Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingosi Eyingqayizivele

Ingosi Eyingqayizivele
  • FUNDA iBhayibheli ngezilimi ezingaba ngu-50 nezincwadi ezifundisa ngeBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-500.

  • BUKELA ama-video olimi lwezandla ngezilimi ezingaba ngu-70.

  • NGENA engosini etholakala ngamakhulu ezilimi.

  • LALELA amadrama aphathelene nezindaba ezijabulisayo eziseBhayibhelini.

  • ZIBONE ngokoqobo izigameko eziseBhayibhelini ngosizo lwezindaba ezilandiswa ngezithombe.

  • BUKELA amadrama eBhayibheli nama-video azokusiza ukuba ubhekane nezinselele zokuphila.

  • DAWUNILODA ama-e-books, izihloko zikamagazini, izinto ezilalelwayo, konke lokhu mahhala.

  • CWANINGA ngezihloko ezihlukahlukene usebenzisa i-ONLINE LIBRARY yeBhayibheli—umzila oholela engcebweni yolwazi, etholakala ngezilimi ezingaphezu kwekhulu.

 Abashadile

“Ngifuna ukuba izinto zihambe kahle emndenini wami. Muva nje, mina nomkami siye sabhekana nesikhathi esinzima, ikakhulu njengoba sesinabantwana. Siyaludinga usizo”

IBHAYIBHELI LITHI:

“Indlu iyokwakhiwa ngokuhlakanipha, futhi ngokuqonda iyokuma iqine.”—IzAga 24:3.

IZINGXENYE ZENGOSI EZIWUSIZO

Ingxenye ethi “Abashadile Nabazali” inganisiza ninqobe izinselele ezinjengalezi:

  • Ukuphumelela onyakeni wenu wokuqala nishadile

  • Ukusebenzelana nabasekhweni nabasemzini

  • Ukuyala izingane

  • Ukuphikisana

  • Ukubhekana nezinkinga zezimali

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > ABASHADILE NABAZALI)

Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya incwadi ekhuluma ngezihloko ezihlukahlukene eziphathelene nomndeni, kusukela ekulungiseleleni umshado lapho ungakashadi kuya ekunakekeleni abazali asebekhulile.

(Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > IZINCWADI NEZINCWAJANA)

 ABAZALI

“Ayikho into ebaluleke kakhulu kimi ukwedlula izingane zami. Ngifuna zikhule zibe abantu abadala engingaziqhenya ngabo”

IBHAYIBHELI LITHI:

“Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”—IzAga 22:6.

IZINGXENYE ZENGOSI EZIWUSIZO

Ingxenye ethi “Izingane” iqukethe izindaba zeBhayibheli ezilandiswa ngezithombe, ukufunda ngezithombe, ama-video nezifundo zeBhayibheli ezingakusiza ufundise izingane zakho ukuba . . .

  • zilalele

  • zibe nomusa

  • zihlale ngokuzwana

  • zifunde ukuthi “ngiyabonga”

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZINGANE)

Incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Funda KuMfundisi Omkhulu ziyizincwadi ezinhle kakhulu ezinemifanekiso ezenzelwe ukuba uzifunde nezingane zakho.

(Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > IZINCWADI NEZINCWAJANA)

 INTSHA

“Ngingafisa ukuthola amacebiso ngendlela yokusingatha izinkinga eziphathelene nesikole, abazali bami, abangane nabobulili obuhlukile. angiseyona neze ingane, ngakho angifuni umuntu ozongitshela ukuthi ngenzeni”

IBHAYIBHELI LITHI:

“Inhliziyo yakho mayikwenzele okuhle ezinsukwini zobunsizwa bakho.” —UmShumayeli 11:9.

IZINGXENYE ZENGOSI EZIWUSIZO

Ingxenye ethi “Intsha” inezihloko nama-video okungakusiza . . .

  • uma unesizungu

  • uma unezinkinga esikoleni

  • uma wephule umthetho wasekhaya

  • uma uxhashazwa noma uhlukunyezwa ngokobulili

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA)

IMiqulu 1 no-2 yethi Intsha Iyabuza —Izimpendulo Ezisebenzayo iphendula imibuzo engu-77 ebalulekile evame ukubuzwa yintsha.

(Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > IZINCWADI NEZINCWAJANA)

 KULABO ABAFUNA UKUQONDA IBHAYIBHELI

“Ngingathanda ukuqonda iBhayibheli. Yini okufanele ngiyenze?”

IBHAYIBHELI LITHI:

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa.”—2 Thimothewu 3:16.

IZINGXENYE ZENGOSI EZIWUSIZO

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele iyinguqulo yeBhayibheli enembile nefundeka kalula.

(Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > IBHAYIBHELI)

Ingxenye ethi “Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli” inikeza izimpendulo ezicacile zemibuzo efana nothi “Kungani uNkulunkulu avumela Ukuqothulwa Kwesizwe?” nothi “Wazalwa nini uJesu?”

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI)

Ikhasi elithi “Cela Isifundo SeBhayibheli Samahhala” likwenza ukwazi ukuzicelela isifundo seBhayibheli samahhala.

(Chofoza esihlokwaneni esithi “Cela Isifundo SeBhayibheli” ekhasini lokuqala)

“Ngavele ngayeka ukufunda iBhayibheli ngoba ngangingaliqondi. Kodwa ngathi ngingaqala ukulifunda ngisebenzisa incwadi ethi, ‘Lifundisani Ngempela IBhayibheli?’ ngamangala ukuthola ukuthi iBhayibheli lilula futhi licace kanjani.”—UChristina.

Usuku ngalunye, abantu abangaba ngu-700 000 bavakashela i-jw.org. Kungani ungakwenzi nawe?