Sondelani Kimi
Dawuniloda:
1. Ngangidangele,
Ngingenabani, uJah wangamkela.
Manje ng’zizwa ng’sekhaya.
SenginoBaba ong’zwayo.
Ungenza ngiduduzeke,
Ngizizwe nginomndeni.
(CHORUS)
UJah uyas’nxusa ngothando:
‘Sondelani kimi.
Ngizon’siza nibone
Ubuhle obukini.
Sondelani kimi.’
2. Laph’ inhliziyo
Ing’lahla ngazo zonk’ izono zak’dala,
Kunokudikibala,
Nginxusa kuJah, kudlule.
Kungenza ngikhuthazeke
Ukwazi uyang’thanda.
(CHORUS)
UJah uyas’nxusa ngothando:
‘Sondelani kimi.
Ngizon’siza nibone
Ubuhle obukini.
Sondelani kimi.’
(BRIDGE)
Ngaphambi kokuba ng’mazi,
Wang’buka wang’thanda.
Seng’hlale ng’xoxa noBaba
Wami waphakade.
(CHORUS)
UJah uyas’nxusa ngothando:
‘Sondelani kimi.
Ngizon’siza nibone
Ubuhle obukini.
Sondelani kimi.’