Ng’yazigcina Izikhumbuzo Zakho
1. Ngenze njani? Ngibheke bani?
Kungebe nangozi, futhi k’hlonipheke.
Kungabi nasidingo sokukuchitha.
Oh, yikuph’ okung’lungele? Iphi indlela?
Ngenze njani? Ng’lalele bani?
Hleze kube nokweqisa nobungozi—
Nazo zonke izinto ezinengayo.
Oh, yikuph’ okung’lungele? Jehova, nginik’ indlebe.
(CHORUS)
Ng’yazigcin’ izikhumbuzo zakho,
Futhi ngizazisa ukuphila kwami konke.
Konke engik’zwe eZwini lakho kungisiza ngiqonde.
2. Ngiyazi ngenzeni. Mangicwaninge.
Angifun’ ukwenza okuk’casulayo,
Kuzwakala kuyoba nemiphumela.
K’cacile okumelwe ng’kwenze—inqobo nje kimi.
(CHORUS)
Ukugcin’ izikhumbuzo zakho
Eziyongiqinis’ inhliziyo kukhanye bha.
Konke engik’zwe eZwini lakho kungisiza ngiqonde.
(CHORUS)
Ng’yazigcin’ izikhumbuzo zakho
Eziyongiqinis’ inhliziyo kukhanye bha.
Ukufunda njalo kuyimpilo kimi.
Ngikuz’ useduze mang’cabanga ngawe.
Konke engik’zwe eZwini lakho kungisiza ngiqonde.