Ukulwela Ukuthula Ezweni Elibi
Dawuniloda:
1. Yonke indawo eng’hamba kuyo, izwe lithukuthele.
Iz’nhliziyo z’thwele kanzima, iz’nkinga zok’phila.
UJehov’ uthi ‘s’be nok’thula nabo bonk’ abantu.’
Noma ngikuphi, ngicela uJah bese ng’hlala ng’zolile.
(CHORUS)
Uk’lwel’ uk’thula ezwen’ elibi ak’soze kwaba lula.
Kodwa masis’jwayeza kuzoba lula masifik’ ezwen’ elisha!
2. Emsebenzini kuthi k’sekuhle, kuqale uthuthuva.
Ngenza konke ukuz’gcina ngikude nez’ngxabano.
INkosi yethu yamema bonke ‘abakhandlekayo’—
Ngiba nozwela, ngicinge ithuba ukuze ng’baduduze.
(CHORUS)
Uk’lwel’ uk’thula ezwen’ elibi ak’soze kwaba lula.
Kodwa masis’jwayeza kuzoba lula masifik’ ezwen’ elisha!
(BRIDGE)
Ak’soze kwaba lula
Ukuhluka eningini.
‘INkosi yethu yokuthula
Iqaph’ inhliziyo zethu.’
3. Nasenkonzweni yasensimini s’thol’ abadukisiwe.
Lapho singqongqoza em’zini yabo, bas’vuthela ngolaka.
IZwi likaJah liyasiyala ukugwem’ ‘imibango.’
Siyaxolisa sivalelise, sibashiye ngok’thula.