IZwi Lakho Liyoma Phakade
1.Babheka phezulu
Khona bethuthumela.
Babong’ uMdal’ phezulu
Bembulelw’ uthando lwakhe.
Wababiza ngawe,
Bamemezel’ uMbuso.
Amazw’ agcinelwa thina.
Amazw’ okhol’ as’qondisayo.
Uthand’ ol’julileyo,
Badlal’ eyabo indima—
Uvumile balond’ iZwi lakho,
Labhalw’ ukuze waziwe.
(CHORUS)
Amazw’ akho ajulile.
Ayohlala phakade,
Anika ithemba eliqabulayo
Ng’fisa ukuwagcina kimi.
2. Konke okwazanywa izitha,
Akwakuthulisa.
Abathembel’ ezwin’ lakho
Ngesibindi bal’melela.
La bezam’ ukul’cima nya bo,
Babek’ ukuphil’ engozini.
Ngok’qina kokholo nangokufakaza,
Kwangasuswa naliny’ igama.
(CHORUS)
Ngakho amazw’ akho ajulile.
Ayohlala phakade,
Anika ithemba eliqabulayo
Ng’fisa ukuwagcina kimi.
3. Wasazis’ ukuth’ unguJehova.
EmBhalweni lithe bha.
Liyohlala njalo,
Lapho kugcwaliseka,
Siyokudumisa njalo.
(CHORUS)
Ngakh’ amazw’ akh’ ajulile.
Futh’ ahlala phakade,
Anika ithemba eliqabulayo
Ng’fisa ukuwagcina kimi,
K’phila konke.