Soy’hubela Sonke Ngazwi Linye
Dawuniloda:
1. Emhlabeni wonke
Kunosizi nezimpi.
Sonk’ isintu siphonseka
Le nale njengolwandle.
Kodwa uJehova
Usinika ithemba
Lomhlab’ omusha onokuthula:
Siyaw’langazelela!
(CHORUS)
SineNkosi
Eyodwa,
Soy’hubela
Sonke ngazwi linye
Kuyo yonk’ indawo.
2. Siyakhuthazela,
Siqiniswa ithemba.
NeNkosi yethu iyas’duduza,
Isisul’ iy’nyembezi.
Siba nokuthula
Okuchichimayo,
Esikuthola kuJehova
Ongaqambimanga!
(CHORUS)
SineNkosi
Eyodwa,
Soy’hubela
Sonke ngazwi linye
Kuyo yonk’ indawo.
(BRIDGE)
Lapho sekubusa
INkosi yok’thula,
Kophel’ iy’nsizi kanye nokufa,
Sonke sidumise
UJehov’ iNkosi.
(CHORUS)
SineNkosi
Eyodwa,
Soy’hubela
Sonke ngazwilinye—
SineNkosi
Eyodwa,
Soy’hubela
Sonke ngazwilinye
Kuyo yonk’ indawo.
Senzintando kaJah!