. “Libutha izinhlanzi zazo zonke izinhlobo.” Izindaba ezinhle zidonsa abantu bazo zonke izinhlobo—labo abathatha izinyathelo zokuba amaKristu eqiniso, kanye nenqwaba yabanye abangase baqale babonise isithakazelo kodwa bangasenzi isinqumo sokusekela ukukhulekela okumsulwa. * Ukubuthela “ezinhle ezitsheni.” Abantu abaqotho baqoqelwa emabandleni afana nezitsha, lapho benikela khona ukukhulekela okuhlanzekile kuJehova. Ukulahla izinhlanzi “ezingafanelekile.” Phakathi nalezi zinsuku zokugcina, uKristu nezingelosi bebelokhu behlukanisa “ababi kwabalungileyo.” * Ngenxa yalokho, abantu abangenaso isimo esifanele senhliziyo—mhlawumbe abangazimisele ukulahla izinkolelo noma imikhuba engalungile
19. Uzizwa kanjani ngalokho uKristu abekwenza ukuze alonde ukuhlanzeka kwabantu bakaNkulunkulu nobumsulwa bokukhulekela kweqiniso?
19 Akuqinisi yini idolo ukwazi ukuthi iNkosi yethu, uJesu Kristu, iyabavikela labo abangaphansi kwayo? Akududuzi yini nokwazi ukuthi intshiseko yayo ngokukhulekela kweqiniso
^ isig. 2 AmaJuda avakashile kwakudingeka asebenzise imali ethile ukuze akhokhe intela yethempeli yaminyaka yonke, futhi abashintshi bezimali babewakhokhisa imali ukuze bawashintshele imali ibe yileyo efunekayo. Ngaphezu kwalokho, kwakungenzeka izivakashi kudingeke zithenge izilwane zomnikelo. UJesu wabiza abathengisi ngokuthi “abaphangi,” cishe ngoba babebiza imali emba eqolo ngezinkonzo zabo.
^ isig. 4 Abantu bakaJehova emhlabeni bamkhulekela emagcekeni asemhlabeni ethempeli lakhe elikhulu elingokomoya.
^ isig. 8 Lesi sihloko saphawula ukuthi usuku lwasebusika lokuzalwa kukaJesu “aluhambisani kahle nokulandisa okuthi abelusi babengaphandle nemihlambi yabo.”—Luka 2:8.
^ isig. 10 Encwadini eyabhalwa uMfoweth’ uFrederick W. Franz ngo-November 14, 1927, wathi: “Ngeke sibe noKhisimusi kulo nyaka. Umkhaya waseBethel uvotele ukuba singaphinde siwugubhe uKhisimusi.” Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, ngo-February 6, 1928 wabhala enye incwadi, wathi: “INkosi iyasihlanza kancane kancane emaphutheni enhlangano kaDeveli eyiBhabhiloni.”
^ isig. 18 Ngokwesibonelo, ngo-2013, inani eliphakeme labamemezeli lalingu-7 965 954, kanti abangu-19 241 252 baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu.
^ isig. 18 Ukuhlukaniswa kwezinhlanzi ezinhle kwezingafanelekile akufani nokuhlukaniswa kwezimvu ezimbuzini. (Math. 25:
^ isig. 18 Ekugcineni, abangafanelekile bayophonswa ngomqondo ongokomfanekiso esithandweni somlilo esivuthayo, okubonisa ukubhujiswa kwesikhathi esizayo.