Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

UJehova ‘Uqondise Izindlela Zami’

UJehova ‘Uqondise Izindlela Zami’

OMUNYE umzalwane osemusha wangibuza wathi, “Imuphi umBhalo owuthandayo?” Ngamphendula ngokushesha, ngathi, “YizAga 3, amavesi 5 no-6, athi: ‘Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.’” Ngempela uJehova uzenze zaqonda izindlela zami. Kanjani?

ISIQONDISO SABAZALI BAMI SANGIHAMBISA ENDLELENI EFANELE

Ngawo-1920 ngaphambi kokuba bashade, abazali bami bafunda iqiniso. Ngazalwa ekuqaleni kuka-1939. Ngisewumfana omncane eNgilandi, ngangiya nabazali bami emihlanganweni yobuKristu futhi ngisijabulela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Namanje ngisayikhumbula indlela engangizizwa ngayo lapho ngigibela phezu kwebhokisi ukuze ngibe mude ngokwanele ngingasithwa iphodiyamu lapho ngenza inkulumo yami yokuqala. Ngangineminyaka engu-6, ngifa uvalo njengoba ngibuka izilaleli esezikhulile.

Ngishumayela emgwaqweni nabazali bami

Ukuze ngishumayele, ubaba wangibhalela intshumayelo elula ekhadini ukuze ngiyisebenzise. Ngangineminyaka engu-8 lapho ngingqongqoza okokuqala emzini womuntu, ngihamba ngedwa. Ngajabula ngafa lapho umninikhaya efunda ikhadi lami futhi wayamukela ngaleso sikhathi incwadi ethi “Let God Be True”! Ngagijima ngehla ngomgwaqo ngayotshela ubaba. Inkonzo nemihlangano kwakungijabulisa futhi kwangisiza ngaba nesifiso sokukhonza uJehova ngokugcwele.

Amaqiniso eBhayibheli aqala ukungithinta ngokujulile ngemva kokuba ubaba engitholele INqabayokulinda eyayifika njalo. Ngangiwufundisisa umagazini ngamunye ofikayo. Ukumethemba kwami uJehova kwakhula, futhi lokho kwangenza ngazinikezela kuye.

Umndeni wakithi wawuyizihambeli emhlanganweni wesigodi wango-1950 eNew York othi “Ukwanda Kwenhlangano.” NgoLwesine, ngo-Agasti 3, isihloko sosuku sasithi “Usuku Lwezithunywa Zevangeli.” Ngalolo suku, uMfoweth’ uCarey Barber, kamuva owaba yilungu leNdikimba Ebusayo, wabeka inkulumo yobhapathizo. Lapho ebuza abazobhapathizwa imibuzo emibili ekupheleni kwenkulumo yakhe, ngasukuma ngathi, “Yebo!” Ngangineminyaka engu-11, kodwa ngabona ukuthi ngithathe isinyathelo esibalulekile. Nokho, ngangesaba ukungena emanzini ngenxa yokuthi ngangingakafundi ukubhukuda. Ubab’ omncane wangiphelezela ngesikhathi ngiya emanzini wangiqinisekisa ngokuthi konke kuzohamba kahle. Kwaba njengokusho kwakhe, kwavele kwashesha, izinyawo zami azithintanga ngisho phansi. Abazalwane badluliselana ngami; omunye wangibhapathiza, omunye wangikhipha emanzini. Kusukela ngalolo suku olubalulekile, uJehova waqhubeka eqondisa izindlela zami.

UKUKHETHA UKUTHEMBA UJEHOVA

Lapho ngiqeda isikole, ngangifuna ukuphayona, kodwa othisha bami babefuna ngiye eyunivesithi. Ngabalalela ngaya eyunivesithi; kodwa ngokushesha ngabona ukuthi kuyangehlula ukuhlala ngiqinile eqinisweni ngesikhathi esifanayo ngigxile ezifundweni zami, ngakho nganquma ukuyeka eyunivesithi. Indaba ngayiyisa kuJehova ngomthandazo, ngabe sengibhala incwadi yokwesula, ukuze ngihambe ekupheleni konyaka wokuqala. Ngimethemba ngokugcwele uJehova, ngokushesha ngaqala ukuphayona.

Ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele ngoJulayi 1957 edolobheni laseWellingborough. Ngacela abazalwane eBethel yaseLondon ukuba bangitshele ukuthi yimuphi umzalwane onesipiliyoni engingasebenza naye. UMfoweth’ uBert Vaisey uyena owayengiqeqesha, ukukhuthala kwakhe kwangisiza ngaba nemikhuba emihle enkonzweni yasensimini. Ebandleni kwakunodade abayisithupha asebekhulile, uMfoweth’ uVaisey kanye nami. Ukulungiselela yonke imihlangano nokuba nengxenye kuyo kwanginikeza amathuba amaningi okwakha ukwethembela kuJehova futhi ngibonise ukholo lwami.

Ngemva kokuchitha isikhashana ejele ngenxa yokunqaba ukuya empini, ngahlangana noBarbara, udade oyiphayona elikhethekile. Sashada ngo-1959, sasizimisele ukuya nomaphi lapho sabelwa khona. Ekuqaleni kwaba iLancashire enyakatho-ntshonalanga yeNgilandi. Kwathi ngoJanuwari 1961, ngamenyelwa eSikoleni Senkonzo SoMbuso eBethel yaseLondon esaba yinyanga eyodwa. Ngingalindele, sathi siphela leso sikole, ngabelwa umsebenzi wokujikeleza. Ngaqeqeshwa umbonisi wesigodi onesipiliyoni amaviki amabili edolobheni laseBirmingham, futhi uBarbara wavunyelwa ukuba angijoyine. Sabe sesibhekisa amabombo esabelweni sethu esifundeni saseLancashire naseCheshire.

UKWETHEMBELA KUJEHOVA AKUKAZE KUBE YIPHUTHA

Ngesikhathi siseholidini ngo-Agasti 1962, sathola incwadi evela ehhovisi legatsha. Yayinamafomu esicelo sokuya eSikoleni SaseGileyadi! Ngemva kokuthandaza ngale ndaba, mina noBarbara sawagcwalisa ngokushesha lawo mafomu sawabuyisela emuva ehhovisi legatsha. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu, salibhekisa eBrooklyn, eNew York, siya ekilasini lesi-38 laseGileyadi, imfundo engokwasezulwini eyayizothatha izinyanga eziyishumi.

EGileyadi asifundanga nje ngeZwi likaNkulunkulu nangenhlangano kuphela, kodwa safunda nangobuzalwane bethu. Nakuba sasineminyaka eko-20, safunda okuningi kwesasinabo ekilasini. Kwakuyilungelo ukusebenza usuku nosuku noMfoweth’ uFred Rusk, owayengomunye wothisha bethu. Isifundo esibalulekile asigcizelela kwakuyisidingo sokukhipha iseluleko esilungile ngaso sonke isikhathi, okusho ukuthi, iseluleko kumelwe sisekelwe ngokuqinile emiBhalweni. Phakathi kwalabo ababeka izinkulumo ekilasini kwakukhona nabazalwane abamnkantsh’ ubomvu okuhlanganisa uNathan Knorr, uFrederick Franz, noKarl Klein. Safunda lukhulu esibonelweni sokuthobeka sikaMfoweth’ u-A. H. Macmillan, owabeka inkulumo eyasenza sasiqondisisa kahle isiqondiso sikaJehova phakathi novivinyo kusukela ngo-1914 kuya ekuqaleni kuka-1919!

UKUSHINTSHWA KWESABELO

Ngasekupheleni kwekilasi, uMfoweth’ uKnorr watshela mina noBarbara ukuthi sabelwe ukuyokhonza eBurundi e-Afrika. Ngokushesha saya emtapweni wezincwadi waseBethel, sayofuna i-Ncwadi Yonyaka ukuze sibone ukuthi iBurundi yayinabamemezeli abangaki ngaleso sikhathi. Samangala kakhulu lapho sithola ukuthi ayengekho amanani alelo zwe! Sasiya ensimini engakaze isetshenzwe, esezwekazini esasazi okuncane ngalo. Savele saheqwa uvalo! Umthandazo osuka enhliziyweni walunciphisa.

Esabelweni sethu esisha konke kwakuhlukile kulokho esasikujwayele—isimo sezulu, amasiko nolimi. Manje kwase kudingeka sifunde isiFulentshi. Sabuye sabhekana nenselele yokuthi sasingazi ukuthi sizohlalaphi. Ngemva kwezinsuku ezimbili sifikile, omunye esasinaye eGileyadi, uHarry Arnott, wadlula kithi ngesikhathi ebuyela esabelweni sakhe eZambia. Wasisiza sathola indawo yokuhlala, eyaba ikhaya lethu lokuqala lezithunywa zevangeli. Kodwa ngokushesha, saqala ukushushiswa izikhulu zikahulumeni zendawo, ezazingazi lutho ngoFakazi BakaJehova. Kwathi lapho nje sesiqala ukujabulela isabelo sethu, izikhulu zasitshela ukuthi sasingeke sikwazi ukuqhubeka sihleli uma singenayo imvume yokusebenza esemthethweni. Ngokudabukisayo, kwadingeka sihambe futhi siyojwayela elinye izwe, kulokhu kwaba i-Uganda.

