Ukubukeza Komkhaya
YINI ESINGAYIFUNDA . . . KuNowa?
WAKE WAZIBUZA UKUTHI KUBALULEKE KANGAKANANI UKULALELA UNKULUNKULU?
• Faka imibala kulezi zithombe. • Funda la mavesi eBhayibheli futhi uwachaze njengoba ugcwalisa izikhala. • Thola izinto ezifihliwe: (1) iladi (2) ubulembu besicabucabu.
Kungani kwakubalulekile kuNowa ukulalela uNkulunkulu?
UMKHONDO: Jeremiya 7:23; 2 Petru 2:5.
Yini eyokusiza ukuba ulalele uNkulunkulu?
UMKHONDO: 1 IziKronike 28:9; Isaya 48:17, 18; 1 Johane 5:3.
Yini oyifundayo kulokhu kulandisa?
Ucabangani?
Ukuze ulalele uNkulunkulu, obani abanye okumelwe ubalalele?
UMKHONDO: Efesu 6:1-3; Hebheru 13:7, 17.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
IKHADI LEBHAYIBHELI 22 UNEHEMIYA
IMIBUZO
- A. UNehemiya wakhonza njengo-․․․․․ weNkosi yasePheresiya ․․․․․.
- B. Lisho ukuthini igama likaNehemiya?
- C. Wathandaza: “O Nkulunkulu wami, ngikhumbule ․․․․․.”
IZIMPENDULO
- A. Umphathindebe ka-Aritahishashita.—Nehemiya 1:11; 2:1.
- B. “UJah Uyaduduza.”
- C. “. . . kube kuhle kimi.”—Nehemiya 13:31.
Abantu Namazwe
Igama lami nginguTaonga, ngineminyaka eyisithupha, nginoMwelwa, oneminyaka engu-8. Sihlala eZambia. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eZambia? Ingabe bangu-90 000, 152 000, noma bangu-196 000?
Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neZambia.
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IZIMPENDULO ZEMIBUZO
- Iladi esigcawini 3.
- Ubulembu besicabucabu esigcawini 2.
- 152 000.
- C.