Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

“Cishe ingxenye yabantu okutholakala ukuthi banomdlavuza unyaka ngamunye [e-United Kingdom]—abangaphezu kuka-130-000 bebonke—ubangelwa izindlela zokuphila abebengazigwema, ezihlanganisa ukubhema, ukuphuza nokudla izinto ezingafanele.”—I-BBC NEWS, EBRITHANI.

“Ukwanda kakhulu kwezinga lokudayiswa kwezinto zemvelo eziphila endle okwenziwa iqembu lobugebengu obuhleliwe, kuqothula izinhlobo zezinto eziphilayo . . . ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili.”—I-WILDLIFE CONSERVATION SOCIETY, E-U.S.A.

Abantu abachitha amahora ayisithupha ngokwesilinganiso usuku ngalunye bebuka ithelevishini, bangalindela ukuba iminyaka yabo yokuphila inciphe ngeminyaka engu-4,8 kunalabo abangayibuki. Uma kubekwa ngenye indlela, ihora ngalinye elichithwa kubukwa ithelevishini linciphisa ukuphila okulindelekile komuntu omdala ngemizuzu engaba ngu-22.—I-BRITISH JOURNAL OF SPORTS MEDICINE, EBRITHANI.

EJalimane, bangaphezu kwamaphesenti angu-90 abesifazane abacabangela ukukhipha izisu ngenxa yokuthi izingane zabo ezingakazalwa zitholakale zine-Down syndrome.—I-TAGESSPIEGEL, EJALIMANE.

Izingcindezi Zempilo Yasemadolobheni

Ngokusho kwe-Przekrój, umagazini wesiPolish, ucwaningo lubonisa ukuthi “abantu abahlala emadolobheni amakhulu baba nolaka kakhulu uma becindezelekile kunabantu abahlala emadolobheni amancane.” Udokotela wezifo zengqondo uMieczysław Jaskulski waseWarsaw’s Psychoeducation Laboratory uyachaza: “Amadolobha ayizindawo ezinabantu abaningi abachayeke ezintweni ezibenza bahluthuke. Kubantu basemadolobheni amakhulu izinga lokuhlaselwa ixhala liphakeme ngamaphesenti angu-21 kunakulabo abahlala emaphandleni, kanti elokuhlaselwa imizwelo eshintshashintshayo liphakeme ngamaphesenti angu-39.” Izakhamuzi zasemadolobheni amakhulu zingabhekana kanjani nalesi simo? Nakhu okusikiselwa i-Przekrój: “Musa ukucasulwa izinto ongenakuzilawula,” “shiya izinto zasemsebenzini emsebenzini,” “hambahamba ushaywe umoya,” futhi “ungesabi ukuthatha iholidi.”

Zingakanani Izinto Ezigcinwa Yi-Facebook?

Umfundi wezomthetho wase-Australia wafuna ukwazi ukuthi kungakanani ukwaziswa okuphathelene naye okugcinwe engosini yezokuxhumana phakathi neminyaka emithathu yokuba yilungu layo, ngakho wacela ikhophi yalokho kwaziswa. I-Facebook yamthumelela i-CD equkethe ukwaziswa okungamakhasi angu-1 222. Iphephandaba laseJalimane i-Tagesspiegel libika ukuthi lo mfundi wathi: “Kwakugcinwe yonke into—yonke imiyalezo, zonke izingxoxo kuhlanganise nezindaba ezibucayi eziphathelene nabangane.” Lokhu kuhlanganisa ngisho nezinto aqinisekayo ukuthi wayezicishile.