ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE UYAKULAWULA UKUPHILA KWAKHO?
Inselele: Izimo Ezingenakushintsha
INGABE ekuphileni kwakho uye wathikanyezwa isifo esingelapheki? isehlukaniso? ukushonelwa othandekayo? Lapho ubhekene nezimo ongenakuzishintsha, ungase uzizwe kungekho ongakwenza ngaphandle kokufisa ukuba lezo zimo zishintshe. Ungakwazi kanjani ukuphinde ulawule ukuphila kwakho?
ISIBONELO ESISEBHAYIBHELINI: UPAWULU
Umphostoli uPawulu wahamba amabanga amade njengesithunywa sevangeli sangekhulu lokuqala esishisekayo. Kodwa kwaphela lokho lapho eboshwa kungafanele futhi evalelwa endlini eqashwe isosha iminyaka emibili. Kunokuba anqotshwe ukudangala, uPawulu wagxila kulokho ayengakwenza. Wasebenzisa iBhayibheli ukuze asize futhi aduduze bonke ababezomvakashela. Waze wabhala ngisho nezincwadi eziningi manje eseziyingxenye yeBhayibheli.—IzEnzo 28:30, 31.
LOKHO OKWENZIWA U-ANJA
Njengoba kuveziwe esihlokweni esisekuqaleni, u-Anja uhlale esendlini. Uthi, “Umdlavuza uye washintsha yonke into ekuphileni kwami. Akumelwe ngizibeke engozini yokungenwa amagciwane, ngakho ukuya emsebenzini nokuzijabulisa izinto engingasazenzi.” U-Anja ubhekana kanjani nalezi zimo angenakuzishintsha? Uthi: “Ukuqhamuka nendlela entsha yokwenza izinto kwangisiza. Nganquma ukuthi iziphi izinto ezibalulekile eziza kuqala kimi, ngase ngenza isimiso esizovumelana nokulinganiselwa enginakho. Lokhu kuye kwangenza ngazizwa nginegunya elithile.”
“Ngiye ngafunda ukwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi ngikuziphi izimo.”—Amazwi kaPawulu akweyabaseFilipi 4:11
ONGAKWENZA
Uma ukuphila kwakho kubonakala kulawulwa izimo ongenakuzishintsha, zama lokhu:
-
Gxila kulokho okwazi ukukulawula. Ngokwesibonelo, ungase ungakwazi ukuyilawula ngokugcwele impilo yakho, kodwa ungakwazi yini ukuzivocavoca, udle ukudla okunomsoco futhi ulale ngokwanele?
-
Nquma ukuthi yini ofuna ukuyifinyelela ekuphileni. Thola ukuthi iziphi izinyathelo ezincane ongazithatha ukuze uyifinyelele. Zama ukusebenzisa okungenani isikhathi esincane usuku ngalunye ukuze ufinyelele imigomo yakho.
-
Yenza imisebenzi ekwenza uzizwe unegunya, ngisho noma imincane. Hlanza itafula lasekhishini ugeze nezitsha. Gqoka kahle. Qala ngokwenza imisebenzi ebaluleke kakhulu kusesekuseni.
-
Bheka izinzuzo ongase uzithole ngokwezimo obhekene nazo. Ngokwesibonelo, ingabe isimo obhekene naso sikwenza ube nombono obanzi ngezindlela ongabhekana ngazo nezinkinga? Ingabe ungawusebenzisa lowo mbono ekusizeni abanye?
Iphuzu Eliyinhloko: Ungase ungakwazi ukulawula izimo zakho, kodwa ungase ukwazi ukulawula indlela osabela ngayo kuzo.