Ukuthembela kuJehova kwehlisa ukwesaba njengoba sasiya e-Uganda singenayo i-visa. Umzalwane waseCanada owayekhonza lapho kunesidingo khona e-Uganda wakwazi ukuchaza isimo sethu esisebenzini somnyango wabokufika futhi sanikezwa izinyanga ezimbalwa zokuba sifake isicelo sokuba izakhamuzi ezisemthethweni. Ukulunga kwalesi simo kwasenza sabona ukuthi uJehova wayesisiza.

Izimo kulesi sabelo esisha zazihluke kakhulu kunezaseBurundi. Umsebenzi wokushumayela wawusuvele usuqaliwe, nakuba kwakunoFakazi abangu-28 kuphela ezweni lonke. Ensimini sathola abaningi ababekhuluma isiNgisi. Kodwa sasheshe saqaphela ukuthi ukuze sisize abathanda ukufunda iBhayibheli bathuthuke, kwakudingeka okungenani sifunde ulimi olulodwa lomdabu ezilimini eziningi. Saqala ukushumayela endaweni yaseKampala, lapho kwakukhulunywa khona kakhulu ulimi lwesiLuganda, ngakho sakhetha ukugxila kulolo limi. Kwasithatha iminyaka eminingi ukulukhuluma kahle, kodwa kwaba nomthelela omuhle kakhulu enkonzweni yethu! Saqala ukuqonda kangcono ukuthi yini abantu esasibafundela iBhayibheli ababedinga ukuyazi. Bona base besithululela izifuba, basitshela indlela ababezizwa ngayo ngalokho ababekufunda.

UHAMBO OLUHLUKAHLUKENE

Phakathi nohambo lwethu lokufuna e-Uganda

Injabulo yethu yokuthola abantu abathobekile abamukela iqiniso yanezelwa elinye ilungelo esasingalilindele lokukhonza emsebenzini wokujikeleza ezweni lonke. Siqondiswa igatsha laseKenya, sahamba izwe lonke sihlola izindawo lapho kwakudingeka khona kakhulu amaphayona akhethekile. Ezikhathini eziningi basamukela kahle kakhulu abantu ababengakaze bahlangane noFakazi. Basenza sazizwa samukelekile futhi basilungiselela ngisho nokudla.

Kwalandela olunye uhambo olwaluhlukile. Ngisuka eKampala, ngahamba izinsuku ezimbili ngesitimela esasiya kuyitheku iMombasa eyayiseKenya, ngaqhubeka ngomkhumbi oya eSeychelles, isiqhingi esise-Indian Ocean. Kamuva, kusukela ngo-1965 kuya ku-1972, uBarbara wangijoyina ekuhambeleni iSeychelles. Phakathi naleso sikhathi, kwakunabamemezeli ababili kuphela ababehlala ezindaweni eziqhelelene, kodwa ngokuhamba kwesikhathi baba iqembu, bagcina sebeyibandla. Olunye uhambo lwangiyisa kubafowethu base-Eritrea, e-Ethiopia naseSudan.

Emuva e-Uganda, ngokushesha kwaba noshintsho kwezepolitiki ngemva kokuba amasosha egumbuqele uhulumeni. Iminyaka enzima kakhulu eyalandela yangikhumbuza ukuhlakanipha kokulalela umyalo othi “buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari.” (Marku 12:17) Kunesikhathi lapho kwadingeka ukuba bonke abantu bokufika bayobhalisa esiteshini samaphoyisa esiseduze namakhaya abo. Salalela ngokushesha. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngesikhathi sidlula eKampala, amaphoyisa omshoshaphansi eza kimi nakwesinye isithunywa sevangeli. Sathuka soma! Basisola ngokuthi siyizimpimpi, basithatha basiyisa esiteshini esikhulu samaphoyisa lapho sachaza khona ukuthi siyizithunywa zevangeli ezinokuthula. Sabachazela ukuthi sase sibhalisile esiteshini samaphoyisa, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Basibopha futhi basiyisa esiteshini samaphoyisa esasiseduze nekhaya lezithunywa zevangeli. Kwathi gidi lapho unobhala esasibhalise kuye ekuqaleni esibona futhi watshela unogada ukuba asikhulule!

