Ngikwethemba Nakakhudlwana
1. Njenges’hlahl’ esimilile,
Kanjal’ amazw’ akho
Anginik’ ukuthula kwenqondo nenhliziyo.
Ngoba zikhathi zonke,
Ulwazi lwaphezulu,
Lungamaqiniso angikhumbuz’ ukuthi
(PRE-CHORUS)
Qina ungesabi.
Qhubeka themb’ uJehova.
(CHORUS)
La kunzima amazw’ akho
Anginika amandla.
Nsuku zonke ngikwethemba nakakhudlwana.
2. Lapho ng’phelelwa amandla,
Kunzim’ ukuqhubeka,
Ng’phendukela kuwe ngaz’ ukhona njalo.
Ng’yakuding’ ukuzindla—
Ngigxilis’ amazw’ akho
Angiqondise ang’size futhi athi
(PRE-CHORUS)
Qina ungesabi.
Qhubeka themb’ uJehova
Bheka ngale kobunzima bonke.
Gxila kokungabonwayo.
(CHORUS)
La kunzima amazw’ akho
Anginika amandla.
Nsuku zonke ngikwethemba nakakhudlwana—
Wena.
(PRE-CHORUS)
Qina ungesabi.
Qhubeka themb’ uJehova
Bheka ngale kobunzima bonke.
Gxila kokungabonwayo.
(CHORUS)
La kunzima amazw’ akho
Anginika amandla.
Nsuku zonke ngikwethemba nakakhudlwana.