Ngibheke
1. Cabanga, ungahlal’ ocingweni.
Khuluma nabantu.
Ungadliwa umakhalekhukhwini
Ngob’ uyazi impil’ inenzuzo.
Nezint’ ongazazi.
Khohlwa abangane mbumbulo.
Kuyocwila konke uma ugxila kokungekho.
Uding’ abangane beqiniso.
(CHORUS)
Ngibheke.
Uyabona yini
Kugcwel’ abant’ abajabulayo.
Ngibheke.
Uyazi ukuthi
Unganabo
Bek’ ucingo ungibheke.
2. Cabanga, zindla ubone
Bona njengabanye.
Balahl’ abangane ngeselula.
Ungabenz’ abeqiniso,
Abaqotho kuwe,
Futhi abathanda uJehova. Kodwa—
Ungebathole um’ ugxila kwabokuzakhela.
Uding’ abangane bangempela.
(CHORUS)
Ngibheke.
Uyabona yini
Kugcwel’ abant’ abajabulayo.
Ngibheke.
Uyazi ukuthi
Unganabo
Bek’ ucingo ungibheke.
(INTERLUDE)
Bek’ ucingo ungibheke.
(BRIDGE)
Lungakudlali luk’luthe.
Ungathol’ iqiniso noma amanga.
Impilo yok’zakhela.
Phil’ impilo yangempela, xoxa az’buy’ emasisweni.
3. Yek’ iselula bo,
Um’ uphikelela,
Yolahlekelw’ okuhl’ empilweni
Buk, lalela uzwe
Esikuthandayo bek’lokhu kukhona.
Ngakho-ke udinga
Ukuqond’ ukuthi iselul’ iyakhohlisa.
Unabo abangane boqobo.
(CHORUS)
Ngibheke.
Uyabona yini
Kugcwel’ abant’ abajabulayo.
Ngibheke.
Uyazi ukuthi
Unganabo
Bek’ ucingo ungibheke
Uyabona yini
Kugcwel’ abant’ abajabulayo.
Ngibheke.
Uyazi ukuthi
Unganabo
Bek’ ucingo ungibheke.