INgoma 1
Izimfanelo ZikaJehova
1. Jehova Nkos’ unguSomandla,
UnguMthombo wok’ phila nok’ khanya.
Amandla akho siyawabona.
Bayomemezela ngawe.
2. Ubukhosi bakho Somandla,
Busekelwe kukho ukulunga.
Nokuhlakanipha kwakho Baba
Sik’bona eZwini lakho.
3. Uthando lwakho luvelele,
Sil’bona ngezipho zakh’ ezinhle.
Izimfanelo zakho negama,
Siyoz’memezela njalo.
(Bheka neHu. 36:9; 145:6-13; Jak. 1:17.)