INgoma 118
Yamukelanani
1. Niyemukelwa nonk’ enilapha
Nizofunda iZwi likaJah.
Usifundis’ iqiniso sonke;
Masisabele, sibonis’ ukwazisa.
2. Siyajabula ngabazalwane,
Abenz’ okumthokozisayo.
Masibathande abafowethu,
Samukele nabanye abeze lapha.
3. UJah umema bonke abantu,
Bathol’ iqiniso lok’phila.
Usikhethile ngoJesu Kristu.
Ngakho masamukelane sithandane.
(Bheka noJoh. 6:44; Fil. 2:29; IsAm. 22:17.)