Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJah Uhlal’ Esisiza

UJah Uhlal’ Esisiza

Dawuniloda:

  1. 1. Ngangizizwa ngesaba,

    Ngize ngifise nokucasha,

    Ngoba ngesab’ ukuhluka.

    Manj’ angisenavalo.

    UJah uth’ uzongisiza,

    Uthe uzong’vikela.

    Yen’ uyangithanda,

    (CHORUS)

    Ngob’ ungiph’ isbindi

    Uma ngibuthaka,

    Ngesab’ ukukhuluma,

    Ngibhekene nosizi,

    Ungiph’ isibindi,

    Ukuze ngiqine

    Nalapho ngisengozini.

    UJah uhlal’ esisiza.

    Uhamba nam’

    Angisize.

    Ngeke ang’dukise

    Ung’fundisa

    Kuze kukhanye.

    Kumelwe ngiz’dele.

  2. 2. UJah unawe.

    Nom’ ukude nekhaya,

    U zok’hola.

    Uzokufukula

    Nalaph’ usuphel’ amandla

    Akwenz’ uqine.

    (CHORUS)

    Ngob’ ukuph’ isbindi

    Uma ubuthaka

    Wesab’ ukukhuluma,

    Ubhekene nosizi,

    Ukuph’ isibindi

    Ukuze uqine

    Nalapho usengozini.

    UJah uhlal’ esisiza—

    Njalo, njalo.

    UJah uhlal’ esisiza.

    Uyasiqondisa

    Asisize

    Ngeke as’dukise

    UJah uhlal’ esisiza.

    Us’fundisa

    Kuze kukhanye

    Kumelwe siz’dele.

    (CHORUS)

    Ungiph’ isbindi

    Uma ngibuthaka,

    Ngesab’ ukukhuluma,

    Ngibhekene nosizi.

    Ungiph’ isibindi

    Ukuze ngiqine,

    Nalapho ngisengozini.

    UJah uhlal’ esisiza —

    Njalo, njalo.

    UJah uhlal’ esisiza —

    Njalo, njalo.

    UJah uhlal’ esisiza.