PHAPHAMA! Januwari 2014 | Ingosi Eyingqayizivele
Ungathanda yini ukwazi iBhayibheli kangcono noma ukuthuthukisa ukuphila komndeni wakho? Ingabe ungumuntu omusha ofuna izeluleko? Ingosi yethu esemthethweni inokuthile okuwusizo kuwo wonke umuntu.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ingosi Eyingqayizivele
Jwayelana nengosi yethu futhi ubone ukuthi wena nomndeni wakho ningazuza kanjani ekuhlakanipheni okungaphelelwa yisikhathi okuseBhayibhelini.
Ukubuka Okwezwe
Okukhulunywa ngakho kuhlanganisa: amalungelo ezingane emazweni ase-Afrika eseningizimu yeSahara, ukwesaba ukuhlukunyezwa kuyi-Internet e-Italy, nokwenyuka kwenani labantu abasha abenqaba ukukhushulelwa ezikhundleni eJapane.
INGXOXO NOTHILE
Isazi Sezinto Ezincane Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso
Ukuba yinkimbinkimbi kokwakheka kwengqamuzana okwamangaza ososayensi abaningi kwenza uFeng-Ling Yang, isazi sesayensi saseJapane, washintsha umbono wakhe ngendaba yokuziphendukela kwemvelo. Kungani?
USIZO LOMNDENI
Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga
Ukucindezela kontanga kungenza umuntu olungile enze izinto ezimbi. Yini okufanele uyazi ngakho, futhi ungabhekana kanjani nakho?
UMBONO WEBHAYIBHELI
Indalo
IBhayibheli lichaza “izinsuku” uNkulunkulu adala ngazo izinto eziphilayo. Ingabe lezi zinsuku zazingamahora angu-24?
AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela E-Italy
I-Italy yaziwa kakhulu ngomlando wayo omude, izindawo ezinhle nabantu abanobungane. Funda okwengeziwe ngaleli zwe nangomsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova kulo.
INGABE KWAKLANYWA?
Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini
Ubulwembu besicabucabu sasendlini buba namandla uma kudingeka kodwa bube ntekenteke uma kudingeka. Thola ukuthi lokhu kwenzeka kanjani futhi kungani kwenzeka.