Ngalezo zinsuku, sasijwayele ukubhekana nezikhathi ezinzima lapho amasosha esivimba emgwaqweni, ikakhulukazi lapho sivinjwa amasosha asuke ephuze kakhulu. Nokho, sasithandaza isikhathi ngasinye futhi sizole, babesivumela ukuba sidlule ngokuphepha. Ngokudabukisayo, ngo-1973 zonke izithunywa zevangeli ezivela kwamanye amazwe kwathiwa azihambe e-Uganda.

Ngenza amakhophi e-Nkonzo Yethu YoMbuso, e-Abidjan, egatsheni laseCôte d’Ivoire

Saphinde sashintshwa isabelo, kulokhu saya eCôte d’Ivoire, eNtshonalanga ye-Afrika. Lokhu kwaba ushintsho olukhulu kithi: ukufunda isiko elisha, ukukhuluma isiFulentshi njalo nokufunda ukuhlala nezithunywa zevangeli ezivela ezizindeni ezingafani! Saphinda futhi sabona indlela uJehova asiqondisa ngayo njengoba abantu abathobekile nabanezinhliziyo eziqotho beshesha ukwamukela izindaba ezinhle. Sayibona indlela ukuthembela kuJehova okwaziqondisa ngayo izindlela zethu.

Kwathi kusenjalo, kwatholakala ukuthi uBarbara unekhensa. Sabuyela ekhaya eYurophu izikhathi eziningi ukuze ayolashwa ngokukhethekile, kodwa ngo-1983 kwaba sobala ukuthi sasingeke sisakwazi ukuqhubeka nesabelo sethu e-Afrika. Lokhu kwasidumaza kakhulu!

UKUSHINTSHA KWEZIMO

Ikhensa kaBarbara yaqhubeka iba yimbi nakakhulu ngesikhathi sisakhonza eBethel yaseLondon, futhi wagcina eseshonile. Umndeni waseBethel wangisekela kakhulu. Enye indoda nomkayo bangisiza ngakwazi ukwamukela isimo futhi ngaqhubeka ngithembela kuJehova. Kamuva, ngahlangana nodade ofika izikhathi ezithile eBethel owake waba iphayona elikhethekile futhi omthanda kakhulu uJehova. Mina no-Ann sashada ngo-1989, futhi sakhonza eBethel yaseLondon kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje.

Ngime no-Ann phambi kweBethel entsha yaseBrithani

Kusukela ngo-1995 kuya ku-2018, ngajabulela ilungelo lokukhonza njengommeleli wendlunkulu yomhlaba wonke (owayaziwa ngokuthi umbonisi wamagatsha), ngivakashela amazwe ahlukahlukene angaba ngu-60. Ezweni ngalinye, ngabona ukufakazi obungokoqobo bendlela uJehova abusisa ngayo izinceku zakhe ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene.

Ngo-2017 ngathola ithuba lokubuyela e-Afrika. Kwaba injabulo ukubonisa u-Ann iBurundi, yasimangaza nakakhulu intuthuko eyase yenzekile kuleyo nsimu! Kuwo kanye umgwaqo engangishumayela kuwo endlini ngendlu ngo-1964, sekuneBethel enhle enakekela izidingo zabamemezeli abangaphezu kuka-15 500.

Ngajabula kakhulu lapho ngithola amagama ezindawo engizozivakashela ngo-2018. Kulawo magama kwakukhona neCôte d’Ivoire. Lapho sifika e-Abidjan, inhloko-dolobha, kwakungathi ngibuyela ekhaya. Ngaqaphela ukuthi ohlwini lwezinamba zabasebenza eBethel, kunomzalwane engangimazi owayehlala eduze kwendlu yezivakashi esasihleli kuyo, uMzalwane uSossou. Ngakhumbula ukuthi wake wakhonza njengombonisi wedolobha ngesikhathi ngisase-Abidjan. Kodwa ngangenze iphutha. Kwangungomunye uSossou—indodana yakhe.

UJehova usigcinile isithembiso sakhe. Phakathi nabo bonke ubunzima obuhlukahlukene engabhekana nabo, ngiye ngabona ukuthi lapho sithembela kuJehova, uzenza ziqonde ngempela izindlela zethu. Manje silangazelela ukulandela indlela engenasiphelo ezokhanya nakakhulu ezweni elisha.—IzAga 4:18.