PHAPHAMA! Novemba 2012 | Ungaphumelela Njengomzali Ongayedwa!
Yini eye yasiza abazali abangabodwa ukuba baphumelele emsebenzini wabo onzima?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ungaphumelela!
Emhlabeni wonke, abazali abangabodwa bakhulisa abantwana babo ngokuphumelelayo. Funda lokho abakushoyo.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Cela Usizo
Ungabathola kanjani abantu abangakusekela ngezikhathi odinga ngazo usizo?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Khuluma Kahle Nezingane Zakho
Iziphi izimiso ezingakusiza ugcine imizila yokukhulumisana ivulekile phakathi kwakho nezingane zakho?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Hlela Izinto Eziza Kuqala
Thola ukuthi iziphi izinto ezibaluleke ngempela bese uzibeka endaweni yokuqala.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Beka Imingcele Ecacile
Ukubekela abantwana imingcele kungaba inselele. Ungakwenza kanjani ngokuphumelelayo?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Beka Izindinganiso Ezinhle Zokuziphatha
Izimiso zeBhayibheli zingakusiza kanjani ukuba ufundise abantwana bakho izindinganiso zokuhle?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Thembela Osizweni LukaNkulunkulu
Ingabe uNkulunkulu ukukhathalela ngempela njengomzali ongayedwa? Funda indlela abaningi ababubona ngayo ubuhle bukaNkulunkulu.
INGABE KWAKLANYWA?
I-Haltere Lempukane
Wake wazibuza ukuthi kungani kunzima kangaka ukubamba impukane? Funda lokho okuye kwatholwa ososayensi.
IBhayibheli—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 7
IBhayibheli libikezela ukuphela kwabo bonke ububi. Lokhu kuyokwenzeka kanjani futhi nini?
I-Common Loon—Inyoni Enemisindo Ethakazelisayo
Wake wakuzwa yini ukukhala kwe-loon? Funda okwengeziwe ngokukhala kwawo okunhlobonhlono.
INTSHA IYABUZA
Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka?
Funda ngezimbangela eziyinhloko zokucindezeleka nokuthi iziphi izinyathelo ongazithatha ukuze ubhekane nazo.
INDABA YOKUPHILA
Abazange Bangidele
Yini eyasiza indoda eyayithanda utshwala nokulwa ukuba ishintshe ukuphila kwayo?
UMBONO WEBHAYIBHELI
Ukubukisa—Ingabe Kuyazuzisa?
Ingabe ufuna abangane abakuthandela lokho onakho noma lokho oyikho?
Ochwepheshe Benkathi Ephakathi Bezobunjiniyela
Yaqala nini ukusetshenziswa imishini yobuchwepheshe eklanywe ngendlela yokuba izilawule? Impendulo ingase ikumangaze.
Isihluthulelo Sokuqonda IBhayibheli
Ukuhlola iBhayibheli ngokwezihloko kungasiza kwenze izimfundiso zalo eziyisisekelo zicace. Kanjani?
Ukubuka Okwezwe
Okunye okukhulunywa ngakho: Ukulimala ekhanda emdlalweni kanobhutshuzwayo, izingozi zezimoto ezihamba ngogesi nophethiloli nezindleko ezibangelwa izinhlekelele zemvelo.
Ukubukeza Komkhaya
Kule nyanga funda ngendalo kaNkulunkulu, indlela uJonathani avikela ngayo uDavide nangoFakazi BakaJehova eMyanmar.