INGOMA 14
Ukudumisa INkosi Entsha Yomhlaba
-
1. Isixuku esikhulu sazo zonke izizwe,
Sibuthwe uKristu nensali
yabagcotshiweyo.
UMbuso kaJah uzelwe;
Kuza umhlaba omusha.
Leli ithemba elikhulu,
Lenjabulo nenduduzo.
(CHORUS)
Dumis’ uJehova; neNdodana yakhe,—
Esiyi Nkosi yamakhosi.
Siyazithoba ngobunye manje
Sikhonz’ iNkosi njalo.
-
2. Masidumise uKristu
ngenjabulo enkulu.
Lesi S’khulu
Sokuthula siyoleth’ insindiso.
Silindele injabulo:
Umhlaba onokuthula,
Nokuvuswa kwabafileyo.
S’yohalalisa ngempela!
(CHORUS)
Dumis’ uJehova; neNdodana yakhe,—
Esiyi Nkosi yamakhosi.
Siyazithoba ngobunye manje
Sikhonz’ iNkosi njalo.
(Bheka neHu. 2:6; 45:1; Isaya 9:6; Joh. 6:40.)