Ingabe Izakhi Zazivelela?
Ingabe Izakhi Zazivelela?
“YONKE into eseMkhathini, ngisho nenkanyezi ekude kunazo zonke, yakhiwa ngama-athomu,” kuchaza i-Encyclopedia of Stars & Atoms. I-athomu ngalinye lincane kakhulu alibonakali, kodwa uma ehlangene ndawonye enza izakhi zamakhemikhali esizijwayele. Ezinye zalezi zakhi ziyizinto eziqinile esikwaziyo ukuzibona, ezinye zingamagesi angabonakali. Ingabe ukuba khona kwazo zonke izakhi zamakhemikhali ezinjalo kungathiwa kwazenzekela?
Izakhi 1 Kuya Ku-92
Nakuba i-hydrogen iyi-athomu elilula kunawo wonke, inika izinkanyezi ezinjengelanga amandla futhi ibalulekile ekuphileni. I-athomu le-hydrogen line-proton eyodwa kuyi-nucleus yalo ne-electron eyodwa ezungeza leyo nucleus. Ezinye izakhi zamakhemikhali njengesikhutha, umoya-mpilo, igolide nesigidi, zakhiwa ama-athomu anama-electron amaningi azungeza i-nucleus enama-proton nama-neutron amaningi.
Eminyakeni engu-450 edlule, zazingu-12 kuphela izakhi zamakhemikhali ezazaziwa. Njengoba kwakutholakala ezinye, ososayensi baphawula ukuhleleka kwazo okungokwemvelo. Lapho lezi zakhi zibekwa eshadini ngezinhlu, ososayensi bathola ukuthi izakhi ezisohlwini olulodwa zazinezici ezifanayo. Kodwa kwakukhona izikhala eshadini, ezazimelela izakhi ezingaziwa. Lokhu kwaholela usosayensi waseRussia uDmitry Mendeleyev ekubeni abikezele ukuthi kukhona esinye isakhi esingunombolo 32, i-germanium, washo nombala waso, isisindo, ukuqina nezinga lokushisa esincibilika kulo. Incwadi yesayensi ka-1995 ethi Chemistry iphawula ukuthi “ukubikezela [kukaMendeleyev] ngezakhi ezingakatholakali—i-gallium ne-scandium—kwakunembe kakhulu.”
Ngokuhamba kwesikhathi, ososayensi babikezela ukuthi kukhona ezinye izakhi ezingaziwa nezici zazo. Ekugcineni zatholakala zonke lezo zakhi. Azisekho izikhala eshadini. Ukuhleleka okungokwemvelo kwezakhi kusekelwe enanini lama-proton elikuyi-nucleus yama-athomu azo, kusukela esakhini esingunombolo 1, i-hydrogen, kuqhubeke kuze kufike esakhini sokugcina ngokuvamile esingokwemvelo emhlabeni, esingunombolo 92, i-uranium. Ingabe lokhu kwamane kwaqondana?
Cabangela futhi izinhlobonhlobo eziningi zezakhi zamakhemikhali. Igolide nesigidi (mercury) yizakhi ezinemibala ecwebezelayo. Esinye siqinile, esinye siwuketshezi. Nokho, ziyalandelana njengonombolo 79 no-80. I-athomu legolide linama-electron angu-79, ama-proton angu-79 nama-neutron angu-118. I-athomu lesigidi lilidlula nge-electron eyodwa, i-proton eyodwa bese liba nenani elicishe lifane lama-neutron.
Ingabe kwamane kwazenzekela ukuthi ushintsho oluncane ekuhlelekeni kwezinhlayiya zama-athomu luveze izakhi ezihlukahlukene kanje? Kuthiwani ngamandla ahlanganisa izinhlayiya zama-athomu? I-Encyclopedia of Stars & Atoms iyachaza: “Kusukela entweni encane kunazo zonke kuya emthaleni omkhulu kunayo yonke, yonke into eseMkhathini ilandela imithetho echazwa imithetho yemvelo.” Cabanga ukuthi bekuyokwenzekani uma bekungashintsha owodwa waleyo mithetho. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma bekungashintshwa amandla enza ukuba ama-electron ahlale ezungeza i-nucleus ye-athomu?
Amandla Emvelo Avunyelaniswe Kahle
Cabanga ukuthi bekuzoba namiphi imiphumela ukube amandla kazibuthe ayelula. Encwadini yakhe ethi Star Watch, uDkt. David Block uthi: “Ama-electron abeyohlukana nama-athomu.” Bekuyosho ukuthini lokho? Uyanezela: “Besiyoba nomkhathi onamakhemikhali angathakeki!” Yeka indlela esingabonga ngayo ngemithetho ebekiwe ethaka amakhemikhali! Ngokwesibonelo, ama-athomu amabili e-hydrogen ahlangana ne-athomu elilodwa lomoya-mpilo akhe ingqamuzana lamanzi ayigugu.
Amandla kazibuthe cishe mancane ngokuphindwe kayikhulu kunamandla enuzi agcina ama-athomu enuzi endawonye. Bekuyokwenzekani uma bekungashintshwa lesi silinganiso? Ososayensi uJohn Barrow noFrank Tipler bayachaza: “Uma umfutho wamandla enuzi nakazibuthe olinganiselwe ubungahluka kancane nje kulokhu oyikho, ama-athomu esikhutha abengeke abe khona.” Ngaphandle kwesikhutha bekungeke kube khona ukuphila. Ama-athomu esikhutha akha amaphesenti angu-20 esisindo sazo zonke izinto eziphilayo.
