Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindlela Zokwelapha Ezingahileli Ukumpontshelwa Igazi

Izindlela Zokwelapha Ezingahileli Ukumpontshelwa Igazi

OCHWEPHESHE abavelele abavela emazweni angaphezu kuka-40 babuthana eMoscow bezogubha unyaka wama-60 we-Jubilee International Congress of the European Society for Cardiovascular and Endovascular Surgery ngo-May 20-22, 2011. “Kodokotela, lesi senzakalo sibaluleke njengama-Olympic kubagijimi,” kwasho intatheli yezindaba zethelevishini eRussia.

Okwakukhanga kakhulu kulo mhlangano wezinsuku ezintathu kwakuyitafula elalinokwaziswa okuningi okumayelana nezindlela zokwelapha ezingahileli ukumpontshelwa igazi. Leli tafula lalihlelwe uMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela WoFakazi BakaJehova. Odokotela babemagange bethatha amafayela analokhu kwaziswa, izincwadi, ama-DVD nezihloko zezokwelapha ezikhuluma ngale ndaba ebalulekile. I-DVD ene-video ethi Transfusion-Alternative Strategies—Simple, Safe, Effective * yiyo eyayifunwa kakhulu.

UMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela WoFakazi BakaJehova wahlela leli tafula. Odokotela abamagange bathatha amafayela anokwaziswa, izincwadi, ama-DVD nezihloko ezikhuluma ngokwelapha

 Odokotela abaningi abavakashela leli tafula bavuma ukuthi kunesidingo sokonga igazi lapho kuhlinzwa. Udokotela ohlinza inhliziyo wase-Italy owakhuluma kulowo mhlangano wathi ujwayelene kakhulu noFakazi BakaJehova futhi useye wahlinza izinhliziyo zeziguli ezingoFakazi ezingu-70 ngempumelelo nangaphandle kwegazi. Wabuye wathi ukuhlinza ngaphandle kokumpompela igazi kuyinto evamile emtholampilo wakhe. Uprofesa we-Deutsches Herzzentrum Berlin (Isikhungo SaseJalimane Sokuhlinzwa Kwenhliziyo EBerlin) wazithathela i-DVD wabuye wathathela nomngane wakhe. Watshela izilaleli ukuthi usanda kuhlinza ingane enesisindo esingamakhilogremu angu-2,5 ngaphandle kokusebenzisa igazi, futhi esikhungweni sokwelapha asebenza kuso kuye kwahlinzwa izinhliziyo zezingane ezinesisindo esingaphansi ngisho kwaleso.

Ukuhlinza ngempumelelo ngaphandle kwegazi kufezwa ngokusebenzisa imishini nemithi nangezindlela zokuhlinza ezonga igazi

Ngemva kwenyanga umhlangano owawuseMoscow uphelile, odokotela abavela emazweni ahlukahlukene baya emhlanganweni we-Fourth Belomorsk Symposium of Anesthesiologists and Intensive Care Physicians of the Northwest Region of Russia, owawusedolobheni i-Arkhangel’sk. Lo mnyango waphinde wabeka itafula elinokwaziswa okufanayo, futhi laphinde lakhanga odokotela abaningi. Lapho ebona izinto ezazikulo, udokotela othile waseSt. Petersburg wababaza, “Hhayi bo, yikho ngempela lokhu esikudingayo!” Wazwakalisa ukudabuka ngokuthi ngenxa yokujwayela, abanye odokotela bayaqhubeka bempompela iziguli ezishile ngegazi. Wanezela la mazwi ngomdlandla: “Ukwaziswa eninakho kuyoba usizo kakhulu emhlanganweni wokwelapha iziguli ezishile ohlelelwe ukuba seSt. Petersburg.”

Emhlabeni jikelele bayanda odokotela ababona izinzuzo zokwelapha nokuhlinza ngaphandle kwegazi. Njengoba isikhathi sihamba siyobona ukuthi lezi zindlela zokwelapha ngeke yini ngolunye usuku zibe isimiso sokwelapha emhlabeni wonke.

^ isig. 3 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.