Usazi Ngabanye
Dawuniloda:
1. UMdali wethu usazi ngabanye,
Singakabi bikho nak’lo mhlaba.
Wasibumba ek’juleni—
Wabumb’ ithambo ngalinye.
Wazi nonwele lwethu.
(CHORUS)
Usazi ngabanye
Nosizi es’nalo,
Nemizam’ esiyenzayo,
Nenjabul’ esiy’tholayo.
Usazi nalapho
Siswele amazwi
Okush’ okusenhliz’yweni,
Uyakwazi uJah.
2. Ungubaba obuswa uthando,
Ohlal’ esifisel’ okuhle.
Ubheka okuhle kithina,
Nes’ngaba yikho kwelizayo.
Ungubab’ onothando.
(CHORUS)
Usazi ngabanye
Nez’dingo es’nazo,
Nemizam’ esiyenzayo,
Nenjabul’ esiy’tholayo.
Usazi nalapho
Siswele amazwi
Okush’ okusenhliz’yweni,
Uyakwazi uJah.
(BRIDGE)
Thandaza njalo kuye, ngoba yena uyohlal’ ekuthanda njalo.
Ngisho sekunzima, uziz’ ugajwa uvalo.
Ungesabi lutho; uJehova unawe.
(CHORUS)
Usazi ngabanye
Nosizi es’nalo,
Nemizam’ esiyenzayo,
Nenjabul’ esiy’tholayo.
Usazi nalapho
Siswele amazwi
Okush’ okusenhliz’yweni, uyakwazi.
(CHORUS)
Yena uyasazi ngabanye
Nez’dingo es’nazo,
Nemizam’ esiyenzayo,
Nenjabul’ esiy’tholayo.
Usazi nalapho
Siswele amazwi
Okush’ okusenhliz’yweni
Uyakwazi uJah.