Okunye okubalulekile amandla kazibuthe uma eqhathaniswa namandla adonsela phansi. Umagazini i-New Scientist uyachaza: “Ushintsho oluncane kakhulu emandleni adonsela phansi nakazibuthe, belungashintsha izinkanyezi ezinjengeLanga zibe ama-blue giant [ashisa kakhulu ukuba kungaphilwa ngaphansi kwawo] noma ama-red dwarf [angashisi ngokwanele ukuba angasekela ukuphila].”
Amanye amandla, amandla enuzi alula, alawula izinga lokuxubana kwenuzi elangeni. Isazi se-physics uFreeman Dyson siyachaza: “Alula ngokwanele ukuba i-hydrogen eselangeni ishe kancane kancane.” Ziningi ezinye izibonelo ezinganikezwa ezibonisa ukuthi ukuphila kwethu kuncike kanjani emithethweni elinganiswe ngokucophelela nezimo ezitholakala emkhathini. Umlobi wesayensi uProfesa Paul Davies waqhathanisa le mithetho yomkhathi nezimo kanye nezinkinobho wayesethi: “Kubonakala sengathi izinkinobho ezihlukahlukene kufanele zivunyelaniswe kahle ukuze umkhathi usebenze ngendlela ezokwenza ukuphila kuchume.”
Esikhathini eside ngaphambi kokuba uSir Isaac Newton athole amandla adonsela phansi, iBhayibheli labhekisela emithethweni enjalo emisiwe. Indoda uJobe yabuzwa: “Nguwena yini owamisa imithetho ebusa amazulu, noma owanquma imithetho yemvelo emhlabeni?” (Jobe 38:33, The New English Bible) Eminye imibuzo ethobisayo yayithi, “Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na?” nothi, “Ngubani owanquma izilinganiso zawo, ngokuba uyakwazi phela!”—Jobe 38:4, 5.
[Ibhokisi ekhasini 6]
IZAKHI EZIBALULEKILE
Izakhi zamakhemikhali i-hydrogen, umoya-mpilo nesikhutha zenza cishe amaphesenti angu-98 ama-athomu asemzimbeni wakho. Bese kuba khona i-nitrogen, eyenza amanye amaphesenti angu-1,4. Ezinye izakhi zincane kakhulu kodwa-ke zibalulekile ukuze kube khona ukuphila.
[Ishadi/Umdwebo ekhasini 6, 7]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ngesikhathi sokunyathelisa, ososayensi bese bethole isakhi 93 nezinye ezingalé kwaso, kuhlanganise nesakhi 118. Njengoba bekulindelekile, lezi zakhi zisangena khaxa ohlelweni lweshadi lezakhi.
[Umthombo]
Umthombo: Los Alamos National Laboratory
Igama lesakhi Uphawu Inombolo yama-athomu (inani lama-proton)
hydrogen H 1
helium He 2
lithium Li 3
beryllium Be 4
boron B 5
carbon C 6
nitrogen N 7
oxygen O 8
fluorine F 9
neon Ne 10
sodium Na 11
magnesium Mg 12
aluminum Al 13
silicon Si 14
phosphorus P 15
sulfur S 16
chlorine Cl 17
argon Ar 18
potassium K 19
calcium Ca 20
scandium Sc 21
titanium Ti 22
vanadium V 23
chromium Cr 24
manganese Mn 25
iron Fe 26
cobalt Co 27
nickel Ni 28
copper Cu 29
zinc Zn 30
gallium Ga 31
germanium Ge 32
arsenic As 33
selenium Se 34
bromine Br 35
krypton Kr 36
rubidium Rb 37
strontium Sr 38
yttrium Y 39
zirconium Zr 40
niobium Nb 41
molybdenum Mo 42
technetium Tc 43
ruthenium Ru 44
rhodium Rh 45
palladium Pd 46
silver Ag 47
cadmium Cd 48
indium In 49
tin Sn 50
antimony Sb 51
tellurium Te 52
iodine I 53
xenon Xe 54
cesium Cs 55
barium Ba 56
lanthanum La 57
cerium Ce 58
praseodymium Pr 59
neodymium Nd 60
promethium Pm 61
samarium Sm 62
europium Eu 63
gadolinium Gd 64
terbium Tb 65
dysprosium Dy 66
holmium Ho 67
erbium Er 68
thulium Tm 69
ytterbium Yb 70
lutetium Lu 71
hafnium Hf 72
tantalum Ta 73
tungsten W 74
rhenium Re 75
osmium Os 76
iridium Ir 77
platinum Pt 78
gold Au 79
mercury Hg 80
thallium Tl 81
lead Pb 82
bismuth Bi 83
polonium Po 84
astatine At 85
radon Rn 86
francium Fr 87
radium Ra 88
actinium Ac 89
thorium Th 90
protactinium Pa 91
uranium U 92
neptunium Np 93
plutonium Pu 94
americium Am 95
curium Cm 96
berkelium Bk 97
californium Cf 98
einsteinium Es 99
fermium Fm 100
mendelevium Md 101
nobelium No 102
lawrencium Lr 103
rutherfordium Rf 104
dubnium Db 105
seaborgium Sg 106
bohrium Bh 107
hassium Hs 108
meitnerium Mt 109
110
111
112
114
116
118
[Umdwebo]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ingabe uhlelo nokuvumelana kwezakhi eshadini lezakhi kubonisa ukuthi zazivelela nje noma zaklanywa ngokuhlakanipha?
I-athomu le-“helium”
I-“electron”
I-“proton”
I-“neutron”
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 7]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Yini ebangela ukuvunyelaniswa okunembe kangaka kwalezi zinhlobo ezine zamandla emvelo?
AMANDLA KAZIBUTHE
AMANDLA ENUZI ANOMFUTHO
AMANDLA ADONSELA PHANSI
AMANDLA ENUZI ALULA
I-“molecule” yamanzi
I-“nucleus” ye-athomu
I-“blue giant”
I-“red dwarf”
Ilanga