AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela e-El Salvador
EMINYAKENI ecishe ibe ngu-500 edlule, lapho abaseSpain befika endaweni manje okuthiwa i-El Salvador, isizwe esasivelele kule ndawo sasiyibiza ngokuthi yi-Cuscatlán
Abantu base-El Salvador baziwa ngenkuthalo nokuba nobungane. Kanti babuye babe abantu abazilungele nabanenhlonipho. Abantu babingelelana ngenhlonipho ngaphambi kokuba baxoxe noma lapho bengena endaweni yebhizinisi, besebenzisa amazwi athi, “Buenos días” (usawubona wasekuseni) noma “Buenas tardes” (usawubona wantambama). Eqinisweni, abantu base-El Salvador abahlala emaphandleni nasemadolobheni amancane bakubheka njengokuba luhlaza ukungamnaki umuntu odlulayo nokungambingeleli.
Okunye kokudla abakuthanda kakhulu abantu bakuleli zwe yi-pupusa
INGABE BEWAZI? I-El Salvador iye yabizwa ngokuthi izwe lezintaba-mlilo. Kunezintaba-mlilo ezingaphezu kuka-20, ezinye zazo zisaqhuma nanamuhla. Impophoma okuthiwa i-Los Tercios yehla ematsheni aklelile anezinhlangothi eziyisithupha akheka ngenxa yentaba-mlilo.
KunoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-38 000 e-El Salvador, futhi bahlelwe baba amabandla angaba ngu-700. Baqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abangaba ngu-43 000 abakhuluma iSpanishi, isiNgisi noLimi Lwezandla Lwase-El Salvador.