Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 26

IPharadesi Liyabuyiselwa!

IPharadesi Liyabuyiselwa!

NgoMbuso ophethwe uKristu, uJehova ungcwelisa igama laKhe, alwele ubukhosi baKhe futhi aqede bonke ububi

INCWADI yokugcina yeBhayibheli ebizwa ngokuthi isAmbulo, inikeza sonke isintu ithemba. Le ncwadi eyabhalwa umphostoli uJohane inemibono esiyisa ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova.

Embonweni wokuqala, uJesu ovusiwe uncoma futhi aqondise amabandla amaningana. Umbono olandelayo usibonisa isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, lapho izidalwa zomoya zimdumisa khona.

Njengoba injongo kaNkulunkulu iqhubekela phambili, iWundlu, uJesu Kristu, linikezwa umqulu onezimpawu eziyisikhombisa. Lapho kuvulwa izimpawu zokuqala ezine, kuvela abagibeli bamahhashi abangokomfanekiso. Owokuqala, nguJesu esehhashini elimhlophe ethwele umqhele njengeNkosi. Kube sekulandela abagibeli bamahhashi anemibala ehlukahlukene, ngokwesiprofetho afanekisela impi, indlala nezifo—konke okwenzeka ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto. Ukuvulwa kophawu lwesikhombisa kuholela ekushayweni kwamacilongo ayisikhombisa angokomfanekiso, okubonisa ukumenyezelwa kwezahlulelo zikaNkulunkulu. Ngemva kwalokhu kuba khona izishayo eziyisikhombisa ezingokomfanekiso, noma ukubonakaliswa kwentukuthelo kaNkulunkulu.

UMbuso kaNkulunkulu, ofanekiselwa umntwana womfana uyamiswa ezulwini. Kugqashuka impi futhi uSathane nezingelosi zakhe ezimbi baphonswa phansi emhlabeni. “Mayé ngomhlaba,” kusho izwi elikhulu. UDeveli uthukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.IsAmbulo 12:12.

UJohane ubona uJesu esezulwini efanekiselwa iwundlu, ekanye nabangu-144 000 abakhethwe kubantu. Laba ‘babusa njengamakhosi kanye’ noJesu. Ngakho, isAmbulo sembula ukuthi amalungu embewu azoba ngu-144 000 esewonke.IsAmbulo 14:1; 20:6.

Ababusi bomhlaba bahlanganela e-Armagedoni, ‘okuyimpi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Bafuna ukulwa nalowo ohlezi ehhashini elimhlophe—uJesu, ohola amabutho asezulwini. Bonke ababusi baleli zwe bayabhujiswa. USathane uyaboshwa, uJesu nabangu-144 000 babusa umhlaba “iminyaka eyinkulungwane.” Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uSathane uyabhujiswa.IsAmbulo 16:14; 20:4.

Kuyosho ukuthini ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kubantu abalalelayo? UJohane uyabhala: “[UJehova] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:4) Umhlaba uba ipharadesi!

Incwadi yesAmbulo iwuphetha kanjalo-ke umyalezo weBhayibheli. NgoMbuso KaMesiya, igama likaJehova liyangcweliswa nobukhosi bakhe bulwelwa kuze kube phakade!

Isekelwe encwadini yesAmbulo.