PHAPHAMA! Julayi 2014 | Indlela Yokubhekana Nosizi Lapho Kugadla Inhlekelele

Lapho ubhekana nobunzima obukhulu, uyokwenzenjani?

Ukubuka Okwezwe

Izihloko zihlanganisa: indawo enenani eliphakeme labesifazane abaphuza kakhulu kunelamadoda, ukuchuma kwezinto eziphilayo endaweni engalindelekile, nezwe elikhokhela abantu ngegolide uma benciphisa umzimba.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Lapho Wehlelwa Inhlekelele

IBhayibheli lingakusiza ukwazi ukubhekana nesimo.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukulahlekelwa Yizinto Onazo

UKei walahlekelwa yikho konke ekuhlaseleni kwe-tsunami eJapane ngo-2011. Wathola usizo kubangane nasemnyangweni wosizo, kodwa amazwi eBhayibheli amsiza ngisho nangokwengeziwe.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukuwohloka Kwempilo

UMabel wayesebenza njengomelaphi owelapha ngokubhucunga umzimba. Nokho, ngemva kokukhishwa kwesimila esasisebuchosheni, kwadingeka abhekane nezinselele ezifanayo nalezo ayevame ukusiza iziguli zakhe ukuba zibhekane nazo.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukufelwa Othandekayo

Amalungu amahlanu omndeni kaRonaldo ashona lapho izimoto zishayisana eminyakeni engu-16 edlule. Nakuba esazizwa enesikhala esingavaleki, uye wakwazi ukuthola ukuthula kwangaphakathi.

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokubonisa Inhlonipho Lapho Uthumela Imiyalezo

Ingabe kuwukuba luhlaza ukuphazamisa ingxoxo ukuze nje ubheke umyalezo? Noma, ingabe kuwukuba luhlaza ukuwuziba ngoba nje ufuna ukuqhubeka nengxoxo?

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela E-Ireland

Sikwethulela abantu abanothando base-Ireland.

INGXOXO NOTHILE

Usosayensi Ocwaninga Ngezinto Zemvelo Uchaza Ngokholo Lwakhe

Amaqiniso amabili asemqoka enza uWenlong He waqiniseka ngokuthi uMdali ukhona.

UMBONO WEBHAYIBHELI

Inkolo

IBhayibheli liyachaza ukuthi kungani kunezinkolo eziningi kangaka.

INGABE KWAKLANYWA?

Inqubo Yokuzala Yeselesele Elifukamela Amaqanda Esiswini

Kungani isazi sokuziphendukela kwemvelo sithi, kunzima ukucabanga ngoshintsho olwenzeka kancane kancane endleleni eyakheke ngayo inqubo yokuzala yaleli selesele?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ngingazichaza Kanjani Izinkolelo Zami Mayelana Nocansi?

Uma ubuzwa ukuthi: ‘Awukaze ulale namuntu?’ ungakwazi yini ukuchaza izinkolelo zakho mayelana nocansi usebenzisa iBhayibheli?

Ngenzenjani Uma Abantu Behleba Ngami?

Ungayisingatha kanjani inhlebo ukuze ingakulimazi noma yone idumela lakho?

Ungakuyeka Kanjani Ukuhlehlisa Izinto?

Thola amacebiso okuyeka ukuhlehlisa izinto!

Abantu Abasha Bayakhuluma Ngemali

Thola amacebiso okuqongelela, ukusebenzisa nokugcina imali isendaweni yayo.

Umntwana UMose Uyatholwa

Obani la bantu abasesithombeni? Fundani indaba yeBhayibheli eku-Eksodusi isahluko 2 ukuze nithole ukuthi obani.