PHAPHAMA! Okthoba 2014 | Iyini Impumelelo Yangempela?
Ingabe isho ukulandela amaphupho akho? Ukubona zonke izifiso zakho zifezeka? Noma ingabe ingokuthile okujule kakhulu?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Iyini Impumelelo Yangempela?
Kunohlobo lwempumelelo olubi kakhulu kunokwehluleka.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?
Zihlole usebenzisa izinto ezine ezingase zenzeke.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Indlela Yokufinyelela Impumelelo Yangempela
Izinyathelo ezinhlanu ezingokoqobo ezingaholela empumelelweni yangempela.
Ukubuka Okwezwe
Okukhulunywa ngakho kuhlanganisa: izingozi zelobolo elincane elikhishwa abesifazane, imali etholwa abathumbi bemikhumbi kanye nebanga elindizwa izinyoni ezifudukayo.
USIZO LOMNDENI
Indlela Yokumelana Nesilingo
Ukukwazi ukumelana nesilingo kuwuphawu lokuba indoda noma owesifazane oqotho. Kunamacebiso ayisithupha angakusiza ekuqiniseni ukuzimisela kwakho futhi ugweme ukucindezeleka okubangelwa ukuhlulwa isilingo.
AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela EBelize
Leli zwe elincanyana linesiqiwi sokuqala emhlabeni esine-jaguar nezixhobo zamakhorali ezingezesibili ngobukhulu.
Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula
Amalulwane adla izithelo, abuye abizwe ngokuthi ama-flying fox, enza umsebenzi ongenakuqhathaniswa ekunakekeleni isimo somhlaba.