Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sonke Siwumkhaya Owodwa

Sonke Siwumkhaya Owodwa

UZIZWA kanjani ngabantu abanebala lesikhumba noma ubuzwe obuhlukile kobakho? Ingabe ubabheka njengabalinganayo nawe? Ngokudabukisayo, abantu abaningi bazibukela phansi ezinye izinhlanga. Ngokwesichazamazwi esithile “ubandlululo luyinkolelo yokuthi uhlanga ngokuyinhloko lunquma indlela abantu abenza ngayo izinto namakhono abo nokuthi ukungafani kwezinhlanga kwenza uhlanga oluthile lube oluphakeme ngokwemvelo kunezinye.”

Le nkolelo iye yabangela ukulimala okukhulu. Uprofesa Wen-Shing Tseng encwadini yakhe ethi Handbook of Cultural Psychiatry wabhala ukuthi imizwa yokuba ngcono kunezinye izinhlanga “yayiyisizathu sokucindezelwa nokugqilazwa kwamanye amaqembu abantu ngezikhathi zamakoloni.” Wanezela nokuthi ubuhlanga buye basetshenziselwa “ukwenza izaba ngokungalingani okukhona ngokwenhlalo, ngokomnotho nangokwezombangazwe.” Ngisho nanamuhla, ubandlululo lusekhona emazweni amaningi. Kodwa ingabe le nkolelo elimazayo isekelwe eqinisweni? Ithini isayensi neBhayibheli ngalokhu?

Ithini Isayensi?

Okutholakele ezakhini zofuzo kuqinisekisa ukuthi ubandlululo luyindlela engafanele yokucabanga. Abacwaningi abahlola abantu basemazwekazini ahlukahlukene bathole ukuthi umehluko okhona kuyi-DNA phakathi kwabantu ababili abavele bakhethwa nje kunoma yiliphi izwe emhlabeni ungamaphesenti angu-0,5. * Amaphesenti angu-86 kuya kwangu-90 alowo mehluko ayephakathi kwabantu bohlanga olulodwa. Ngakho-ke, cishe amaphesenti angu-14 noma ngaphansi kula maphesenti angu-0,5 awumehluko okhona phakathi kwezinhlanga.

Umagazini i-Nature uthi ngenxa yokuthi “abantu banezakhi zofuzo ezakheke ngendlela efanayo, zingaba yithuluzi elibalulekile ekunqotshweni noma ekuqedweni kobandlululo.”

“Izakhi zofuzo zabantu zakheke ngendlela efanayo” noma ziyefana ngokuyinhloko

Indlela enjalo yokucabanga ayiyona into entsha. Kusukela ngo-1950 i-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization yanyathelisa uchungechunge lwezitatimende ezilwa nobandlululo. Lezi tatimende ziye zabhalwa yizazi zesayensi yendabuko, ezezakhi zofuzo nezokuhlalisana kwabantu. Kodwa noma kunjalo, ubandlululo luyaqhubeka. Kuyacaca ukuthi ukuxwayisa abantu ngala maqiniso akwanele. Kufanele kufinyelelwe inhliziyo, noma umuntu ongaphakathi. UJesu Kristu wathi: “Enhliziyweni kuvela imicabango emibi.”—Mathewu 15:19, 20.

Umbono WeBhayibheli

IBhayibheli lalotshwa ukuze lifinyelele inhliziyo. Ngokwesibonelo, ukwenezela kulokho okuyiqiniso elingokwesayensi lokuthi “ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba,” iBhayibheli liphinde lithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35; 17:26) Ingabe lokho akukwenzi umthande uNkulunkulu?—Duteronomi 32:4.

UJehova uNkulunkulu ufuna sibonise ukuthi siyamthanda ngokuba njengaye. Eyabase-Efesu 5:1, 2 ithi: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni.” ‘Ukuhamba othandweni’ kuhlanganisa ukuthanda abantu njengoNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi banebala elinjani lesikhumba noma uhlanga.—Marku 12:31.

UNkulunkulu ngeke abamukele njengezikhonzi zakhe labo abanezinhliziyo ezigcwele ububi, kuhlanganise inzondo noma ubandlululo. (1 Johane 3:15) Empeleni, sisondela ngokushesha isikhathi lapho uNkulunkulu eyosusa khona bonke abantu ababi ebusweni bomhlaba. Kuyosala labo abalingisa izimfanelo zakhe kuphela. Ngemva kwalokho, isintu siyoba umkhaya owodwa ngempela—ngokwenyama nangokomoya.—IHubo 37:29, 34, 38.

^ Kodwa, ukuba mncane kakhulu komehluko ezakhini zofuzo phakathi kwabantu kungase kuphawuleke kwezokwelapha, ngoba ezinye izifo zibonakala zihambisana nezakhi zofuzo.