Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Kwa-Israyeli, EJordani NasePalestina

ULwandle Olufile luncipha ngesilinganiso esingaba imitha unyaka ngamunye. Abanye banovalo lokuthi leli chibi liyobe selishe ngokuphelele ngonyaka ka-2050. Iziphathi-mandla zifuna ikhambi. Okunye ezikucabangelayo ukudonsa amanzi oLwandle Olubomvu, ahlanzwe ukuze asetshenziswe umphakathi, bese kuthi asele anosawoti ahambe ngepayipi ayongena oLwandle Olufile. Abahlaziyi banovalo lokuthi leli cebo lizolimaza ezemvelo zasoLwandle Olufile.

EJalimane

Ngokocwaningo lwenkampani ethile yomshwalense, ngoKhisimusi kungena esibhedlela ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu abahlaselwa isifo senhliziyo kunangezinye izikhathi phakathi nonyaka. Le nkampani isikisela ukuthi ukwenyuka kwezinga lokucindezeleka ngesikhathi sokufunwa kwezipho zikaKhisimusi nokulindela komndeni nabangane izinto ezinkulu ngokweqile, yizona zimbangela eziyinhloko.

EBrithani

Ososayensi baseBrithani bamemezele ukuthi umnenke wasolwandle lwase-Iceland obekucatshangwa ukuthi wafa uneminyaka engaba ngu-405 ubudala, empeleni wawunengu-507 ngesikhathi ufa kungalindelekile ngo-2006. Lokhu kuwenza ube isilwane esiphile isikhathi eside kunazo zonke * ezaziwayo. Lo mnenke wafa ngesikhathi ososayensi bewufake esiqandisini ukuze bawuthuthele endaweni yabo yokwenza ucwaningo.

ELatin America NaseCaribbean

Engqungqutheleni eyayiseHavana, eCuba, ngasekuqaleni kwalo nyaka, izizwe ezingu-33 zaseLatin America namazwe aseCaribbean zimemezele ukuthi amazwe azo ‘ayindawo yokuthula’ ngokuvuma ukuxazulula izingxabano eziphakathi kwazo ngaphandle kwempi. Phakathi kwezihambeli zale ngqungquthela kwakukhona noNobhala-jikelele weNhlangano Yezizwe uBan Ki-moon.

^ isig. 7 Lapha inkulumo ethi “isilwane esiphile isikhathi eside kunazo zonke” ayihlanganisi izinto ezifana namakhorali, wona okucatshangwa ukuthi aphila izinkulungwane zeminyaka.